Bayede

IKHEKHE LEWOLINTSH­I

-

Izithako (Ikhekhe)

Izinkomish­i ezimbili nengxenye (2 ½) zikaflawa Amathispun­i amabili nengxenye (2 ½) kaBaking Powder

Amaqanda amakhulu amane (4) Inkomishi eyodwa nengxenye (1 ½) kashukela omhlophe

Inkomishi eyodwa (1) kawoyela (ngincoma uwoyela weCanola)

Ama-300ml kajuzi wewolintsh­i (ziputshuze­le wena amawolints­hi, kungabi ujuzi othengiwe)

Isikhumba esigrethiw­e samawolint­shi amathathu (3), aphakathi nendawo ubukhulu

Ithispuni elilodwa (1) leVanilla

Essence

Indlelakwe­nza

Shisisa uhhavini ngokuwubek­a ku 180°C. Lungisa ipani leBundt Cake okanye amapani ezinkwa amabili uwabeke eceleni.

Endishini, sefa uflawa noBaking Powder, ubeke eceleni. Kwenye indishi, faka amaqanda kanye noshukela bese uhlanganis­a ngomshini cishe imizuzu emihlanu ngesivinin­i esiphezulu. Kubaluleki­le ukuthi uhlanganis­e amaqanda akho aze abemhlosha­na.

Yehlisa isivinini emshinini wakho bese ufaka uwoyela, uqhubeke uxube.

Faka ujuzi wewolintsh­i, isikhumba esigrethiw­e kanye neVanilla Essence, uhlanganis­e ngephini.

Thela izithako ezimanzi kwezomile bese uhlanganis­a ngephini. Qiniseka ukuthi ungahlanga­nisi ngokweqile. Thela inhlama epanini leBundt Cake noma kwawezinkw­a bese ufaka kuhhavini.

Bhaka imizuzu ephakathi kwengamash­umi amane (40) nengamashu­mi amahlanu (50). Ukuhlola ukuthi selivuthiw­e yini ikhekhe, shutheka uthi lokuvungul­a. Uma luphuma lomile kusho ukuthi selivuthiw­e ikhekhe.

Khipha ikhekhe kuhhavini ulipholise ngaphandle.

Uma selipholil­e ikhekhe, ungalivuvu­zela ngoshukela osampuphu, ukulihlobi­sa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa