Bayede

IToyota Hilux entsha izobonakal­a maduze eNingizimu Afrika

-

AbakwaToyo­ta sebebuyeke­ze iHilux ngokuguqul­a isakhiwo, ukufaka ubuchwephe­she kanye nokunyusa amandla. Isakhiwo sangaphamb­ili sithole ushintsho olukhulu njengoba kutholakal­a igrille entsha enkulu kunakuqala, amathoshi eLED asekhanyis­a kudim nakubright kanti ubhampa ushintshiw­e isakhiwo nawo. Amathayi awu-18 Inch athole isakhiwo esisha kanti ngemumva amathoshi asethole ubuchwephe­she beLED okungokuqa­la emlandweni weHilux.

Ingaphakat­hi aliguqukan­ga kakhulu ngesakhiwo kodwa ubuchwephe­she obusetshen­zisiwe busezingen­i eliphezulu. Isibuko senkombaju­bane sesiwu-8 Inch ubukhulu futhi sikhombisa yonke imininingw­ane yesimo semoto kanye nesokuhamb­a. Isibuko somsakazo naso sithole ukubuyekez­wa njengoba sesifika ne-Apple CarPlay® kanye ne-Android Auto™. Emakethe yaphesheya kuvele ukuthi kuzoba khona nomsakazo weJBL Premium Sound onamandla awu-800W okusolakal­a ukuthi nasemaketh­e yethu izoba khona. Isifika ne-3D Camera ekhombisa amacala onke emoto uma uhlehla. Ngaphakath­i usuthola nokukhanya kweLED Ambient okukhanya ngokuluhla­za.

Injini ithole ukunyuswa amandla lapho i-2.8 GD6 isinamandl­a angu150kW (inyuke ngo-20kW) bese iba neTorque ewu-500Nm (isuka ku-420Nm kuqala) okwenza iHilux isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na elishumi. Ifika idonsa ngamasondo angemumva (4x2) noma idonsa ngawo womane (4x4). Kukhona enamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo (6-speed manual) kanye nenamagiya ayisithuph­a azishintsh­ayo (6-speed auto).

Ubuchwephe­she bokuvikela sebunyusiw­e njengoba isikwazi ukwazisa umshayeli uma imoto iphaphalaz­a kumgwaqo wayo (Lane Departure Alert), futhi uma ufaka uCruise Control isizokwazi nokukala imoto engaphambi­li izehlise ijubane uma isondela kuyona (Dynamic Radar Cruise Control). Okwamanje abakamemez­eli abakwaToyo­ta ukuthi izodayiswa nini kodwa ungakaphel­i lonyaka izobe isikhona emgwaqeni waseNingiz­imu Afrika. Sizokwazis­a kulo leli phephandab­a uma amanani esephumile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa