AmaShinga anaba akhaba ngoNdelu
Ziyeka! Magadlela! Jele!
Isizwe sakwaShinga esiphinde saziwe ngokuthi singesakwaNdelu sazimela njengesizwe ngemuva kokuba iNgonyama uShaka ihlanganise abakwaMaphumulo noZulu wonkana.
Lokhu kwenzeka ngenkathi kuhlanganiswa wonke amaZulu ukuze azobhekana eyimbumba nabelungu abase beqale ukuhlasela kwaXhosa.
Noma isizwe sakwaShinga sasikade siyingxenye yabakwaMaphumulo sasivele sinenhloko yaso.
Laba bantu ababevela esendeni likaZiyeka ongukhokho waso sonke isizwe. Yena indlalifa yakhe kwakunguMagadlela owazala uJele.
Bonke laba babusa iNgonyama uShaka ingakazihlanganisi izizwe zamaZulu ukuba yimbumba. Ngenkathi izizwe sezihlanganiswa, nguMangcuku kaJele owayebusa.
Kuliqiniso ukuthi abakwaMaphumulo, abakwaHlongwa nabo abakwaShinga ngaphansi kukaMangcuku bahlanganiswa ngesikhathi esisodwa. Kulowo mbhidlango uMangcuku wasala enkundleni. Kubalulekile ukuchaza ukuthi ngenkathi iSilo uShaka sihlanganisa izizwe, aMakhosi ayehlanganiswa uma engenqabi ayengenziwa lutho kungaliwa nawo. Inhloso kwakungekhona ukuchitha igazi nokulwa.
AMakhosi ayevume ukuhlanganiswa amanye awo ayenziwa izinduna zeSilo uShaka. Ngakho-ke akulona iqiniso ukuthi iNgonyama uShaka yaziqeda izizwe izibulala ngoba akunjalo. Zisekhona izizukulwane zaMakhosi ahlanganiswa.
Ngemuva kokufa kukaMangcuku isizwe sakwaShinga saholwa ngamadodana akhe amabili uNovanywa noNdelu. Ngemuva kwalokho isizwe sakhukhula sisuka lapho sekukwaMaphumulo khona sikhashwa ngamaHlongwa saphikelela eningizmu yaseThekwini.
Kwahanjwa kwagcinwa kuwelwe umfula uMzimkhulu. Kwaphunyulwa-ke umfudlaneni uMzimkhulwana.
Kwadlula iminyaka eyisithupha isizwe sizinze lapho singaphazanyiswa yilutho, kunokuthula nje.
Ukuphazamiseka kwaqhamuka ngemuva kokushona kweNdlovukazi uNandi eMkhindini eduze kwakwaBulawayo. Kwakhishwa impi yokugeza izikhali ithunzi lokufa iholwa nguMdlaka kaNcidi kaNtopho kaNdaba, induna enkulu yezempi yeNgonyama uShaka, uKlwana kaKhoboyela Buthelezi nabanye baphikelela eMampondweni.
Ngenkathi yedlula eMzimkhulwana yayifuna izinkomo ezazizohlatshwa zidliwe yimpi endleleni ebheke eMampondweni. Lezo zinkomo zatholakala wabakwaShinga ngaphansi kwesizwe sakwaShinga. Isizwe sakwaShinga siholwa nguNovanywa noNdelu salwa ngobuqhawe sivikela imfuyo yaso.
Kuleso siwombe uNovanywa wagcina esele enkundleni isizwe sasala siholwa nguNdelu.
Ngemuva kwaleyo mpi abantu abaningi bakwaShinga babaleka bayozibandakanya nesizwe sakwaHlongwa. Ngokuzibandakanya kwabo basisiza isizwe sakwaHlongwa kuMagela waseMathulini owayesihlasela. AbakwaShinga nabakwaHlongwa bakha ngasemfuleni iLovu.
Ukuqolwa kwezinkomo ngamaNgisi aseSibubulungu
Kuthe ngowe-1833 idlanzana lamaNgisi elalinikezwe izwe eSibubulungu yiNgonyama uShaka laqola izinkomo zamaZulu kwaNtunjambili. La maqola abelungu aphumelela ukuthumba izinkomo eziningi kodwa kwathi lapho eseyoqola ezinye izinkomo eNdondakusuka ngalowo nyaka abulawa kanye nabantu ayebasebenzisa. Impi yawabulala sekubusa iNgonyama uDingane kwaZulu.
Lawo maqola amaNgisi azama ukunxenxa isizwe sakwaShinga ukuba senze umfelandawonye nawo ukuhlasela impi yeSilo uDingane, kwazise amabutho kaDingane ajaha amasela aze ayowafaka ezikebheni zawo eSibubulungu. Lawo masela azivalela kulezo zikebhe.
Isizwe sakwaShinga senqaba ukwenza umfelandawonye namasela emfuyo kaZulu ayebulale namanye amaZulu.
Ngakho-ke uH F Fynn wabaleka nabanye abelungu waphikelela eMzimkhulu.
Kwathi uma ebuya lapho eMzimkhulu wathola ukuthi ngoMzobothi Shinga noBhebheni Hlongwa ababexwayise amanye amaZulu ngokuthi oFynn babengamaqola kwakungadingekile ukuba basekelwe. Ngakho-ke uFynn wahlomisa impi yakhe eyayinamanye amambuka wabahlasela kodwa abakwaShinga nabakwaHlongwa bazivikela ngobuqhaawe kodwa bagcina bethuthile ngaseLovu bayokwakha eMzinto ngemuva kokuthi uMzobothi ethole ukulimala empini. Enye ingxenye yesizwe yasala yakhe ngakhona eLovu.
Ukufika kwamaBhunu
NgoLwezi we-1837 amaBhunu ahlasela indawo yakwaNobamba agcina esechithekele nangaseSibubulungu namaphethelo.
Lawo maBhunu ayengabahlaseli njengawo amaNgisi ayenikezwe iziza eSibubulungu.
Inhloso yawo enkulu kwakungukuqola imfuyo nezwe lamaZulu hhayi ukuhlalisana ngokuthula nabaninibezwe. Ngaleso sikhathi uNdelu wahola isizwe sakwaShinga wayokwakha naso eMthwalume. Kulapho-ke agcina eshonele khona. Ithuna lakhe likuleya ndawo.
Esehambile emhlabeni uNdelu walandelwa yindodana yakhe uSonsukwana, yena walandelwa nguMzingelwa owashona ngonyaka we1923.
Ngemuva kwalowo nyaka nguMvuthuluka owahola isizwe. Ngakhoke akulona iqiniso ukuthi aMakhosi aseningizimu yoThukela akhandwa ngabelungu lelo lizwe lalingenaMakhosi.
Bonke abantu baseningizimu yoThukela babengamaZulu ngokugcwele, bekhuluma isiZulu nempi beyazi njengabo ababakhe enyakatho yoThukela.
Izinkulumo zokuthi kwakungenaMakhosi eningizimu yoThukela ziyimfundisoze edinga ukuba amaZulu aphaphame afundisise imvelaphi yawo ukuze izizukulwane ezizayo ziyosebenzela esisekelweni esiqinile.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.