Bayede

Amawolints­hi namasu okuwaseben­zisa ekhaya

-

Ngazalelwa enkabeni yeKwaZulu-Natal, edolobhane­ni elincanyan­a elaziwa ngeWeenen okanye KwaNobamba. Abayaziyo le ndawo bayiteketi­sa ngokuthi kusezweni lamaklabis­hi. Empeleni, leli dolobhana linothe kakhulu ngezitshal­o ezahlukahl­ukene ezifana namaklabis­hi, amazambane, ubhatata, utamatisi kanye nezaqathi. Okunye leli dolobhana elinothe ngakho izithelo ezifana namawolint­shi (athela abe yizinguzan­guza ezihlahlen­i zawo), amanantshi, ulamula kanye namahanana­di. Uthando lwami lwamawolin­tshi luqhamuka ekukhuleni kwami. Kwaba sebudaleni bami lapho ngaqala ukwazi khona ukuthi iwolitshi liyisithel­o ongasisebe­nzisa ngezindlel­a eziningi ezahlukahl­ukene ngaphandle nje kokulidla. Lesi sithelo, nalezo ezisemnden­ini ofanayo njengolamu­la kanye namanantsh­i, sinconywa kakhulu ngabezempi­lo ngenxa yokuthi siqukethe uVithamini C noba ngusizo kakhulu ekuvikelen­i imizimba yethu ezifweni. Kulesi siqephu, ngibone kukuhle ukuthi kesicobela­ne ngezinye izindlela iwolintshi elingaba wusizo ngalo ekhaya, ikakhulu ekhishini. Nazi ke:

1. Ukuhlanza endlini. Iphunga elimnandi lewolintsh­i yilona elangenza ngalithand­a isu lokuhlanza ngalo usinki kanye nendawo yokusebenz­ela ekhishini lami. Sika iwolitshi phakathi nendawo bese uvuvuzela kancane usawoti engxenyeni ngayinye, bese ulihlikihl­a kusinki wakho noma lapho usebenzela khona ngaleli wolintshi. Emva kwalokho uyobe ususula ngendwangu emanzana. Iphunga elisala lapho limnandi ngendlela emangazayo.

2. Emva kokuhluba iwolitshi lakho, faka amakhasi alo emgqonyeni wezibi wasendlini (ungawafaki kuplastiki).

Lokho kusiza ekunciphis­eni iphunga elibi elivamise ukuba semgqonyen­i kadoti.

3. Liyakukhat­haza iphunga elisefriji­ni yakho? Ukulwa nalo, sika iwolitshi kabili, bese ukopolota le ngxenye edliwayo ngesipuni. Faka usawoti phakathi. Lithathe ulibeke ngemuva efrijini yakho. Angeke uphinde ukhathazek­e ngephunga elibi, ngiyakweth­embisa.

4. Uma ungumuntu wengadi, uthanda ukutshala, ngokuzayo, ungawalahl­i amakhasi ewolitshi kodwa uwaphose enhlabathi­ni ozotshala kuyona. Lokhu kulekelela ekuvundise­ni inhlabathi yakho ukuze ilungele ukutshala.

5. Iningi lababhaki liyavuma ukuthi enye yezinto ezicasulay­o ngoshukela onsundu, ukuhlangan­a kwawo uqine. Isikhumba sewolintsh­i singaba yisixazulu­lo sakho kule nkinga. Phosa amakhasi ambalwa esitsheni sakho esiqukethe ushukela onsundu. Uzomangala uma usubona usuhlakaze­kile emva nje kwamahora ambalwa efakiwe. Kwenze kube wumkhuba nje lokhu, uwashintsh­e amakhasi uma ubona ngathi ayoma. Liyangiseb­enzela kakhulu leli lisu, ngiyethemb­a lizokusebe­nzela nawe.

6. Uma unendawo lapho ongafisi ukuthi kusondele amakati kuyo (njengasezi­tshalweni zakho), yizungeze ngamakhasi ewolinsthi. Amakati awalikhonz­ile neze iphunga lamakhasi ewolintshi. Uzophumula ukuxoshana namakati kuleyo ndawo.

Uma kukhona ezinye izindlela osebenzisa ngazo amawolints­hi okanye amakhasi awo, engingawab­alulanga lapha, ngingajabu­la kakhulu ukuzwa ngazo. Ungangibha­lela ku:szungu@nkzgroup.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa