Umuzi uphendulwe isidleke sokuqeda inkanuko
Sivutha singabaselwe isikhulu sikaHulumeni eMnyangweni Wezemisebenzi Yomphakathi ngokuthola ukuthi umuzi waso osePelhem eMgungundlovu usuphendulwe isidleke sabadayisa ngomzimba.
UMnu uSimtembile Gaxela obenguSihlalo weMunicipal Planning Tribunal KwaZulu-Natal useyiSikhulu Esiphezulu kulo Mnyango kuzwelonke.
Ngenxa yomsebenzi usehlala ePitoli wabe esenquma ukuthi umuzi wakhe aqashise ngawo.
Uthi uhlangene noMnu uPaul Stephanus Kruger obefuna indawo yokuhlala nomndeni wakhe babe sebenza isivumelwano sokuthi ahlale kulo muzi unyaka owodwa.
UGaxela uthi akuphelanga sikhathi esingakanani wathola izingcingo zivela kubangani bakhe ababone umuzi wakhe ezikhangisweni zesizindalwebu sabadayisa ngomzimba bekhangisa ngemizimba yabo okubonakala ukuthi babenesikhathi sokuthatha izithombe.
“Ngimushayele ucingo uKruger wabika imbiba nebuzi ekhala nangokuthi akazi ukuthi kwenzakalani ngoba useBloemfontein,” kusho uGaxela.
Uthe uxakekile ukuthi angakusho kanjani lokho ngomuzi wakhe awushiye kuyena futhi uyikhokhe yonke irenti eyizi-R16 000 uma isihlangene nediphozithi.
“Kuyilapho ngiqale ukusola ngashayela amaphoyisa aseMgungundlovu ngawatshela ngale ndaba nawo angitshela ukuthi sikhona isigameko esibikiwe ngendlu yami sentombazana ebikhala ngokuthi ihlukunyezwa amanye amantombazana kuyona le ndlu” kusho uGaxela eveza ukuthi kuyamxaka ukuthi amantombazana avelaphi ngoba yena wazi ukuthi kuhlala uKruger nomndeni wakhe kulo muzi.
“Amaphoyisa angitshele ukuthi kufanele ngifike eMgungundlovu kube imina oyobakhipha labo bantu futhi ngivule icala ngoba kuyicala ukuthi umuntu aphendule umuzi womuntu ibhizinisi engazi futhi bengavumelananga ikakhulukazi ibhizinisi elifana naleli,” usho kanje.
Uthe icala uzolivula ngoLwesihlanu (namuhla) uma esebuya ePitoli.
Ethintwa uKruger ngalezi nsolo uthe akazi ukuthi intatheli ikhuluma ngani futhi akazimisele ukudalula imininingwane ngaye kubantu angabazi.
IBAYEDE izifikele mathupha kulo muzi kuthulekile kodwa omakhelwane bekhala ngokuthi kabazi ukuthi kwenzekani ngale kokuthi kunezimoto zikanokusho eziphuma zingena.
Leli phephandaba linengxoxo eqoshiwe nomunye odayisa umzimba okufakazile ukuthi ngempela basebenzela kulo muzi futhi kakuyena yedwa okhona ngaphakathi.
“Singanisiza noma nibangaki ngoba phela ibhizinisi leli...uma niyiphethe nje imali kulungile” kusho omunye wabadayisa ngomzimba ecabanga ukuthi ukhuluma nekhasimende.
Uphinde wadalula ukuthi babiza ama-R 300 isikhathi esingangemizuzu engama-30 kanti ihora ngama-R400.
UGaxela uqhube wathi ngaphandle kokuvula icala uzoxhumana nabameli bakhe ngoba lokhu kuwukwedelela futhi kwacha isithombe esibi ngomuzi wakhe nasemndenini.
Amaphoyisa aseMgungundlovu avumile ukuthi sikhona isigameko esike sabikwa kwathunyelwa amaphoyisa kulo muzi ngoba kukhona intombazana ebithi iyahlukunyezwa. Awakuqinisekisanga ukuthi likhona yini icala elivuliwe anquma ayalela leli phephandaba ukuthi likhulume noCaptain uMhlongo wezokuxhumana endaweni ongatholakalanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel uThembeka Mbhele uthe yize bengavumelekile ukukhuluma ngodaba uma lingavulwanga icala kodwa umnikazi womuzi angalivula noma kuphi angaze abuyele eMgungundlovu ngoba le yindaba eshube kakhulu okufanele isheshe iphakanyelwe.
Ikhansela lendawo uMnu uVic Winterbach lithe yize lingakatholi zikhalo ngendawo kodwa uzoxhumana nezikhulu zoMkhandlu namaphoyisa luphenywe lolu daba.
“Leya ndawo ngiyazi kahle iyindawo ehlala abantu futhi kangikaze ngithole isicelo sokuthi kukhona abafuna ukwenza ibhizinisi kuyona,” kusho uWinterbach.
Uthe kusobala ukuthi abenzi balo mkhuba bakwenza ngezinga eliphezulu elifihlwe ngoba kuthatha isikhathi ukuthi baqapheleke.
“Sike sabakhona isigameko esifana nalesi naseScotsville khona la eMgungundlovu kodwa sasebenza ngokubambisana namaphoyisa sayivala okusho ukuthi kungenzeka ukuthi ziningi izindawo ezisebenza ngale ndlela lapho uthola ukuthi abanikazi bezindlu kabazi ukuthi kwenzakalani emizini yabo,” kusho uWinterbach.
Uthe lesi isenzo esibi kakhulu phakathi kwemizi lapho kukhulela khona izingane nokuthi kungenzeka ukuthi umnikazi womuzi unezingane okungaba kubi kuzo uma sekuvela ukuthi ikhaya lazo like laba yindawo efana nalena.
Okhulumela uMkhandlu uMsunduzi uNks uThobeka Mafumbatha uthe udaba bazoludlulisela kwezomthetho ngaphakathi eMkhandlwini.
Kukhalwa ngomtholampilo wakwaMashu
Ziningi izinsolo ezingezinhle ezishiwo abantu ngezisebenzi zasemtholampilo iKwaMashu Poly Clinic. Abantu abathembele kulo mtholampilo bathi noma ungavalwa ngoba vele abasizakali. Isakhamuzi esisebenzisa lo mtholampilo sithe: “Ngiye ePoly Clinic ngafika ebusuku ngaqhuqhwa amakhaza kwaze kwasa lutho ukuthola usizo. Ngakusasa sengithola usizo nganikezwa amaphilisi ezinhlungu nje. Indlela abaphatha ngayo iziguli uvele ubone ukuthi ngathi siyisicefe kubona ekubeni behola ngathi.”
Sithe uNgqongqoshe Wezempilo okanye uHulumeni kumele bangenelele. Kusukela kudala bekunezikhalo ezahlukene ngalo mtholampilo.
Bahleka bodwa abesibonelelo sama-R350
Kufuze ngabe kuvela elomhlathi kwabangasebenzi izicelo zabo zesibonelelo sama-R350 eziphumelele.
Ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi abophiko oluholela izibonelelo zikaHulumeni iSouth African Social Security Agency (SASSA) luqalile lwakhokhela abathola lesi sibonelelo imali ephindwe kabili. Ziningi izikhalo ezike zavela abantu bethi abayitholile imali.
Ngalokho bazama ukukhokha isibonelelo sikaNhlaba noNtulikazi. Ngokusho kwabakaSASSA lokhu bakwenzela ukusiza abantu ukuze bangagqigqi emadolobheni beyofuna le mali ebizwa ngeCovid-19 Social Relief. Lolu phiko luthe luyazi ukuthi kusukela ngoNhlaba kuke kwaba khona ubuhixihixi.
Kwabathole imali kubalwa abavele benama-akhawunti asemabhange kodwa nabahola eposini kuthiwa bazoyithola iphindiwe ngokuhamba kwenyanga.
ISASSA isimemezele ukuthi abadala bazohola mhla zintathu, abakhubazekile zizine kuthi abanye bayithole zinhlanu ngenyanga ezayo.