Imbali yamaNzuza yahlobisa kwaNohhini
Ukugana kweNdlovukazi uMthaniya kaNdaba kwaba ukuvuleka kwesahluko esisha emlandweni wesizwe sakwaZulu. Iyona yodwa eyaba nabalobokazi bakwayo abayisithupha ababa yiziNdlovukazi zoBukhosi bukaZulu. Kwaqala kwagcina ngayo ukuba abazukulu bayo abane bakwazi ukuhlala esihlalweni soBukhosi. Lokhu kwasho uguquko olukhulu ekuphathweni nasekubusweni kwezwe leSilo uMalandela. INdlovukazi uMthaniya yagana iNgonyama uJama abantu bakhona bebizwa ngokuthi bayisizwe sika “Zulu kaMalandela”.
Nanxa kwakuqondakala kahle ukuthi bangabeNguni beNgonyama uMalandela, kepha ukubehlukanisa kubeNguni beNkosi uQwabe kwadingeka bazikhiphe ngokuzibiza bona ngokuthi bangabaka “Zulu kaMalandela”. Ukugcizelela ukuthi bangabeSilo uMalandela kwakusho ukuthi nabo badabuka esigodlweni sakwaNkomonye.
INgonyama uSenzangakhona yayiganwe ngamakhosikazi angaphezulu kweshumi. Nakhu phela iSilo sasibatshazwa ngokuthi sihle, futhi siyiphompo nasekukhulumeni.
ISilo uSenzangakhona sazala iZilo ezine esihlalweni soBukhosi bukaZulu. Futhi yiso sodwa esaba neziNdlovukazi eziyisithupha ezahlala esikhundleni sobuNdlovukazi embusweni kaZulu. INgonyama yayingundaba izekwayo kumakhosazana ezwe lakwaZulu. Kwakuthi lapho ehlangene khona, lawo ayaziyo nalawo ayeyizwa ngendaba, axoxe ngobuhle beSilo sawo. Yilobu buhle phela obadonsa amakhosazana aseLangeni. Imbongi engacushwa eyayikubona lokhu kwenzeka lapho ithi:
“Ozithebe zinhle uMjokwane Ezidliwa ngaMancasakazi.”
INdlunkulu yeSilo uSenzangakhona ebalwayo yileyo eyazalayo. Amaphovela ayo noma izixebe kazibalwa lapha. Nanxa iSilo sasiganiwe kakhulu, kepha lapha kuzokhulunywa ngalabo oNdlunkulu abagcina sebeyiziNdlovukazi. UNdlunkulu wokuqala owaba yiNdlovukazi nguMkabi, owayeyindodakazi kaSodubo wakwaNzuza eMakhosini. USodubo kwakuyindodana kaNzuza owayedabuka eSwazini. Wafika ezokhonza kweleNdlovukazi uMthaniya ehamba noMadela, uJiyana noCeza. Indodana kaNzuza endala kwakunguNomdumo owashona kwasala uSodubo.
Kwathi iSilo uSenzangakhona sesizobekwa esihlalweni soBukhosi kwafuneka ukuba siganwe njengokwesiko likaZulu elithi iNkosi kayibekwa ingaganiwe ngoba kufuneka ibe nomuntu oyibonisayo uma sekonakala. Umuntu wesilisa wayenganikezwa inxiwa lokwakha uma engaganiwe ngoba kwakuthiwa umfazi nguyena owakha umuzi.
Kwathi ngelinye ilanga iNkosazana uMntwana uMkabayi ezihambela kwaqhamuka udwendwe lwezintombi zithwele utshwala, ziphikelele eLangeni, eNkosini uMakhedama. UMntwana uMkabayi wathatheka ngobuhle bentombi yakwaNzuza. Wabe eseyikha ngaso leso sikhathi, eyixibulela umnewabo uMntwana uSenzangakhona.
Inkosazana yakwaNzuza kuthiwa yayiyinhle futhi imi kahle. Kwakuthi uma ijikijela insizwa ngamehlokazi ayo anesizotha, maqede isesheli leso sidideke, siphelelwe ngamazwi esingawabeka kuyo. Kwakuyitshitshi elisukile emhlabathini. Lalisho ngemihlubulo emide okuthi uma uyibheka wehle nokhalo lwayo, uwubone umuvi woqobo ontula ixhama lokuzibopha. Idanda layo lithi ukwendlaleka, kepha ingadudule. Kanti yayinyathela ngabantwana. Isho ngeqakala okuthi uma inyathela, icoshe izinkukhu. Kwathi ukuba uMntwana uMkabayi ayixibule, wayeseyobikela umnewabo ngesimanga asibonele yena.
UMntwana uSenzangakhona naye wazithola esesha uthando intokazi engakayiboni, kepha eneliswe ngakuxoxelwe ngudadewabo.
IWundlu leSilo kalibange lisapholisa maseko, lazilungiselela ukuyozibonela okwase kunconywe ngudadewabo. Kuthiwa uMntwana uSenzangakhona wacela amanye amaWundlu oBukhosi ukuba amphekezele ayobona le ntokazi. Nebala basuka baphikelela khona, nawo ehlobe ephelele ukuze kuthi uma eqala ehlangabezana nale ntokazi, nayo idideke ngawo.
Kwathi lapho laba abeSilo behlangana nayo, bathatheka kakhulu, banquma ngaso leso sikhathi ukuthi kuhle bayithathe le ntokazi iyophekela iNdlovukazi uMthaniya esigodlweni Embambangwe.
IWundlu leSilo lase lizibika ukuthi liyasha uthando. Indlela ephikelele kwaNzuza yavuthwa ngokushesha ngoba iWundlu loBukhosi nalo lalinovalo ukuthi izesheli ezabe sezingaphambili kwalo kungenzeka ukuba ziliphambe selethembile. Pho ukuthunga ucu entombini ithungela isesheli kwakuyithatha iminyaka ingazi nokuthi lidumephi. Ngale nkathi yakha ujiza lona, yayisuke isethubeni elihle lokucabanga ngomqondo ohlelekileyo. Kwathi ukuba iWundlu loBukhosi lilunqobe uthando lwetshitshi lakwaNzuza, kwase kulungiselelwa ukuba ziwushaye ngokushesha eBukhosini. UMntwana uSenzangakhona wayesekhule ngokwanele ukuba wayesengasithatha isihlangu sikayise iSilo uJama.
Kwathi ukugana kweNdlunkulu uMkabi wethulelwa isizwe esigcawini sakhe ukuthi nguyena ofakwa kwaNdlovukazi uMthaniya ukuba ibe ngunina wesizwe. Kwathi isigcagcile yafakwa elawini leSilo kwaNohhini. Yathola ingane yomfana eyakhothama incane.
Inkosana yayo yelanywa yiNkosazana uMntwana uMzinhlanga Ndikidi owagcina endele iNkosi uMyandeya kaMbiya kwaMthethwa.