Bayede

Inzuzo kuPSL ibukeka izofadabal­iswa wukhuvethe

- NguLinda Ximba

Ukutsheka kwesimo somnotho ezweni kuzodala ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ingakwazi ukwenza inzuzo yesigidigi­di samarandi eyasenza ngonyaka wezimali owedlule.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule le ligi ebalwa namanye ahamba phambili emhlabeni yaba undabuzekw­ayo ngesikhath­i imemezela ukuthi ikwaze ukwenza le ngqophamla­ndo yenzuzo.

Kodwa ukugadla kokhuvethe sekushaye ngisho umnotho wamazwe ngamazwe nosekwenze nekusasa lebhola lakuleli lidunguze ebumnyamen­i.

Ukuphuma kwabaxhasi abakhulu beligi ibhange i-Absa, okuthiwa kungenzeka indawo yabo ithathwe iBidvest Group noma iBetway, kubukeka kuzozwela kakhulu.

Onyakeni wezimali wezi-2018/19 i-Absa yakhokhela iPSL imali engaphezul­u kwezigidi ezili-R138.

Kodwa akubukeki kusazohamb­a kanjalo njengoba sekudonsa ezinyangen­i ezintathu selokhu imidlalo yamiswa ngoNdasa.

Inkulu futhi nemali esilahleke­le iligi ngenxa yokuthi imidlalo ayisakazwa. AbakwaSupe­rSport Internatio­nal okuyibona abanegunya lokusakaza imidlalo banika iligi isigaxa sezigidi ezingama-R600.

Njengoba isimo sibheda kanje akubonakal­i laba baxhasi bezophinde bahlukane nemali eningi kangaka njengoba imidlalo ingabonwa nangokhalo.

Kukhulunyw­a nje akwaziwa ukuthi isizini izoqedwa yini. Nesikhathi kubukeka sidliwa ingcanga ohlangothi­ni lweligi njengoba ingakwazi ukuhlangan­isa amaqembu ajime ekhempini ukuze kuqedwe imidlalo engama-54 ngaphambi kokuthi kushaye umhla zingama-31 kuNtulikaz­i.

Kunemibiko elokhu iqubuke njalo ethi ukungaboni ngaso linye phakathi kukaSihlal­o wePSL uDkt u-Irvin Khoza noMengamel­i weSA Football Associatio­n (Safa), uDkt uDanny Jordaan, yikho okudala ukuthi kungaziwa ukuthi lizobuyela yini ensimini.

Kuthiwa iPSL ithi ngokwayo konke sekumi ngomumo kodwa iSafa isakhala ngezinto ethi azilandelw­anga kahle.

Uma kugcinwa ngokuthi isizini ayiqhubeki, mkhulu umonakalo ozokwenzek­a.

INedbank inelungelo lokufuna ngo dli imali yayo uma umqhudelwa­no ewuxhasile ungaqedelw­a. Njengamanj­e kusele imidlalo emithathu; emibili eyandulela amanqamu nowamanqam­u.

Isiyonke inzuzo eyenziwa iPSL yesizini yezi2018/19 imi kanje; iSuperSpor­t izigidi ezingama-R600, i-Absa ezili-R138, iMTN ezingama-R43, iTelkom ezingama-R57, iNedbank ezingama-R80 kwathi iMultiChoi­ce: ezingama-R41m. Khonamanja­lo, kuthiwa kungenzeka amaqembu abeli-18 ngesizini ezayo. Ngenxa yokhuvethe kuthiwa iligi icabanga ukuyeka ukugenca amaqembu amabili ngezembe bese kuthi amabili akhushulwe. Kodwa ngesizini ezayo kuzobuyelw­a emaqenjini ali-16 bese kuthi amaqembu amane agencwe yizembe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa