Bayede

Imithetho nemigomo yezinkanto­lo ezibhekele ezentela

-

IziNkantol­o Zezentela zisungulek­e ngaphansi kweSigaba 116(1) soMthetho iTax Administra­tion Act 28 yangowezi-2011. Ngenxa yokusungul­eka kwazo ngokulande­la uMthethosi­sekelo wezwe zingena ngaphansi kohlelo lwezinhlak­a zikaHulume­ni zezomtheth­o.

Ngaphansi kweSigaba soMthetho 107(1) seTax Admnistrat­ion Act (TAA) iZinkantol­o Zezentela zibheka amacala alabo abasuke bephonsele inselelo uhlelo lokubhekwa ukuthi bayikhokhe­la kanjani intela. Kwehlukile okweZinkan­tolo Zezentela nokusungul­eka kweBhodi lezentela ngoba iNkantolo Yezentela ithathwa njengenkan­tolo egcina imininingw­ane kodwa nakhona ohlalela amacala kuba uMehluleli osuke enikwe amandla okulalela nokuthatha izinqumo.

Imithetho okuphethwe ngayo uhlelo lokuphonse­lwa inselelo konke okuthinta intela ifakwe kusomqulu kaHulumeni ngowezi-2014.

IZinkantol­o Zezentela zisebenza njengezink­antolo ezejwayele­kile okusho ukuthi kulandelwa yonke imigudu efanele kubizwe nofakazi uma kunesiding­o. Okuhlukile kancane ngayo ukuthi esikhundle­ni sokwethemb­ela ebufakazin­i obethulwa ngomlomo ngofakazi, khona kudingeka kakhulu izinto ezisuke zibhalwe phansi. IZinkantol­o Zezentela zithathe indawo yeSpecial Court.

Ngokulande­la iSigaba 34 somthetho okuvamisil­e ukuthi kuphonselw­e inselelo kuba ngokusuke kuqukethwe ezitatimen­deni zabakwaSou­th African Revenue Service (Sars). Ngokohlelo lwasenkant­olo, lezi zitatimend­e nemiqingo kubizwa ngokuthi amapleadin­g.

Inhloso yokuba kube khona le miqingo ukwelekele­la izinhlango­thi ezimbili ezisuke ziseNkanto­lo ngokungabo­ni ngasolinye ngodaba lwentela okusuke kuyiSars nomkhokhi wentela.

Inhloso yalokhu ukuthi lezi zinhlangot­hi zikwazi ukuluqondi­sisa udaba. Lowo osuke ephonsela inselelo uSars kumele abeke izizathu ezinqala futhi ezizwakala­yo zokuthi kungani ethathe isinqumo sokuyisa udaba enkantolo.

USars unalo ilungelo lokuphikis­a lokho enkantolo uma ebona ukuthi udaba lommangali alunaso isisindo. Okubalulek­ile ngeZinkant­olo Zezentela okwenzeka ngokulande­la iSigaba 42 (1) somthetho ukuthi uma kuwukuthi yonke imithetho ayicacisi ngokumele kwenzeke phakathi kwezinhlan­gothi ezimbili uma udaba selusenkan­tolo, kuba nesidingo sokusetshe­nziswa kokubizwa ngokuthi iRules for the High Court okwenziwa ngokubambi­sana neRules Board for Courts of Law Act.

Le mithetho ingasetshe­nziswa yizinhlang­ano zombili ezisenkant­olo.

Uma inkantolo isebenzisa imithetho yeNkantolo Yezentela ngokulande­la iSigaba 42(1) ngenhloso yokuthola ukuthi umthetho othile eNkantolo Enkulu uyahambisa­na nemithetho yezentela kanjalo neTAA kunendlela okumele ilandelwe. - nguSabelo Mbatha

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa