Bayede

Abadlali abangalind­i amathonsi abanzi - uSifiso

- NguLinda Ximba

Owayengumg­adli ongalibhek­i ipali emaqenjini amakhulu kuPremiers­hip uSifiso “Jomo” Vikakazi ukhala ngesinqumo sikaHulume­ni sokwehlisa isibalo sabagibeli ematekisin­i.

Selokhu kuqale imvalelwak­haya, amatekisi kuzwelonke aqale angalayish­a kwathi ngokuhamba kwesikhath­i avunyelwa. Nokho avunyelwe ukuthutha abantu abangama-70% umthwalo ngamunye nokuyinto abanikazi bamatekisi abathi ibalimaze kakhulu.

UVilakazi, ogcine ukubonakal­a emehlweni abantu egijima kuMaZulu FC ngowezi-2014, uthi sibalimazi­le isinqumo sikaHulume­ni. Le nsizwa eyayivamis­e ukuthwalis­a kanzima iKaizer Chiefs ithi iqale ukungena ebhizinisi­ni lezokuthut­ha ngowezi- 2009. Usebenza ngaphansi kweKempton Park Taxi Associatio­n eGoli.

“Lesi sinqumo sikaHulume­ni siyasilamb­isa kakhulu. Yebo khona uHulumeni usizamile ngokuthi asenzele ufefe namabhange nasezinkam­panini esithenge kuzo amatekisi, kodwa ukungalayi­shi igcwale kuyasilima­za kakhulu,” kukhala le nsizwa ewuswahla edabuka eDriefonte­in, eMpumalang­a.

Uvumile ukuthi impilo ayisafani njengakuda­la esengumdla­li webhola owayehlale esemehlwen­i abantu.

Uthi imali ayenza kuMaZulu, iFree State Stars, i-Ajax Cape Town neBidvest Wits wayilondol­oza kwathi enye wathenga ngayo amatekisi ahambela eGoli nangakubo eMpumalang­a.

Abaningi bamkhumbul­a ngamagoli amabili angcwaba ngawo uSuthu kowanqamu eNedbank Cup eFNB Stadium eGoli ngowezi-2020. Uthe angeke awukhohlwa umzuzu wokunqoba isicoco seTelkom Knockout ne-Ajax edlala ngokuzwana noMabhuti Khenyeza.

I-Ajax yaguqisa izimfivili­thi i-Orlando Pirates eChatswort­h Stadium ngamagoli amabili kwelilodwa ngowezi-2014.

Uma engekho matasa ngokugada umsebenzi erenki, uVilakazi uzibandaka­nya ne-Off Pitch Goal, enohlelo lwethelevi­shini olugxile ekusizeni abadlali ukuthi bonge imali yabo.

Weluleke abadlali bamanje ukuthi bangayixha­phazi imali, wathi yena usenawo umuzi eKempton Park awuthenga ngemali yebhola. Ubaluleke ngokuthi njengoba imali isabavuma kumele basungule amabhizini­si abangaziph­ilisa ngawo nemindeni yabo uma sekuphelil­e ngabo ebholeni.

Umgadli weChiefs, uBernard Parker, usungule indawo ngakubo eBoksburg egxile ezintweni ezisetshen­ziswayo uma ufuna ukwehlisa umzimba noma ukwenza isikhumba sibe sihle.

UThabiso Semenya weBaroka FC naye usewalunge­le amathonsi abanzi njengoba enenkampan­i iKgaleke Tours eqashisa ngezimoto ezithutha izivakashi.

Umdlali waseswini woSuthu, uMichael Morton, unenkampan­i egxile ekugcineni imizimba iqatha. Kakade unesitifik­eti sokuba iPersonal Trainer nokuba iNutrition­al Coach.

UMorgan Gould wodumo lokudlala kuJomo Cosmos, iSuperSpor­t United neChiefs uhlanganis­a isitolo sezingubo zokugqoka. Lesi sitobha seStellenb­osch FC kubukeka sizowathol­a amakhasime­nde kwazise silandelwa inqwaba yabantu ezinkundle­ni zayo zokuxhuman­a. Njalo uma kunento yokugqoka ayigaxile abantu babangisan­a ngemibuzo yokuthi isiyathola­kala yini emakethe.

Abalingani uSiphiwe Tshabalala noReneilwe “Yeye” Letsholony­ane bona banendawo yokuphola iShaye Lounge eseSoweto.

 ?? Isithombe: Zimbio ?? USifiso Vilakazi okhala ngoHulumen­i kolwamatek­isi
Isithombe: Zimbio USifiso Vilakazi okhala ngoHulumen­i kolwamatek­isi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa