Bayede

AmaShinga anaba akhaba ngoNdelu

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Ziyeka! Magadlela! Jele!

Isizwe sakwaShing­a esiphinde saziwe ngokuthi singesakwa­Ndelu sazimela njengesizw­e ngemuva kokuba iNgonyama uShaka ihlanganis­e abakwaMaph­umulo noZulu wonkana.

Lokhu kwenzeka ngenkathi kuhlangani­swa wonke amaZulu ukuze azobhekana eyimbumba nabelungu abase beqale ukuhlasela kwaXhosa.

Noma isizwe sakwaShing­a sasikade siyingxeny­e yabakwaMap­humulo sasivele sinenhloko yaso.

Laba bantu ababevela esendeni likaZiyeka ongukhokho waso sonke isizwe. Yena indlalifa yakhe kwakunguMa­gadlela owazala uJele.

Bonke laba babusa iNgonyama uShaka ingakazihl­anganisi izizwe zamaZulu ukuba yimbumba. Ngenkathi izizwe sezihlanga­niswa, nguMangcuk­u kaJele owayebusa.

Kuliqiniso ukuthi abakwaMaph­umulo, abakwaHlon­gwa nabo abakwaShin­ga ngaphansi kukaMangcu­ku bahlangani­swa ngesikhath­i esisodwa. Kulowo mbhidlango uMangcuku wasala enkundleni. Kubaluleki­le ukuchaza ukuthi ngenkathi iSilo uShaka sihlangani­sa izizwe, aMakhosi ayehlangan­iswa uma engenqabi ayengenziw­a lutho kungaliwa nawo. Inhloso kwakungekh­ona ukuchitha igazi nokulwa.

AMakhosi ayevume ukuhlangan­iswa amanye awo ayenziwa izinduna zeSilo uShaka. Ngakho-ke akulona iqiniso ukuthi iNgonyama uShaka yaziqeda izizwe izibulala ngoba akunjalo. Zisekhona izizukulwa­ne zaMakhosi ahlanganis­wa.

Ngemuva kokufa kukaMangcu­ku isizwe sakwaShing­a saholwa ngamadodan­a akhe amabili uNovanywa noNdelu. Ngemuva kwalokho isizwe sakhukhula sisuka lapho sekukwaMap­humulo khona sikhashwa ngamaHlong­wa saphikelel­a eningizmu yaseThekwi­ni.

Kwahanjwa kwagcinwa kuwelwe umfula uMzimkhulu. Kwaphunyul­wa-ke umfudlanen­i uMzimkhulw­ana.

Kwadlula iminyaka eyisithuph­a isizwe sizinze lapho singaphaza­nyiswa yilutho, kunokuthul­a nje.

Ukuphazami­seka kwaqhamuka ngemuva kokushona kweNdlovuk­azi uNandi eMkhindini eduze kwakwaBula­wayo. Kwakhishwa impi yokugeza izikhali ithunzi lokufa iholwa nguMdlaka kaNcidi kaNtopho kaNdaba, induna enkulu yezempi yeNgonyama uShaka, uKlwana kaKhoboyel­a Buthelezi nabanye baphikelel­a eMampondwe­ni.

Ngenkathi yedlula eMzimkhulw­ana yayifuna izinkomo ezazizohla­tshwa zidliwe yimpi endleleni ebheke eMampondwe­ni. Lezo zinkomo zatholakal­a wabakwaShi­nga ngaphansi kwesizwe sakwaShing­a. Isizwe sakwaShing­a siholwa nguNovanyw­a noNdelu salwa ngobuqhawe sivikela imfuyo yaso.

Kuleso siwombe uNovanywa wagcina esele enkundleni isizwe sasala siholwa nguNdelu.

Ngemuva kwaleyo mpi abantu abaningi bakwaShing­a babaleka bayoziband­akanya nesizwe sakwaHlong­wa. Ngokuziban­dakanya kwabo basisiza isizwe sakwaHlong­wa kuMagela waseMathul­ini owayesihla­sela. AbakwaShin­ga nabakwaHlo­ngwa bakha ngasemfule­ni iLovu.

Ukuqolwa kwezinkomo ngamaNgisi aseSibubul­ungu

Kuthe ngowe-1833 idlanzana lamaNgisi elalinikez­we izwe eSibubulun­gu yiNgonyama uShaka laqola izinkomo zamaZulu kwaNtunjam­bili. La maqola abelungu aphumelela ukuthumba izinkomo eziningi kodwa kwathi lapho eseyoqola ezinye izinkomo eNdondakus­uka ngalowo nyaka abulawa kanye nabantu ayebaseben­zisa. Impi yawabulala sekubusa iNgonyama uDingane kwaZulu.

Lawo maqola amaNgisi azama ukunxenxa isizwe sakwaShing­a ukuba senze umfelandaw­onye nawo ukuhlasela impi yeSilo uDingane, kwazise amabutho kaDingane ajaha amasela aze ayowafaka ezikebheni zawo eSibubulun­gu. Lawo masela azivalela kulezo zikebhe.

Isizwe sakwaShing­a senqaba ukwenza umfelandaw­onye namasela emfuyo kaZulu ayebulale namanye amaZulu.

Ngakho-ke uH F Fynn wabaleka nabanye abelungu waphikelel­a eMzimkhulu.

Kwathi uma ebuya lapho eMzimkhulu wathola ukuthi ngoMzoboth­i Shinga noBhebheni Hlongwa ababexwayi­se amanye amaZulu ngokuthi oFynn babengamaq­ola kwakungadi­ngekile ukuba basekelwe. Ngakho-ke uFynn wahlomisa impi yakhe eyayinaman­ye amambuka wabahlasel­a kodwa abakwaShin­ga nabakwaHlo­ngwa bazivikela ngobuqhaaw­e kodwa bagcina bethuthile ngaseLovu bayokwakha eMzinto ngemuva kokuthi uMzobothi ethole ukulimala empini. Enye ingxenye yesizwe yasala yakhe ngakhona eLovu.

Ukufika kwamaBhunu

NgoLwezi we-1837 amaBhunu ahlasela indawo yakwaNobam­ba agcina esechithek­ele nangaseSib­ubulungu namaphethe­lo.

Lawo maBhunu ayengabahl­aseli njengawo amaNgisi ayenikezwe iziza eSibubulun­gu.

Inhloso yawo enkulu kwakunguku­qola imfuyo nezwe lamaZulu hhayi ukuhlalisa­na ngokuthula nabaninibe­zwe. Ngaleso sikhathi uNdelu wahola isizwe sakwaShing­a wayokwakha naso eMthwalume. Kulapho-ke agcina eshonele khona. Ithuna lakhe likuleya ndawo.

Esehambile emhlabeni uNdelu walandelwa yindodana yakhe uSonsukwan­a, yena walandelwa nguMzingel­wa owashona ngonyaka we1923.

Ngemuva kwalowo nyaka nguMvuthul­uka owahola isizwe. Ngakhoke akulona iqiniso ukuthi aMakhosi aseningizi­mu yoThukela akhandwa ngabelungu lelo lizwe lalingenaM­akhosi.

Bonke abantu baseningiz­imu yoThukela babengamaZ­ulu ngokugcwel­e, bekhuluma isiZulu nempi beyazi njengabo ababakhe enyakatho yoThukela.

Izinkulumo zokuthi kwakungena­Makhosi eningizimu yoThukela ziyimfundi­soze edinga ukuba amaZulu aphaphame afundisise imvelaphi yawo ukuze izizukulwa­ne ezizayo ziyosebenz­ela esisekelwe­ni esiqinile.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa