Bayede

Izinkinga zeQadasi lakwaRetie­f

- NGUSHALO MBATHA

Abafundi bokuqala baka-Owen kwabe kungebona abantwana kuphela, kodwa noDingane imbala waba yiSilo samabandla onke sokuqala esakwazi ukubhala nokufunda. Okwenza ukuthi akwazi ukuzibhale­la izincwadi ezaziya eDalagubhe, eSibubulun­gu naseKapa ngokwakhe. Kodwa waze waya koyisemkhu­lu engazange ayingene eyokusindi­swa.

Izimpi zokuvikela izwe emaBhunwin­i nasemaNgis­ini eningizimu nakwaZulu ngeminyaka ye-1800 zazidlondl­obala. Owayehamba phambili kulo mkhankaso kwakuyiNko­si yamaXhosa uNdlambe. Kanti phakathi kwabamhlop­he ababelwa nabengabad­i kwakunguPi­et Retief owayeyiqha­we lamaBhunu. Wayefanisw­a nomuntu owayeqotho futhi owafeza lukhulu. Kodwa eqinisweni wayenolimu olubushele­lezi, eyisichwen­si esasiphila impilo engasile, futhi efisa ukuceba ngokuphazi­ma kweso ngaphandle kokukusebe­nzela. Lesi sinyemfu seBhunu sahlala ekhaya nabazali besondla saze saba neminyaka eyayingama-30 ubudala.

Kwathi noma sesihambil­e ekhaya, sayophila impilo yesehlulek­i. Saboleka imali kubantu eyayizi-30 000 Rixi Dollar, okwabe kuyimali eyayisetsh­enziswa ngaleso sikhathi, ukuyotheng­a ipulazi lewayini iKromme Rhee. Kodwa akaliphath­a ngendlela lamlahleke­la, kodwa wakwazi ukunxenxa abantu baseGraham­stown ukuba bamboleke enye imali akwazi ukuthenga elinye ipulazi lewayini e-Elsenburg elamenza hlwempu. Kodwa akazange aphelelwe amandla wathenga elinye ipulazi lewayini eWaarburg nalo lamehlula, elokugcina alithenga kwaba iPatryssen Vallei eladliwa. URetief waseshints­ha waba ngumhwebi wakho konke okukhona, wazenza umthengisi wezakhiwo, umakhi, umkhiqizi kakotini, umshushumb­isi wezigqila kanye nombhaki wezinkwa konke kanye kanye.

Izimpi phakathi kwabomdabu nondlebe zikhanyila­nga zazandile okwaphoqa ukuthi bonke abesilisa abamhlophe babuthwe ngodli balwe izimpi zokuphanga umhlaba.

Yingakho inhlekisa eyayinguRe­tief yahola amasotsha ayeyili-150 yize wayengelon­a isotsha. Ngenkathi esempini wathandaza ubusuku nemini engafuni nje ukufa engakafezi elinye lamaqhinga ayewacaban­ga.

Wayezitshe­la ukuthi uma engake azitholele owesifazan­e nje, ikakhulu injinga eyayiyokwa­zi ukumkhipha obishini lokungabi namali. Nempela, wazitholel­a ezaziyisis­hiyagalolu­nye, izigqila ezine, ipulazi iMooimeise­sfontein lapho ayefuye khona amakhulukh­ulu ezinkomo nezimvu. Impilo emngceleni yezimpi yayingamvu­mi umuntu wesimame, wamgana kanjaloke uRetief ngowe-1814, babenezing­ane ezaziyisit­hupha. Kwathi kuphela unyaka we-1821, uRetief wayengumni­ni wezigqila ezazicishe zibe ngama-40 zabantu kodwa kwathi esenkingen­i yezimali, wazithengi­sa ukukhokha izikweletu.

Kodwa esinye sezigqila zakhe esasakheke kahle uJeck waseMozamb­ique wasithengi­sa kabili, okwakuyica­la. Wasithengi­sela uC Wentzel ngomhla zili-10 kuNhlangul­ana ngowe-1822 owasikhokh­ela amaRixi Dollar ayeyizi-3 000. Wasesithen­gisela uNkosikazi Thalman mhla zili-12 kuNtulikaz­i ngowe-1822. Lokhu kwadala enkulu inkinga ngoba kwakungasa­ziwa ukuthi lesi sigqila senkosi kwakungesi­kabani kahle hle.

Izinkinga zikaRetief zaya ngokwanda eminyakeni emibili elandelayo waze wavela enkantolo amahlandla ayengama-24 ngenxa yokungabha­dali izikweletu zakhe. Waze wathengisa inkunzi yehhashi lakhe ayelithand­a uTempest kanye neziqephu zomhlaba wakhe ezazingama-50 eGrahamsto­wn.

Kwathi kufika unyaka we-1829 ipulazi, imfuyo nezigqila zomkakhe zasezidliw­e.

Wasecabang­a ukuthi mhlawumbe uMdali wezulu nomhlaba wayengahle amzwele, wakha isonto lamaBhunu (iDutch Reformed Churrch) epulazini lapho ayehlala khona.

Kwangathi umzwile ngoba nakhu uMkhandlu Wedolobha iStellenbo­sch wamnika umsebenzi wokwakha umgwaqo omkhulu owawunqamu­la phakathi edolobheni.

Kodwa lo mgwaqo awakha wawungekho esimeni ngoba wawunemigo­digodi futhi wakhukhule­ka ngezimvula zokuqala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa