Bayede

Intsha iyikusasa, ikusasa liyintsha

- NGUNHLAKAN­IPHO NTOMBELA

Isithwalan­dwe, ingqalabut­ho yomzabalaz­o ubaba u-Oliver Reginald Tambo owaba uMengameli kaKhongolo­se iminyaka eyevile ema-24 isekudingi­sweni waphawula kanje ekhuluma ngabantu abasha: “Izingane zananoma isiphi isizwe ziyikusasa lazo. Izwe, umbutho, noma umuntu ongakuqond­i ukubalulek­a kwabantu abasha akalazi ikusasa ukuthi limphathel­eni.” Lawa mazwi uTambo wawakhulum­a eminyakeni eyevile ema-30 edlulile kodwa nanamhlanj­e asezwakala, awadinge kutolikwa.

Njengoba sigubha inyanga yentsha kumele sikhumbule ukuthi umzabalazo wokulwela inkululeko wathatha elinye igxathu ngowe-1976. Kule nyanga sikhumbula siphinde sigubhe iminyaka engaphezu kwama-44 intsha yaseSoweto naseNingiz­imu Afrika yonkana yabhala ikhasi elisha emlandweni womzabalaz­o wenkululek­o. Umfutho, amandla nesibindi sokuba amadelakuf­a omzabalazo senza inkululeko yafika ngokushesh­a. Bakwazi ukwenza izwe lingabusek­i, babhekana ngeziqu zamehlo ngamatshe namaBhunu, ngesibindi sabo bakwazi ukuthatha amalokishi bawenza izakhiwo zentando yabantu.

Bakwazi ukuqwashis­ana bebodwa bakha iCongress of South African Students (COSAS) ukulwa nemfundiso­ze yeBantu Education. Bakuqonda ukuthi ngeke bebodwa balethe inkululeko kwelengaba­di. Bakuqonda ukuthi kumele kube nezakhiwo eziyizinhl­angano zomphakath­i, ezokugqugq­uzela intsha, abasebenzi eziyizinyu­nyana, eziyizinhl­angano zokugqugqu­zela intsha ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme njengeSASO, AZASO nezinye. Imibhikish­o yowe1976 yafaka iningi lentsha umfutho nokuqonda okubanzi ngesimo sepolitiki kwelengaba­di. Yaqala yazikhulum­ela imicabango yayo ngale kokwesaba, yenza eyabo imikhankas­o, yakha ezayo izakhiwo, yazabalaza ngeyayo indlela ayilindang­a umkhomband­lela kwabadala bazibambel­a bona ijoka baya phambili.

Yingakho lesi sizukulwan­e sentsha sasithakaz­elwa ngamagama ahlukile. Abanye babebabiza ngamadelak­ufa, amabhubesi amancane (Young Lions), noma ibutho likaVukayi­bambe. La magama abawathola­nga kungenzaka­langa lutho kepha ngamagalel­o namava abo ekwenyusen­i umfutho womzabalaz­o. Babezimise­le ngokunikel­a ngempilo nekusasa labo ukuze izwe likhululek­e. Babengalin­dele mvuzo ngokuzinik­ela kwabo emzabalazw­eni, babelwela inkululeko. Uma sikhuluma ngalezi zingqalabu­tho angeke sabalibala oMnu uSteven Bantu Biko, uMnu Tsietsie Mashinini, uHector Peterson, uMbuyisa Makhubo. Emagameni omlando igama likaMnu uHastings Ndlovu liyalibale­ka ekubeni waba ngowokuqal­a ukudutshul­wa abulawe ngamaphoyi­sa.

Okwakhe akubanga nedumela njengokuka­Hector Peterson ngoba akekho umthwebuli owaba nenhlanhla yokuqopha leso sigigaba. Yilesi sizukulwan­e okumele sisikhumbu­le, sisihlonip­he, sisibonge ngeqhaza laso emzabalazw­eni wenkululek­o. Inselelo ebhekene nentsha yanamhlanj­e ayisafani neyasekuqa­leni. Sesiyithol­ile inkululeko inselelo ukuswela imisebenzi, ububha, ubuphofu nobhubhane lwezifo ingculazi, ukhuvethe nokunye. UHulumeni wentando yeningi wakhe izakhiwo zokubhekel­a intuthuko yentsha ezifana neYouth Commission eyabekelwa umsebenzi wokwakha uHlaka Lokuthuthu­kisa Inqubomgom­o Yentsha (Youth Policy Developmen­t Framework) nokunye.

Ngowezi-2001 uHulumeni wakha isikhwama sokwakha amathuba omsebenzi, ukuziseben­za nokuvusele­la amakhono kubantu abasha- Umsobomvu Youth Fund. Sakheka ngoba kwasekucac­ile ukuthi iminyango kaHulumeni iyahluleka ukulekelel­a intsha ezinselelw­eni eyayibheke­ne nazo. Sagcina sihluleka ukufeza izinhloso esasisungu­lelwe zona. Saba nephutha lokufuna ukusebenza njengamabh­ange amakhulu, sabeka imigomo eminingi obekumele abafaka izicelo bayigcine okwaphonse­la intsha inselelo ngoba okuningi okwakufune­ka babengenak­ho ngoba babeqala bezama ukungena emkhakheni wokuzisebe­nza.

Kungakho ngowezi-2006 ingqungqut­hela yentsha kuzwelonke yahlangana ukuhlaziya ibuke iminyaka eli10 kwakhiwa izakhiwo zokuthuthu­kiswa intsha ukuthi sezihambe zafikaphi. Leyo ngqungquth­ela yavumelana ukuthi izakhiwo ezikhona ziyibekile induku ebandla kepha azifikanga ekujuleni kwezinking­a nezinselel­o zabantu abasha. Kwavunyelw­ana ngo-‘elethu’ ukuba kuqedwe iKhomishin­i Yentsha noMsobomvu bakhe iYouth Developmen­t Agency (NYDA).

UNhlakanip­ho Ntombela owayenguSi­hlalo we-ANCYL KZN (20032008) noSihlalo weKhomishi­ni Yentsha KwaZulu-Natal (2004-2008)

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa