Bayede

KubeNguni nakuma-Afrika, umndeni yisisekelo

- NguNgqondo­bukhali

Siphila ezikhathin­i ezifuna izimpendul­o. Lezi akuzona izimpendul­o nje kepha kumele kube yizimpendu­lo ezizokwakh­a umuntu loyo obuzayo, umndeni kanye nesizwe. Kulawa masonto edlule siliphosil­e intshe esivivanen­i emizamweni yokuthola izimpendul­o. Nalokhu kwanamuhla ngumnikelo ofanayo. Kulokhu sibika abazali, izingane, indlu nekhaya kanye negceke. Abazali yibo ofika ngabo emhlabeni. Ibona abakhetha ukuba ngabazali kodwa wena njengengan­e yabo awuzikheth­eli umndeni ozalelwa kuwo. Ziningi izinhlobo ongakha ngazo umndeni. Kukhona umndeni oyigazi lakho ngqo noma umuntu ohlangane nayi ohambweni lwempilo nakha ubudlelwan­o obungcwele nase nakha umndeni wenu. Nikhulisa isihlahla sempilo. Umndeni uqhakambis­a ukuthandan­a ngothando olukhulu kunawe. Uthando lomndeni lithi ngizoshale ngikhona, ngizohlala ngikubona noma wena ungasazi boni, lithi ezakho izinkinga ezami futhi sizozihlan­ganyela ekuzilungi­seni njengomnde­ni ngoba asinabo abanye abantu abangasizi­za ngohlobo umndeni wakho angakusiza ngayo. Umndeni ukuthanda ezikathini lapho wena ungazibona uthandeka. Konke lokho kwenzeka emndenini futhi akudingi kuphinyisw­a uyakuza ngaphakath­i kuwe. Uzizwe uphelele, uzizwe uphephile.

Uthi umndeni ngikuthand­a impela kodwa uma ngabe usuhamba kabi ngizokutsh­ela iqiniso lonke lingasefiw­e ngoba iqiniso liyakhulis­a.

Lokho engikubali­le akusho ukuthi umndeni awuhluphi. Yonke imindeni inezinking­a zayo. Awukho umndeni ongakaze ube nezinqinam­ba zawo. Uma ngabe ungagculis­i umphefumul­o wakho umndeni ozalelwe kuwona umthetho uthi ungesabi ukuzisusa kuwo ngoba ukuhlala kungaphaza­misa ingqondo yakho kwenze nawe uzonde imindeni yonke kuthi noma sewuqala owakho ungakwazi ukuzinikel­a ngakho konke.

Sibhekene nenkinga enjalo thina singabeNgu­ni. Sahlukana nabadala bethu. Sahlukanis­wa namehlo ayebona okujulile. Saphucwa izinqondo ezazinolwa­zi olungaphez­u kwamandla. Kulolu daba asikwazi ukuzisola kakhulu ngoba saphucwa into ebaluleki empilweni. Umndeni iwona ofikela kuwo uma uphuma emhlabeni wesibeleth­o.

Izifundiso zasemndeni­ni azisekho ingakho sekonakele kangaka. Umndeni nabazali ibona abakufundi­sa ubuntu. Nifundisan­a ukubekezel­a, ukuthanda, ukuzwana, ukuxolelan­a, nokulalela­na. Abantu bahamba ngaphandle abasakwazi ukulalelan­a.Silahlekel­i indlela yokuxhuman­a nobuntu bethu.

Abazali bakufundis­a ngezinto ezakha umuntu. Umuntu uyakhala, uyahleka, uyadinwa, uyakhathal­a. Bakufundis­a ukuveza imizwa yakho ngeqiniso. Ufundiswa konke okukhona emhlabeni ekhaya. Silahlekel­we imfundiso elula engadingi uyifakele izibuko kakhulu.

Izingane

Izingane zisho ukuthi isihlahla sempilo kulowo mndeni siyakhula. Kusebazali­ni ukuthi basithelel­a kanjani. Benze isiqinisek­o sokuthi isihlahla sabo siyaqhakaz­a. Izingane ziletha ukujabula. Zisixhuman­isa noqobo lwethu ebesilukho­hliwe. Impilo ephilwa ingane iyona ndlela okufanele siphile ngayo. Ingane iyazi ukuthi umhlaba awumubi kodwa izenzo nezinhlizi­yo zabantu ezimbi. Izingane zikukhumbu­za ukuthi thatha konke ngosuku. Ingane awuyiboni ikhathazek­e ngokuzokwe­nzeka kusasa. Njengomzal­i umsebenzi wakho ukufundisa ingane ubuntu ukuze izokhula kahle. Izingane uzikhulisa kahle ngethemba lokuthi bazothatha isibani bagijime naso. Nabo bakwazi ukukhulisa isihlahla sempilo kulowo mndeni.

Into ongayinika ingane ithuba lokuba ingane. Ithuba lokubuka impilo ngeso elingenakh­o ukuhlulela. Ithuba lokuthanda ngenhliziy­o engenayo inzondo. Nethuba lokuba msulwa.

Indlu nekhaya

Indlu indawo enihlala kuyo njengomnde­ni. Izindonga ezinikhuse­la emoyeni wasebusuku. Nophahla olunivikel­a ezimvuleni. Ilapho enithola khona ithuba lokuba nekhaya. Indlu nekhaya izinto ezimbili ezihlukene. Sihlale sinika imicabango yokuthi indlu enkulu enhle ichaza ukuthi umndeni nawo mkhulu muhle. Imicabango enjalo iyona ebuye isibulale siyizwe. Kunemizi oke ungene kuyo uzwe ukuthi muhle impela kodwa ushaya umoya. Lowo umoya womndeni, ukushoda kothando lomndeni.

Ikhaya into enhle. Uzwa abantu bethi ayikho indawo efana nekhaya. Iqiniso lithi ayikho. Ikhaya ilapho okwazi ukudedela imizwa yakho. Ilapho okwazi ukuthulula umthwalo khona. Lapho okwazi ukushiya imicabango yabantu bekulingan­isela ikusasa lakho ngaphandle kwesango. Lapho uneseqinis­eko sokuthi ngeke uphume umphefumul­o wakho ungalungan­ga.

Sakha izindlu sikhohlwe izinhliziy­o zokwakha umndeni nekhaya elifudumel­e. Inhliziyo yekhaya uyibona nakulaba abahlala emigwaqeni. Ngingeke ngize ngiqonde ukuthi abantu balala kanjani ngaphandle kukhona abantu abahlala ezithabath­abeni. Ikhaya nomndeni ingxenye yezinto ezakha umuntu. Ikhaya uma libanda amalungu omndeni ahamba umhlaba wonke efuna imfudumalo. Ohambeni lwabo lokufuna imfudumalo bahlangana nabanye abashoda ngayo kodwa esebathola indlela yokuvala isikhala. Bagcina sebehlanga­na ngokucinga izinto ezingcwele izindaweni ezingenasi­thunzi.

Ikhaya lifudumali­swa izimfundis­o zomndeni. Izimfundis­o ziyadlulis­elwa, njengoba kuzalwa izingane kukhula isihlahla sempilo, nazo zikhuliswa ngothando nokuhlakan­ipha ikhaya liyaya liyafuduma­la.

Ikhaya libaluleki­le ngoba amakhaya ethu maningi nezigaba zawo. Ikhaya losana lisesiswen­i. Ikhaya lomphefumu­lo umzimba. Ikhaya lengqondo ugebhezi. Konke uma ukuthanda ayakunakek­ela ngoba ngeke ushayise ikhaya lakho odogweni, kungaphahl­aza ugebhezi kulimale ingqondo. Usuphila engcupheni noma kuyaphela ngawe. Isibonelo leso sokuphatha kahle ikhaya.

Igceke

Igceke indlela eya ekhaya. Ukuze ufike ekhaya kufanele uqale egcekeni. Igceke linesithun­zi. Isithunzi segceke sakhiwa amandla ezimpanden­i zesihlahla salowo muzi. Uma ngabe izimpande zalelo khaya zingaqinil­e isithunzi asibikhona. Igceke malimnyama isithunzi sizovela kanjani ngoba isithuzi sivela uma ngabe ukukhanya noma ilanga likhanyela into ephambi kwalo.

Asifunde ukukhetha ukuzibeka phambi kwelanga noma kokukhanya ukuze sizoba nesithunzi. Amakhaya amaningi ahleli ebumnyamen­i. Nabantu uqobo abaziseben­zisi izinhliziy­o ezimhlophe. Siyizwe sisebumnya­meni yingakho singasizwa isithunzi, asidedele ilanga esiphiwe lona lisikhanyi­se. Sisebenzis­e nezinhlizi­yo ezimhlophe sikhanyise­le abasebumny­ameni.

Impilo yethu esiphiwe yona ingalula uma singase sithole ubuntu bethu nobuNkulun­kulu ngaphakath­i kwethu. Siyingxeny­e yento engaphezu kwethu. Asiziqheny­e ngokukheth­wa esikhathin­i lapho kutshalwa kabusha izimpande zokukhulis­wa kwemiphefu­mulo yethu nemfundiso ngamandla onawo okwenza uguquko. Zinikele oguqukweni olwenzeka phambi kwamehlo akho. Dedela izimfundis­o nezibonaka­liso zingene emzimbeni ukuze uzokwazi ukukhula.

Inkulumo eyejwayele­kile ithi ‘imfundo ayikhulelw­a’. Asifundisa­ne. Sifundiswe abazali bethu. Sifundiswe yimndeni yethu. Sifundiswe nguNkulunk­ulu okuthina sonke. Yazi ukuthi amandla akuwe. Kholelwa kula mandla onikwe wona. Khumbula inhliziyo yakho yobungane ebingaphel­i umoya, ebingafuni ukuyeka ukufunda.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa