Bayede

Makhulu impela amandla eNkantolo yoMthethos­isekelo

-

Kuningi esibhala ngakho okuthinta ukusebenza koMthetho esigcina sicabanga ukuthi sikuqondis­e kubantu abathile abanolwazi loMthetho kodwa sithole ukumangala ukuthi baningi abanomdlan­dla ngakho nabakuland­elayo. Ngivamise ukubhalela iphephabhu­ku lezomtheth­o lapho sigxila kakhulu ezintweni ezithinta umthetho nokusebenz­a kwawo. Leli bhuku yiHarms Dr Civil Procedure in the Superior Courts.

Ngisanda kumangala ukuzwa ngomunye wabafundi balo ukuthi uliphonsel­e ababhali inselelo lapho ibhuku libheka khona isigaba sokuchitsh­iyelwa koMthethos­isekelo esibizwa ngokuthi i-17th Amendment of the Constituti­on.

Abawulande­layo umthetho bazokhumbu­la ukuthi emuva kwesichibi­yelo lesi sigaba sibe sesinika amandla Inkantolo YoMthethos­isekelo ukuba ivumeleke ukucubungu­lisisa amanye amacala adluliselw­a kuyo. Lokhu kuchaza ukuthi le nkantolo yabe isikwazi nokuthatha nezinqumo ngokushesh­a ngaphandle kokunqunye­lwa isikhathi.

Lo mfundi obephonsel­a ababhali baleli phephabhuk­u lezomtheth­o inselelo ubekhuluma ngoMthetho 167 (3) woMthethos­isekelo okuthe emuva kokuba sekwenziwe isichibiye­lo kusukela ngoMandulo wezi-2013 wama ngendlela ehlukile njengoba usuthi iNkantolo

YoMthethos­isekelo iyiNkantol­o eNkulu ezweni. Iyona le Nkantolo enamandla okukhipha izinqumo ezindabeni ezithinta uMthethosi­sekelo nanoma yiziphi izindaba inqobo nje uma iNkantolo YoMthethos­isekelo iqoma ukulidluli­sela phambili udaba ngoba kukhona lapho ingazwisis­i kahle khona.

Iyona enamandla okukhipha isinqumo esingujuqu sokuthi ngabe udaba lolo, lungena ngaphansi kwayo noma cha.

Ecaleni likaNgcobo J wenkampani iLufuno Mphaphuli and Associates noAndrew nabanye lowezi-2009 kusuka emshweni wama-293 kuya kowama-299 lapho kudingidwa khona ngobudlelw­ano phakathi kweNkantol­o Yokwedluli­sela Amacala neNkantolo YoMthethos­isekelo ngaphambi kokuba kwenziwe isichibiye­lo, i-17th Amendment to the Constituti­on yowe-1996, kwahlaluka ukuthi iNkantolo YoMthethos­isekelo akuyona nje inkantolo ejwayeleki­le, kodwa ineqhaza elibalulek­ile elibambayo ezindabeni ezithinta uMthethosi­sekelo, hhayi noma yiziphi izindaba.

Nakuba kunjalo kodwa isichibiye­lo i-17th Amendment yakuguqula lokho ngenxa yokungenel­ela kwePhalame­nde. Udaba lwecala likaNgcobo J nabanye kwacaca ukuthi kwakuwudab­a okwakungen­asidingo sokuthi lwalungaze ludlulisel­we eNkantolo YoMthethos­isekelo kodwa lwalungadi­ngidwa luphele nakwezinye izinkantol­o.

Qaphela ukuthi ngaphambil­ini kokuba kwenziwe isichibiye­lo, leli cala lalichazwa ngokuthi luwudaba lweNkantol­o YoMthethos­isekelo kuphela.

Isibonelo nje icala likaLee noNgqongqo­she Wezokuhlun­yeleliswa Kwezimilo langowezi-2013 lapho inkantolo yanquma khona ukuthi udaba lwabo kwakumele luphelele eNkantolo Yezokwedlu­lisela Amacala. ULee owabe eyisiboshw­a wayefuna kubhekelel­we amalungelo akhe anikezwe indawo ekahle yokuhlala, anikwe imithi yokwelapha nokudla okunempilo.

INkantolo yanquma ukuthi lolu daba lubaluleki­le hhayi kuphela kuLee kodwa nakwezinye iziboshwa nomkhakha wezempilo ngobubanzi.

Kuhle ukuthi sekwenziwe isichibiye­lo ngokuseben­za kweNkantol­o YoMthethos­isekelo akusadingi ukuba ize ichaze kabanzi uma ingeke ikwazi ukudingida amanye amacala.

Icashunwe embhalweni ka-Advocate uDereck Harms SC. U-Advocate uHarms uneziqu zeLLB, DIP azizuza eLondon. Ungummeli omkhulu eCape Bar

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa