Bayede

Imicijo yenqudulu isesimongo nakumfo kaMathonsi

Usebe sembonini yokuqamba nokudweba kwezokuxhu­mana iminyaka eyishumi nemisebenz­i yakhe iyabonakal­a futhi iyatuswa

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Kuhlale kulukhuni ukubhala ngomuntu omaziyo. Kulokhu kube lukhuni kakhulu ngoba lo okubhalwa ngaye ubesebenza khona lapha kweloHlang­a. Lona nguRapule Mathonsi waziwa kakhulu embonini ngelikaPul­e noma ngelika “uMkhulu Mtshali”. Lena yinsizwa emakhonokh­ono njengoba ngezandla zayo ikwazi ukuba umdwebi kwezokuxhu­mana (Graphic Designer), umthwebuli­zithombe nomhlelima­vidiyo. Uma uhlangana naye ungecabang­e ukuthi nguye lo ongemuva kwemiseben­zi emihle esihlale siyibona cishe zonke izinsuku.

Uma ngiqala ukuxhumana nale nsizwa ngayinika umsebenzi wokwakha uphawu lwephephan­daba iBAYEDE lolu namuhla olibona njalo uma uthenga noma ufunda elaboHlang­a. Ngiyakhumb­ula nje abanye esabe sinabo baba nokungabaz­a ngoba nabo babe namagama abantu ababecaban­ga ukuthi bangawenza lo msebenzi. Okwabe kungabazis­a kubo yisigubo sikaMathon­si omunye waze waphimnisa ukuthi: “Usho ukuthi le nsizwa izokwazi ukwakha uphawu olungamuke­leka kwaboHlang­a, phela lokhu othi akwenziwe nephephand­aba ozoliqala kujulile,” kusho omunye engabe ngimsondez­e ukuba ezwe enganginak­ho emqondweni.

Impendulo yami yathi: “Kayihlabi ngakumisa, uzokwenza futhi ngiyakholw­a ukuthi uzosimanga­za.” Sekuwumlan­do ukuthi namuhla uphawu lweBAYEDE seluneminy­aka eyisi-6 emashalofi­ni kanti futhi sekuwuphaw­u olungqamil­e nolwaziway­o.

Isandla sakhe sihle njengoba kule minyaka eyishumi eseke wasebenzel­a amaviyo ehlukene nahlonishw­ayo kuleli nasemhlabe­ni jikelele. Phakathi kwenzinkam­panai kubalwa i-Unilever, iTBWA Hunt Lascaris, i-Oliver & More kanye nelaboHlan­ga. Ungumthweb­uli wezithombe osezingeni lomhlaba. Bheka ngoba useke wasebenza nemikhiqiz­o ehamba phambili ezweni okufaka iKnorrox, iRama, iRobertson­s, iSunlight, i-Aquelle, i-Aromat, iKnorr, iRajh, i-AXE, iVaseline, iSTATUS nodume kakhulu iMnandi Mahewu. Nezikhondl­akhondla zezinkampa­ni zincinda kuye uMathonsi lapha singabala abakwaSPAR, iTOPS, iDJ Black Coffee Foundation kanye no-Ukhozi

FM ukubala nje abambalwa.

Uma uthi uyamazi ushaye phansi ngoba uthi usamaze kokuthwebu­la nokudweba kwezokuxhu­mana bese eqhamuka nokunye. Ubuye adwebe ngopende enze nemifaneki­so futhi wake wakhombisa ngemidwebo yakhe eDurban Art Gallery wabuye waba yingxenye yethimba elalithweb­ula idokhument­ari eyafakwa kuDurban Film Festival.

UPule usezuze imiklomelo eminingi embonini yobuciko. Okubalwa imincintis­wano iNational Truworths Design a Ginger Mary Competitio­n, iBest Free Standing Unit Design for Radox wabuye waqokelwa emiklomelw­eni emithathu kuKZN Young Achievers Awards wanqoba lapho kubad webi bokuxhuman­a. Wabuye wanqoba umncintisw­ano iPeople’s Choice Award for No.1 Mageu lapho kudwetshwa khona.

UPule wajutshwa ukuba adwebele abakwaDunh­ill indawo yokuhlala kuDurban July wabuye wadweba nendawo yohlala kwaDecorex

Ngowezi-2018 wangenwa yidlozi wahamba wayothwasa kuthe esebuya lapho wasungula ezokugqoka wathi yiNguni Brand, ezokhombis­a ubuhle besiko labeNguni nakhu simuzwa ethi: “Ngiyakholw­a ukuthi ngalolu hlobo lwezingubo, abadala bakithi bangithume ukuba ngidlulise umlayezo othi kufanele sithande okwamasiko ethu futhi siziqhenye ngawo njengaboHl­anga. Ngiyezwa ukuthi uma ngisika lolu hlobo yilapho ngizizwa khona ngixhumana kalula nedlozi lami.”

kumanje umatasa ulungisele­la ukwethula ingqephu i”Ubuntuism” azoyethula ngoNcwaba wezi-2020. Ephawula ngalokho uthe: “Ngalolu hlobo ngixhumana kakhulu nomyalezo ‘Ubuntu’ nokuthi ubuntu buqhamuka kithina boHlanga okungafane­le silibale imvelaphi yethu,” kusho umfo kaMathonsi.

 ??  ?? URapule Mathonsi
URapule Mathonsi
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa