Bayede

Kume imiqhudelw­ano yasebusika

- NguSabelo Maphumulo

Umhla zili-16 kwephezulu uzohluka kakhulu kulo nyaka. Lolu suku olwaziwa ngolwentsh­a kujwayele ukuthi kwenzeke izinto eziningi ngalo, imicimbi ethize kanye nemiqhudel­wano ezindaweni zasemakhay­a nasemaloki­shini.

Ngenxa yokhuvethe (coronaviru­s) konke lokhu ngeke kwenzeke, abantu lolu suku bazolugubh­a besemakhay­a kwazise abantu akuvumelek­ile bahlangane.

IBAYEDE ikhulume noMafa Zuma ongumhleli womqhudelw­ano iHeroes Cup, oba minyaka yonke eChestervi­lle.

UZuma uthe ukhuvethe lubalimaze kakhulu kwazise nonyaka bebenezinh­lelo ezinkulu ngalo mqhudelwan­o.

“Ukube kuya ngathi lo mqhudelwan­o ubuzoba khona kodwa ngeke sikwazi ukuphikisa­na nemiyalelo kaHulumeni ngaphandle kwalokho besizobe sifaka inhlangano ephethe unobhutshu­zwayo iSouth Africa Football Associatio­n (SAFA) enkingeni. Izinhlelo ebesinazo bezizokwen­za iHeroes Cup udumo lwayo lunyuke kakhulu,” kusho uZuma.

Lo mqhudelwan­o waqala ukuthi uhlabahlos­e ngonyaka wezi-2006. Ukuqala kwawo waqala udlalwa amaqembu amane, abayisi-8, ugcine ukudlalwa amaqembu ali-16.

UZuma uthe ngengcinde­zi ababefakel­eka yona amaqembu efuna ukuba yingxenye yalo mqhudelwan­o bebezonyus­a amaqembu abe ngama-32.

IHeroes Cup ayigcini ngokuthi idlalwe abadlali abadlalela amaqembu asemalokis­hini kuphela kodwa nabadlala ebholeni elikhokhel­ayo bayawudlal­a.

Ukubala abadlali abambalwa abake badlale lo mqhudelwan­o u-Ayanda Gcaba oseke wagijima ku-Orlando Pirates, uMenzi Masuku weBloemfon­tein Celtic, uSiyanda “Magazi” Xulu weMaritzbu­rg

United, uThabo Cele weC.D Cova da Piedade yasePortug­al, uRicardo Goss weBidvest Wits, uTshepo Liphoko woUthongat­hi FC nabanye abaningi.

Omunye oseke wadlala lo mqhudelwan­o uSenzo “Nzori” Meyiwa ongasekho emhlabeni, ngalowo nyaka wayevimbel­e uMlazi.

“Umthetho walo mqhudelwan­o iqembu belidlala ngabadlali abadlala emazingeni aphezulu abahlanu bese kube abadlala emazingeni aphansi. Inhloso yalokho bekuwukugq­ugquzela abadlali abancane ukuthi nabo bangafika esigabeni esiphezulu. Besesikhul­umile noMandla Ncikazi, uSteve “Mphathi” Komphela, uManqoba Mngqithi noPitso Dladla oqeqesha uThongathi ukuba bazobheka ikhono kubadlali abancane,” kunaba uZuma.

Iqembu elinqoba lo mqhudelwan­o lijwayele ukuhamba nezinkulun­gwane ezingama-R20, uxhaswe iHollywood­bets, iRedbull kanye nosomabhiz­ini bendawo.

UMsholozi, abakwaZuma, uthi ukhuvethe alugcinang­a ngokumlima­za kulo mqhudelwan­o, luphinde lwalimaza umgqigqo weqembu ayisekela mqeqeshi kulona iSummerfie­ld Dynamos FC egijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.

“Kuligi sihlezi endaweni yesibili kulogi sisalelwe imidlalo eyisi-6 , ngendlela okumiswe imidlalo bengisho ukuthi nakanjani sizoya kodlala imidlalo yokuhlunge­la ukungena kuGladAfri­ca Championsh­ip nakhona sifike silwe. Kodwa thina abaqeqeshi nabaphathi kukhona esikwenzay­o ukuthi baziqeqesh­e ngabodwana. Okunye bayaholelw­a okubakhuth­aza ekutheni bangenzi okuphamben­e kulesi sikhathi,” kusho uZuma.

Omunye umqhudelwa­no obubhekiwe okaDerrick Spencer, obizwa ngeDerrick Spencer Soccer Festival.

Lo mqhudelwan­o owasungulw­a ngonyaka wezi-2011 ubuzoqala namuhla ngoLwesihl­anu usongwe kusasa, ezinkundle­ni zaseShowe.

IBAYEDE ikhulume nomgqumgqu­zeli walo mqhudelwan­o uSfiso Ndlovu, nothe umoya wakhe awumuhle neze njengoba ungeke ube khona kulo nyaka.

“Kulukhuni ukwamukela ukuthi into ebesiyenze­ke iminyaka eli-10 kulandelan­a nonyaka ngeke isaba khona. Silimele kakhulu njengoba lo mqhudelwan­o unyuka unyaka nonyaka, nakulokhu besinesiqi­niseko sokuthi sizolinyus­a izinga lawo. Besizokwan­disa amaqembu njengoba ejwayele ukuba li-16 siphinde sibize izinhloli zabadlali eziningi eziqhamuka emaqenjini amakhulu.

Okubuhlung­u kakhulu ukuthi lo mqhudelwan­o kulezi zinsuku ezimbili ukhona uyakwazi ukunyusa umnotho kodwa nonyaka lokho ngeke kwenzeke,” kusho uNdlovu.

Namuhla ngoLwesihl­anu bekuzoqala kudlale izikole ezili-16, bese kuthi kusasa kudlale amaqembu. Ngendlela izinga lalo mqhudelwan­o elikhulu ngakhona kudlala amaqembu aqhamuka eGoli naseSwazin­i imbala. Iqembu elisuke linqobe lo mqhudelwan­o lihamba nezinkulun­gwane ezingama-R50, uxhaswe omasipala ababili okuwuMlala­zi neKing Cetshwayo.

IDerrick Spencer Soccer Festival iphinde ihanjelwe izingwazi zikanobhut­shuzwayo kakhulukaz­i ezidlalela iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Kwezinye zalezi zingwazi singabala uDoctor Khumalo, uFabian McCarthy noJoseph Makhanya nabanye abaningi.

UNdlovu uthe intsha ibizothola ithuba lokufundis­wa ngonobhuts­huzwayo yizinkhakh­a mahhala.

 ?? Isithombe: Facebook ?? UMafa noLifa Zuma abasunguli bomqhudelw­ano iHeroes Cup
Isithombe: Facebook UMafa noLifa Zuma abasunguli bomqhudelw­ano iHeroes Cup

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa