UMalema uthi uyanyundelwa kweleVBS
Emnyakazweni obekusobala ukuthi uphunga izinkulumo, umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu uJulius Malema, ubize isithangami sabezindaba nayilapho ebekhuluma kabanzi ngenkohlakalo eyeyamaniswa neqembu lakhe neVBS Bank.
Selokhu kwavela izindaba zenkohlakalo nezaholela ekutheni leli bhange liguqe nabantu balahlekelwe yimali ebalelwa esigidini amalungu athile eqembu kubandakanya naye uMalema kabasali. Lokhu sekuphenduke inxeba abanye abangena ngalo uma begadla kwabe-EFF. Okufike kulumele wukuthi le mali eyalahlekayo ngeyabantu abahlwempu baseLimpopo leli qembu elihlale lithi libamele. Abanye okuthiwa baluthwa ngomasipala abangama-20.
Ekhuluma nabezindaba umholi we-EFF uveze ukuthi nembala wameluleka uMengameli uRamaphosa ukuthi akenze ngakho konke ukuba lihlengeke ibhange leli ngoba labe lingaboHlanga futhi lihlinzekela bona emazingeni omphakathi. Lokhu uthi akazisoli ngakho.
“Esabe sikufuna wukuvikela isizwe sabaVenda ngokuqinisekisa ukuthi ibhange leli kalivalwa. Sathi bopha labo okuthiwa bebe imali, uthole imali eyebiwe ukhokhele abantu. Ngathi kuRamaphosa uma ikhona indlela yokuhlenga ibhange akwenziwe imizamo,” kusho uMalema nothi ukunukwa kwakhe yingoba babemile ekutheni akuvikelwe into yaboHlanga.
Nokho abagxeki be-EFF bathi leli bhange labe liyinsengwakazi nokwanede kwabonakala ukuthi umbele uyanqindwa bangahlaliseka kahle.
Basola ukuthi abe-EFF bayithola imali besebenzisa umgudu oyinkampani iSgameka Projects, neyabe ishayelwa nguMnu uBrian Shivambu nokumnewabo kaMnu uFloyd Shivambu olisekelela likaMalema.
Le nkampani kuthiwa yathola izigidi eziyisi-5 eyabe ingamatshontsho ayevela kuVBS eyinika enye inkampani iMahuna Investments, nokuthiwa iphethwe ngumzala kaMalema.
NgoLwesithathu oKlebe babophe abasolwa odabeni lweVBS nokulindelwe ukuba kulandela abanye maduze. Kubo akekho owe-EFF kanti negama likaMalema nesekela lakhe lalingekho embikweni wophenyo nokwenza uMalema ame ekutheni unindwa ngobubende inyama engayidlanga.