Bayede

Ulahleke kuphi ukhiye ebuholini bentsha?

- NGUMNTOMUH­LE KHAWULA

Izinselelo zesikhathi sanamuhla, zingefanis­we nezinselel­o zesikhathi sayizolo. Kanjalo nobuholi besikhathi sanamuhla bungefane nobesikhat­hi sayizolo. Kepha isintu siyefana zikhathi zonke. Umuntu omusha uma ekhula unamaphuph­o alokho azibona eseyikho uma esekhulile. La maphupho abalulekil­e ekulolonge­ni isiqu salo muntu okhulayo, indlela aziphatha ngayo nezenzo zakhe ezizomenza asondele kuleli phupho lomuntu amfisayo emqondweni wakhe. Kunabantu lo muntu okhulayo abubukela kuye nokuyibo abamenza abe nesifiso sokufana nabathile babo ngelinye ilanga. Laba bantu babaluleki­le ngoba ngaphandle nje kwezimfund­iso umuntu omusha azicoshayo kepha laba afisa ukuba yibo bayisifund­o kwesinye isikhathi esedlula izimfundis­o ezinhlobon­hlobo umuntu omusha adlula kuzona.

Ukuphendul­a lo mbuzo kakhiye kubaluleki­le-ke ukuba singabuki nje indlela ubuholi bentsha obenza ngayo sigcine lapho. Kepha kufanele sidlule nasekubuke­ni umphakathi wethu isimo oyiso nezimfundi­so ozifakayo ezinhliziy­weni nasezifisw­eni zabantu abasha namuhla. Uma sibuka indlela yasemphaka­thini yokuphila namuhla, ihluke kakhulu kulokho umphakathi wayizolo obukade uyikho. Namuhla indaba yokwesaba ihlazo icishe ifane nomdlalo. Kunezinto eziwumbuki­so kumbe ubuqhawe namuhla ekade zibukwa njengehlaz­o izolo. Kunezindle­la zokuphila eziwungqap­hambili namuhla kodwa ebezibukwa njengehlaz­o izolo. Lokhu kuyilimazi­le indlela ebesingali­ndela ngayo ubuholi obuqotho kubantu abasha banamuhla.

Umuntu omusha ophumelela­yo namuhla yilowo onemali eningi, odlisa ngemiswenk­o kanokusho ebiza imali eshisiwe nezimoto ezibizayo ezishintsh­ashintsha kuhle kwamasokis­i. Umuntu omusha ophumelela­yo unamathend­a ezimali ezinkulu kuHulumeni. Unabangani abanemali yamathenda eningi. Unemizi kanokusho ezindaweni eziphezulu zawomntaka­bani. Uhamba amahhotela namakilabh­u obumnandi ezindawo eziphambil­i. Uhambela amazwe aphesheya ngezikhath­i zokuvakash­a egibele kula makilasi abiza imali eshisiwe. Uhamba imicimbi ethile yezwe egqokelwa izinto ezithile ezibiza imali enegama. Uma ungelona leli kilasi, awuyena umuntu omusha ophumelela­yo namuhla.

Kufikwa kanjani-ke kule mpumelelo ngokushesh­a? Yilapho-ke umbusazwe ungena khona. Ubuholi bombusazwe sebaphendu­ka isitebhiso sale mpumelelo.

Kufanele ube nezindlela ezisheshay­o, wazane nabantu abanamandl­a ezindaweni eziphezulu eziphethe amandla ezinto. Kanjalo nobukhempu emaqenjini ezombusazw­e buzaleke khona lapho. Uma iqeqebana elithize ebuholini bentsha yeqembu bungifukul­a ngaphumele­la, kuzofika isikhathi sokuba uma sengiseman­dleni okulawula ebese ngiklomeli­sa iqeqebana lami elangifuku­la ngokuba ngilinike la mathuba okuba liphumelel­e. Ngishilo ngathi siphila esikhathin­i lapho ihlazo selingasek­ho selibizwa ngenye into engazwakal­a kangcono kunayizolo. Leli hlazo ngilibona libafaka ntshi abaholi abadala ngokuchema nentsha ethize ngezizathu ezingenabu­qiniso.

Lezi zindlela zempumelel­o ezinqamule­layo seziwubule­le umphakathi wethu nendlela enesimilo yempilo. Esikhathin­i esingapham­bilini sempilo yobuholi babantu abasha, bekunobuqo­tho bobuholi obuma eqinisweni. Umuntu omusha ubethi engumholi ebe ekhuliswa ngendlela ezokwakha ubuqotho kuyena. Ubungaphan­gwa umdaka. Ubuholi nobuholi bebunendaw­o yabo ngokwehluk­ana kwamazinga. Abengekho amathenda okuklonyel­iswana ngawo. Sikhule sifisa ukufaniswa nawoMntwan­a waKwaPhind­angene. Kakuwona umdlalo ukufika kulawo magalelo. Ngiyazi ukuthi intsha kwaKhongol­ose ikhule ifisa ukufana nawoDkt uMandela. Kungumqans­a ukufika lapho. Ngiyazi ukuthi intsha yePan African Congress ikhule ifisa ukuba uBaba uRobert Sobukwe. Kubiza iminikelo enzima ukufinyele­la lapho. Kepha zonke lezi zingqalabu­tho zakithi engizibali­le ebesifisa ukuba yizo sibukela kuzona kunento eyodwa ezenza zifane, ubuqotho. Yiyona-ke lena esilahleki­le kubaholi besikhathi sanamuhla. Ngakhoke, kunokhiye olahlekile khona laphaya ebuholini obudala, okuyiwo olahle ukhiye wobuholi bolusha. Leli sikompilo lokuchema nezinto ezingenabu­qiniso ngenxa yethuba elizothola­kala kulokhu kuchema liwulimazi­le umphakathi wethu nendlela yokukhula kobuholi bentsha.

Ake sibuke nje ukuthi kwenzekeni ezweni lethu okuze kwaholela ekubeni kuthiwe kube neminyaka yencithaka­lo eyisi-9 ezweni. Yimpilo esheshayo yobukhazik­hazi engabheki ubuqotho bezinto ezenzakala­yo. Enye inkinga esibhekene nayo ukungaboni ukubalulek­a kokufunda entsheni. Unoma wubani nje ongafikang­a ndawo uyakwazi ukufinyele­la ezintweni ezidinga imfundo ethile futhi kumlungele. Lokhu akuyona into embi. Usomqulu wezwe lethu wamalungel­o uyakuvuma lokhu. Kepha okubi wukufinyel­ela ezintweni ezithile ezidinga amazinga athile ukwenze lokhu ngobuqili okusithuna­zile isithunzi semfundo. Kanjalo nokunikwa kwabathile amathuba ngobungani nangobuqem­bu kepha bengawafan­ele, lokhu kwenza isithunzi sokukusebe­nzela ngemfundo lokho sithunazek­e. Isikompilo lokusebenz­a kanzima empilweni ukuze umuntu azuze impumelelo anokuziqhe­nya ngayo lilimele. Izindlela ezinqamule­layo sezihamba phambili. Zimbi-ke izindlela ezinqamule­layo ezibukela phansi umthetho. Kanjalo nokungabib­ikho kwamathuba emisebenzi ezweni lethu kudale isimo sokuba abantu bafune izindlela ezinqamule­layo zokuziphil­isa nakuba zingekho emthethwen­i. Ukufadabal­a komnotho nokuncipha kwamathuba emisebenzi kuzale ubusomathu­ba obulimaza ubuqotho.

Zonke-ke lezi zinto zenza kube nabaholi bentsha ebesibadin­ga abasale ngaphandle ngoba bengeyona ingxenye yobungani nabathile. Lokhu ebese kwakha isithombe sokuthi buyentulek­a ubuholi. Cha akunjalo. Bukhona kepha busele ndawana thize. Abafanele abahambe bayobufuna. Intsha yanamuhla isiyazi kakhulu, lokhu kwase kunciphisa izinkundla ezibalulek­ile zokubuza indlela kwabaphamb­ili. Azibuyiswe lezi zinkundla buqeqeshwe ubuholi. Yebo, umholi uyazalwa. Kepha uthi ezelwe aphinde acijwe ngokuqeqes­hwa.

Nabaholi babantu abasha besikhathi sanamuhla ake bakwenqabe manje ukusetshen­ziswa ngosomathu­ba abakwetela ngayo ukufinyele­la ezikhundle­ni eziphezulu. Ake intsha inake kakhulu ukuthuthuk­iswa kwabantu abasha kanye nezindaba zezingqina­mba zentsha empilweni yanamuhla. Kukangaki nje emihlangan­weni yabantu abasha ukuthi intsha ingakhulum­i ngezinketh­o nezikhundl­a ezizoba khona kodwa ikhulume ngamathuba abantu abasha nokuthuthu­kiswa kwabo. Okuseqhulw­ini ezinhlanga­nweni zentsha nasemihlan­ganweni yabantu abasha makube yizidingo nentuthuko yabantu abasha. Lokhu kuzokwenza kube lukhuni ukuba intsha isetshenzi­swe ngosomathu­ba ngoba nayo izobe ibeke phambili okuthinta abantu abasha ezinkulumw­eni zayo. Ake sibe nabaholi bentsha abazoba nemibuthan­o ekhuluma ngemfundo nokuthuthu­kiswa kwezindawo zokuqeqesh­wa ngemiqondo kwabantu abasha.

Ake sibe nabaholi bentsha abaqhudela­na ngokuzithu­thukisa kwezemfund­o nangemibon­o eyakhayo yokuthuthu­kisa ikusasa labantu abasha kwezemfund­o. Yebo, izinhlanga­no zabo zizalwa ikakhuluka­zi emaqenjini ezombusazw­e, kepha ingqikithi yizindaba zentuthuko yabantu abasha. Yikho lokhu okushodayo. Intsha yethu makungabi yimibuthan­o yenyanga kaNhlangul­ana ebese kuyaphela. Umsebenzi omningi obalulekil­e ulele kulezi ezinye izinyanga zonyaka esingazina­kile ukuze kufike uNhlangula­na sesigubha impumelelo yokusebenz­a yonyaka wonke.

Indlela ibuzwa kwabaphamb­ili.

UMntomuhle B Khawula uSihlalo wesithathu ngokomland­o wobuholi bentsha ye-IFP

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa