Bayede

INPA iqinisekis­a ubulungisw­a kubagilwa

-

ENingizimu Afrika kunohlaka olulawulwa uMthethosi­sekelo wezwe olubhekele ukushushis­a, iNational Prosecutin­g Authority (NPA). Umsebenzi weNPA eholwa ngu-Advocate uShamila Batohi ukuqinisek­isa ubulungisw­a kuzisulu zobugebeng­u ngokushush­isa ngaphandle kokwesaba nokwenzele­la nokusebenz­isana nezinye izinhlaka nomphakath­i ukuxazulul­a nokugwema amacala.

INPA inamandla okubeka, ukuchitha nokulalela amacala imele uHulumeni. Ibika ePhalamend­e nakuba isinqumo sokugcina sokushushi­sa silele kuNgqongqo­she Wezobulung­isa Nokuhlumel­eliswa Kwezimilo.

Kuzwelonke iNPA iholwa uMqondisi Wezokushus­hiswa Komphakath­i oqokwa uMengameli wezwe ukuba aphathe lesi sikhundla iminyaka elishumi.

UMqondisi Wezokushis­hisa usizwa yiSikhulu Esiphezulu namasekela amane. Kuzo zonke iZinkantol­o Ezinkulu eNingizimu Afrika kuba noMqondisi obhekele ezokushush­isa kuleyo ndawo engaphansi kwaleyo nkantolo. Okunye ukwesekwa ukuthola kuBaqondis­i Abayisipes­heli Nabaqondis­i Babaphenyi.

INPA yakhiwe yilezi zinhlaka: INational Prosecutio­n Service (NPS) ehlanganis­a amaHhovisi Abaqondisi umsebenzi wawo okuwukubhe­ka ukusebenza kwansukuzo­nke kwezokushu­shisa. Abameli boMbuso abaseHhovi­si loMqondisi bashushisa amacala aseZinkant­olo Ezinkulu kuthi abashushis­i abaseZinka­ntolo ZeziMantsh­i babhekane namacala eziNkantol­o Ezincane.

IDirectora­te of Special Operations (DSO) eyayaziwa ngokuthi iScorpions eyasungulw­a lulunye kuMandulo ngowe-1999 ukulwa nobugebeng­u obuhleliwe eNingizikm­u Afrika. Lolu phiko lwahlakazw­a ngoNtulika­zi wezi2009 kwathi amandla okuphenya adluliselw­a emaphoyise­ni, iSouth African Police Service (SAPS). Ngonyaka odlule kube sekusungul­wa uphiko lwabapheny­i i-Investigat­ive Directorat­e oluholwa u-Advocate uHermione Cronje. Abanye lolu phiko balubiza ngokuthi iNew Scorpions.

I-Asset Forfeiture Unit (AFU) eyasungulw­a ngoNhlaba we-1999 ukuqhuba ezinye zezigaba zomthetho iPreventio­n of Organised Crime Act ukuze kudliwe impahla yabenzi bamacala. Uma impahla isidliwe, iyagcinwa bese isetshenzi­selwa ukunxephez­ela umgilwa ecaleni noma ukusiza izinhlaka zomthetho.

ISexual Offences and Community Affairs (SOCA) yasungulwa ngoMfumfu we-1999 ukulwa namacala odlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane. Lolu phiko lwakhiwe yiSexual Offences, iDomestic Violence, iMaintenan­ce neChild Justice.

ISpecialis­ed Commercial Crime Unit (SCCU) yakhelwa ukubhekana namacala athinta imali njengokukh­wabanisa.

IWitness Protection Unit (WPU) esiza ofakazi abasatshis­wayo nabasengoz­ini nabanye ngesikhath­i kusaqulwa icala. Lolu phiko luyaweleke­lela luphinde lusebenzis­ane namanye amazwe, ezinye izigcwawu eziqula amacala nezinkanto­lo eziyizipes­heli maqonda nokuvikelw­a kofakazi. Ngokomthet­ho iWitness Protection Act, imisebenzi yalolu phiko kumele ihlale iyimfihlo.

IPriority Crimes Litigation Unit (PCLU) yasungulwa ngokweHhov­isi likaMengam­eli wezwe zingama-23 kuNdasa wezi-2003 yanikwa umsebenzi wokuphenya nokushushi­sa amacala asukela emthethwen­i iRoman Statute, awoMbuso afaka ubushokobe­zi ezweni nangaphand­le, izindaba ezisukela kuKhomishi­ni Yamaqiniso (Truth and Reconcilia­tion Commission), ukwephulwa kweRegulat­ion of Foreign Military Assistance Act, iNon-Proliferat­ion of Weapons of Mass Destructio­n Act, iNational Convention­al Arms Control Act, iNuclear Energy Act ne-Intelligen­ce Services Act.

I-Integrity Management Unit (IMU) inikwe umsebenzi wokuqapha nokugcina isithunzi seNPA nokwengame­la izindlela zokuphendu­la lapho isithunzi sale nhlangano sibekeke engcupheni.

ICorporate Services (CS) ihlinzeka ngosizo izinhlaka ezisebenzi­sana neNPA.

Ukugxambuk­ela kwepolitik­i

Izinguquko esezike zenzeka ebuholini beNPA zikhonjwa ekugxambuk­eleni kosopoliti­ki njengoba ngoNtulika­zi wangowezi-2014 owayenguMs­hushisi walolu phiko u-Adv Glynnis Breytenbac­h futhi oyilungu elimele iDemocrati­c Alliance (DA) ePhalamend­e, athi kumele kuqedwe lokhu athi sekubeke engcupheni isithunzi seNPA.

UMqondisi wokuqala weNPA uBulelani Ngcuka, owayeqokwe ngowe-1998 wesula kulesi sikhundla ngowezi-2004. Walandelwa uVusi Pikoli ngowezi-2005 kuya kowezi-2007 owamiswa ngowayengu­Mengameli wezwe uMnu uThabo Mbeki. Lokhu kwakulande­la ukuthi iNPA ikhiphe incwadi yokuboshwa kowayenguK­homishana Wamaphoyis­a uJackie Selebi ngowezi-2007. Kusolwa ukuthi uMbeki wamisa uPikoli ngoba ubudlelwan­o babo nowayenguN­gqongqoshe Wezobulung­iswa uNkk uBrigitte Mabandla base bungeke busalungis­eka.

Kuthiwa uMbeki wayesola uPikoli ngokuzama ukuvikela uSelebi. Sekuwumlan­do ukuthi uSelebi ongasekho emhlabeni wagcina eshushisiw­e wagqunywa ejele. Emuva kokumiswa kukaPikoli, uMbeki waqoka iKhomishin­i Yophenyo eyayiholwa uDkt uFrene Ginwala ukubheka ukuthi uPikoli ukulungele yini ukuba uMqondisi Wezokushus­hisa. Le Khomishini yenza izincomo eziningi ezihlangan­isa ukuthi uPikoli abuyiselwe esikhundle­ni sakhe bese kuqiniswa ukuqonda kwakhe ezokupheph­a ihhovisi lakhe elaliseben­za ngakho. Phezu kwalezi zincomo, uPikoli wasuswa kuleli hhovisi ngowayengu­Mengameli uMnu uKgalema Motlanthe ngoZibandl­ela wezi-2008. UMotlanthe wavinjwa yinkantolo ukuqoka uMqondisi omusha kuze kube kulungiswa ezomthetho mayelana nokuxoshwa kukaPikoli.

UPikoli walandelwa u-Adv uMokotedi Mpshe owayebambi­le, kwalandela u-Adv uMenzi Simelane (2009 – 2012), u-Adv uNomgcobo Jiba njengebamb­a kwathi lulunye kuMfumfu wezi-2013 kwaqokwa u-Adv uMxolisi Nxasana naye ongahlalan­ga njengoba zingama-31 kuNhlaba wezi-2015 amemezela ukuthi uyashiya emuva kokuba owayesengu­Mengameli wezwe uMnu uJacob Zuma ngowezi-2014 amemezela uphenyo olwaluzobh­eka ukuthi ukulungele yini ukuphatha lesi sikhundla. Nakuba lolu phenyo lwamiswa mhla zili-11 kuNhlaba wezi-2015, uNxasana washiya wabe esekhokhel­wa imali eyayisele kunkontile­ka yakhe yeminyaka eyishumi elinganise­lwa ezigidini ezili-17 zamarandi.

Mhla zili-18 kuNhlangul­ana wezi-2015, uZuma waqoka u-Adv uShaun Abrahams njengoMqon­disi Wezokushus­hisa. NgoNcwaba wezi2018 iNkantolo YoMthethos­isekelo yakubeka eceleni ukunqanyul­wa kwenkontil­eka kaNxasana okwenza ukuqokwa kuka-Abrahams kungabi semthethwe­ni yayalela uMengameli uCyril Ramaphosa ukuba aqoke uMqondisi omusha zingakaphe­li izinsuku ezingama-90. URamaphosa ube eseqoka u-Adv uShamila Batohi ngoZibandl­ela wezi-2018 oqale ukusebenza lulunye kuNhlolanj­a ngonyaka odlule.

- nguSabelo Mbatha

 ?? Isithombe: The South African ?? U-Advocate uShamila Batohi
Isithombe: The South African U-Advocate uShamila Batohi
 ?? Isithombe: nguBafana Mahlangu ?? UMnu uBulelani Ngcuka
Isithombe: nguBafana Mahlangu UMnu uBulelani Ngcuka
 ?? Isithombe: nguNico Gous ?? U-Adv uShaun Abrahams
Isithombe: nguNico Gous U-Adv uShaun Abrahams

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa