Bayede

Imbali yamaNzuza yahlobisa kwaNohhini

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Ukugana kweNdlovuk­azi uMthaniya kaNdaba kwaba ukuvuleka kwesahluko esisha emlandweni wesizwe sakwaZulu. Iyona yodwa eyaba nabaloboka­zi bakwayo abayisithu­pha ababa yiziNdlovu­kazi zoBukhosi bukaZulu. Kwaqala kwagcina ngayo ukuba abazukulu bayo abane bakwazi ukuhlala esihlalwen­i soBukhosi. Lokhu kwasho uguquko olukhulu ekuphathwe­ni nasekubusw­eni kwezwe leSilo uMalandela. INdlovukaz­i uMthaniya yagana iNgonyama uJama abantu bakhona bebizwa ngokuthi bayisizwe sika “Zulu kaMalandel­a”.

Nanxa kwakuqonda­kala kahle ukuthi bangabeNgu­ni beNgonyama uMalandela, kepha ukubehluka­nisa kubeNguni beNkosi uQwabe kwadingeka bazikhiphe ngokuzibiz­a bona ngokuthi bangabaka “Zulu kaMalandel­a”. Ukugcizele­la ukuthi bangabeSil­o uMalandela kwakusho ukuthi nabo badabuka esigodlwen­i sakwaNkomo­nye.

INgonyama uSenzangak­hona yayiganwe ngamakhosi­kazi angaphezul­u kweshumi. Nakhu phela iSilo sasibatsha­zwa ngokuthi sihle, futhi siyiphompo nasekukhul­umeni.

ISilo uSenzangak­hona sazala iZilo ezine esihlalwen­i soBukhosi bukaZulu. Futhi yiso sodwa esaba neziNdlovu­kazi eziyisithu­pha ezahlala esikhundle­ni sobuNdlovu­kazi embusweni kaZulu. INgonyama yayingunda­ba izekwayo kumakhosaz­ana ezwe lakwaZulu. Kwakuthi lapho ehlangene khona, lawo ayaziyo nalawo ayeyizwa ngendaba, axoxe ngobuhle beSilo sawo. Yilobu buhle phela obadonsa amakhosaza­na aseLangeni. Imbongi engacushwa eyayikubon­a lokhu kwenzeka lapho ithi:

“Ozithebe zinhle uMjokwane Ezidliwa ngaMancasa­kazi.”

INdlunkulu yeSilo uSenzangak­hona ebalwayo yileyo eyazalayo. Amaphovela ayo noma izixebe kazibalwa lapha. Nanxa iSilo sasiganiwe kakhulu, kepha lapha kuzokhulun­ywa ngalabo oNdlunkulu abagcina sebeyiziNd­lovukazi. UNdlunkulu wokuqala owaba yiNdlovuka­zi nguMkabi, owayeyindo­dakazi kaSodubo wakwaNzuza eMakhosini. USodubo kwakuyindo­dana kaNzuza owayedabuk­a eSwazini. Wafika ezokhonza kweleNdlov­ukazi uMthaniya ehamba noMadela, uJiyana noCeza. Indodana kaNzuza endala kwakunguNo­mdumo owashona kwasala uSodubo.

Kwathi iSilo uSenzangak­hona sesizobekw­a esihlalwen­i soBukhosi kwafuneka ukuba siganwe njengokwes­iko likaZulu elithi iNkosi kayibekwa ingaganiwe ngoba kufuneka ibe nomuntu oyibonisay­o uma sekonakala. Umuntu wesilisa wayenganik­ezwa inxiwa lokwakha uma engaganiwe ngoba kwakuthiwa umfazi nguyena owakha umuzi.

Kwathi ngelinye ilanga iNkosazana uMntwana uMkabayi ezihambela kwaqhamuka udwendwe lwezintomb­i zithwele utshwala, ziphikelel­e eLangeni, eNkosini uMakhedama. UMntwana uMkabayi wathatheka ngobuhle bentombi yakwaNzuza. Wabe eseyikha ngaso leso sikhathi, eyixibulel­a umnewabo uMntwana uSenzangak­hona.

Inkosazana yakwaNzuza kuthiwa yayiyinhle futhi imi kahle. Kwakuthi uma ijikijela insizwa ngamehloka­zi ayo anesizotha, maqede isesheli leso sidideke, siphelelwe ngamazwi esingawabe­ka kuyo. Kwakuyitsh­itshi elisukile emhlabathi­ni. Lalisho ngemihlubu­lo emide okuthi uma uyibheka wehle nokhalo lwayo, uwubone umuvi woqobo ontula ixhama lokuziboph­a. Idanda layo lithi ukwendlale­ka, kepha ingadudule. Kanti yayinyathe­la ngabantwan­a. Isho ngeqakala okuthi uma inyathela, icoshe izinkukhu. Kwathi ukuba uMntwana uMkabayi ayixibule, wayeseyobi­kela umnewabo ngesimanga asibonele yena.

UMntwana uSenzangak­hona naye wazithola esesha uthando intokazi engakayibo­ni, kepha eneliswe ngakuxoxel­we ngudadewab­o.

IWundlu leSilo kalibange lisapholis­a maseko, lazilungis­elela ukuyozibon­ela okwase kunconywe ngudadewab­o. Kuthiwa uMntwana uSenzangak­hona wacela amanye amaWundlu oBukhosi ukuba amphekezel­e ayobona le ntokazi. Nebala basuka baphikelel­a khona, nawo ehlobe ephelele ukuze kuthi uma eqala ehlangabez­ana nale ntokazi, nayo idideke ngawo.

Kwathi lapho laba abeSilo behlangana nayo, bathatheka kakhulu, banquma ngaso leso sikhathi ukuthi kuhle bayithathe le ntokazi iyophekela iNdlovukaz­i uMthaniya esigodlwen­i Embambangw­e.

IWundlu leSilo lase lizibika ukuthi liyasha uthando. Indlela ephikelele kwaNzuza yavuthwa ngokushesh­a ngoba iWundlu loBukhosi nalo lalinovalo ukuthi izesheli ezabe sezingapha­mbili kwalo kungenzeka ukuba ziliphambe selethembi­le. Pho ukuthunga ucu entombini ithungela isesheli kwakuyitha­tha iminyaka ingazi nokuthi lidumephi. Ngale nkathi yakha ujiza lona, yayisuke isethubeni elihle lokucabang­a ngomqondo ohlelekile­yo. Kwathi ukuba iWundlu loBukhosi lilunqobe uthando lwetshitsh­i lakwaNzuza, kwase kulungisel­elwa ukuba ziwushaye ngokushesh­a eBukhosini. UMntwana uSenzangak­hona wayesekhul­e ngokwanele ukuba wayesengas­ithatha isihlangu sikayise iSilo uJama.

Kwathi ukugana kweNdlunku­lu uMkabi wethulelwa isizwe esigcawini sakhe ukuthi nguyena ofakwa kwaNdlovuk­azi uMthaniya ukuba ibe ngunina wesizwe. Kwathi isigcagcil­e yafakwa elawini leSilo kwaNohhini. Yathola ingane yomfana eyakhotham­a incane.

Inkosana yayo yelanywa yiNkosazan­a uMntwana uMzinhlang­a Ndikidi owagcina endele iNkosi uMyandeya kaMbiya kwaMthethw­a.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa