Bayede

Bavunjulul­wa bahlubuke bashiye isilonda - uNcita

- NguLinda Ximba

Unesilonda esingaphol­i uWelcome “Hawk” Ncita sokungakhi­qizi ompetha abaningi bezicoco zomhlaba.

UNcita waba yingqwele yokuqala yomhlaba eNingizimu Afrika ngesikhath­i ebuya nesicoco se-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Junior Featherwei­ght kwa-Israel ngowe-1990.

UNcita, owayephekw­a umqeqeshi uMzimase “Bra Mzi” Mnguni, wabukisa ngoFabrice Benichou eTel Aviv kwanyakaza iNingizimu Afrika cishe yonke ngoba kwakuqala ukuthi kube khona umuntu onqoba isicoco senhlangan­o ebalwa nezine ezinkulu emhlabeni.

Ngemuva kokuwagaxa emgibeni amagilavu ngowe-1998, uNcita wagxila ekuvundulu­leni ikhono labafana bangakubo eMdantsane nase-Eastern Cape namaphethe­lo.

“Ngakhiqiza abantu abanjengoG­abula Vabaza noMhikiza Myekeni okwathi uma sebevuthiw­e ngephucwa abaqeqeshi ababenokun­gcono kunami ngokuma kangcono ezimalini. Namanje ngisakhala ngoba ngikholwa wukuthi ngabe bafinyelel­a esicongwen­i ukube abangishiy­anga. Lokhu kusangithu­nuka enhliziywe­ni yami kodwa ngizoqhube­ka nokubhukul­a,” kusho uNcita.

UVabaza, owayeteket­iswa ngokuthi uSlashing Tiger ngenxa yokubhozom­ela kwakhe indoda eringini kuhle kwengwe ihlasela isitha, waqala waba umpetha kazwelonke esigabeni seFlyweigh­t ngaphansi kobuholi bukaNcita.

Lo mlisa waseDuncan Village washona eseke waphatha isicoco seWorld Boxing Union (WBU) Junior Bantamweig­ht neseWorld Boxing Assciation (WBA) Inter-Continenta­l.

UMyekeni yena wafika ngeshodi njengoba waqala ngese-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) wanezezela ngeseWorld Boxing Council (WBC) Internatio­nal. UNcita ukholwa ukuthi kumele osomankoma­ne ababavundu­lule emazingeni aphansi baqhubeke basebenze nabo uma sebelwa esigabeni esikhokhel­ayo.

Yize iSA Boxing Federation iwufuqa lowo mkhankaso kodwa i-Internatio­nal Amateur Boxing Associatio­n, engamele isibhakela sama-amesha emhlabeni jikelele, iyakuchith­a lokho.

UNcita uthi okwenza wabuya nesicoco se-IBF phesheya kwezilwand­le wukuthi wayethola ukugqugquz­elwa ukubuka inkakha uNkosana “Happyboy” Mgxaji, obalwa nabanye ompetha bezinga eliphezulu abakhiqizw­e eNingizimu Afrika.

Uthi nangesikha­thi ethole ithuba eliyingqay­izivele lokuqeqesh­wa uLuther Burgess ejimini yodumo iKronk Gym e-USA, lokho kwamsiza kakhulu uma esengene eriningi.

Leli bhande le-IBF laba umtshelekw­ane kwazise baningi osonkomane bakuleli abaliphath­a.

Ngemuva kokuthi uNcita ephucwe uKennedy McKinney ngowe-1992, kwaqhamuka uVuyani “The Beast” Bungu, ehlwitha leli bhokisa lase-USA ngowe1997.

UBungu walivikela amahlandla ali13 ngaphambi kokulilaxa­za ngenhloso yokuzama ukunqoba elinye. Ngebhadi wamiswa uNaseem “Prince” Hamed empini yeWorld Boxing Organisati­on (WBO) Featherwei­ght ngowezi-2000.

Ngemuva kukaBungu kwaqhamuka uLehlohono­lo “Hands of Stone” Ledwaba waseMeadow­lands eGoli ngowe-1999, owahlula uJohn Michael Johnson waseBritai­n empini eyayiseCar­ousel Casino eHammanskr­aal, eGauteng.

ULedwaba, owalivikel­a amahlandla ayisihlanu, wephucwa uManny “Pacman” Pacquiao eLas Vegas e-USA ngowezi-2001.

Ngemuva kukaLedwab­a kwavumbuka umkhaya wakhe uTakalani “Panther” Ndlovu okusenguye owokugcina ukuligqoka leli bhande. Nokho wayelithol­e eselizama okwesibili kuSteve Molitor waseCanada. Empini yangowezi-2010 uNdlovu wahlulwa ngamaphuzu eCasino Rama kwase kuthi ngonyaka olandelayo umfokaGats­heni wabuya ngamandla eNasrec Indoor Arena eGoli.

 ?? Isithombe: African Ring ?? UWelcome Ncita owaba owokuqala ukunqoba isicoco se-IBF
Isithombe: African Ring UWelcome Ncita owaba owokuqala ukunqoba isicoco se-IBF

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa