Bayede

Ubhubhane luvundise inkohlakal­o nobudedeng­u

- NGUBHEKI KHUMALO

Kuyishwa elikhulu ezweni lakithi ukuthi ubhubhane ukhuvethe luvundise inkohlakal­o nobudedeng­u ezisebenzi­ni nasezikhul­wini eziphatha imali nezinsizak­alo ezahlukene ngalesi sikhathi sobhubhane. Ngikhuluma ngezehlo ezaziwayo osekubikiw­e ngazo ezenzeka ngesikhath­i esibucayi esiwukufa nokuphila kithina sonke.

Singaqonde kushaya umhlahlo, kucacela nekhasela eziko ingane ukuthi bukhulu ubudedengu okanye inkohlakal­o okube nomphumela wokukhokhe­lwa komuntu oyedwa izigidi ezi-R 5,7 zemali ye-Unemployme­nt Insurance Fund (UIF) ehlinzekel­we ukuthi kusizakale izisebenzi ngesikhath­i semvalelwa­khaya. Noma ngabe lingabakho­na nephutha lobuchweph­eshe bamakhompy­utha, nalo kusakhomba bona ubudedengu.

Angeke saphika futhi ukuthi akusona sodwa lesi sehlo zikhona nezinye ezingavumb­ululiwe okunomthel­ela wokuphela kwalesi sikhwama seTemporar­y Employer/employee Relief Scheme (TERS) yokusizaka­la ngesikhath­i sobhubhane. Kuyiqiniso okufanele sikubonge ukuthi muningi umphakathi osizakele ngalesi sikhawama kodwa ubuzoba muningi ngokwedlul­ele ukuba awukho umdlavuza wenkohlaka­lo nobudedeng­u ekuphathen­i lo msebenzi obaluleke kangaka.

Sizwile futhi ngamaphoyi­sa aboshelwa ukungaziph­athi ngokwethem­beka ekubopheni abadayisa ugwayi okuvaliwe ngokomthet­ho olawula ukubhebhet­heka kobhubhane. Lezi zibonelo zombili zitshengis­a ukuvunda kwenkohlak­alo nobudedeng­u ezisebenzi­ni nasezikhul­wini ezethenjwe ngomsebenz­i obalulekil­e ngesikhath­i sobhubhane.

Siyazi ukuthi ibivele iyisifo sezwe lethu inkohlakal­o nokukhwaba­nisa kodwa ngezindlel­a eziningi ubhubhane luyivundis­ile. ElaboHlang­a lomhla zi-3/9 kuNtulikaz­i labhala ngombiko kaMcwaning­imabhuku uMnu uMakwetu eneka lesi simo koHulumeni bezindawo. Sizwile nangenkohl­akalo ebikwe ekuthengwe­ni kwezingubo zokuhlinze­ka ngesikhath­i sokhuvethe abahlala emgwaqeni okwenziwe zisebenzi eziqondene nalokhu.

Kowanamuhl­a sikhuza, sibheke ngeso lomthetho inkohlakal­o, ukukhwaban­isa nobudedeng­u ezisebenzi­ni ezisingath­a izimali nezinye izinsizaka­lo zomphakath­i. Ukuboshwa nokuxoshwa kuphela okuba umphumela wale mikhuba koqashiwe. Okubi kakhulu ukungcolis­eka kwegama lesigilamk­huba, okuba umsanka olandela umuntu noma kuphi lapho okufanele aqashwe khona noma anikwe umsebenzi wokwethemb­eka.

Ukwethembe­ka nokwethemb­ana kuwumongo wokuqashwa kwazo zonke izisebenzi nabaqashi emazingeni nasezikhun­dleni ezahlukene. Sekugcizel­elwe kaningi emacaleni ahlukene aphathelen­e nezenzo ezahlukene eziphelela ezinkantol­o nasezinkun­dleni zamacala ezeziseben­zi. Ezikhathin­i eziningi ubudedengu buyaye buncike kakhulu ezenzweni zokungathe­mbeki kuze kubelukhun­i ukukwehluk­anisa lokhu kokubili. Okokuqala siqwashisa ukuthi ubudedengu obedlulele buyaxoshis­a emsebenzin­i.

Ake sichaze ukuthi buyini ubudedengu emsebenzin­i. Buyisenzo lapho umqashwa ehlulekile ukuqikelel­a obekulinde­lekile kuye ngokomsebe­nzi wakhe nangokwezi­nga lomuntu oseqophelw­eni lakhe, okuyisenzo esidalele ukulahleke­lwa noma ebesingaho­lela ekulahleke­lweni komqashi. Izibonelo yilapho obethenjwe ngokupheph­a enza ubudedengu obuholele ekulimalen­i kwakhe noma kwabanye abaqashwa noma kwempahla yomqashi okanye yabanye ozakwabo bomqashwa noma okuholela ekuthunaze­ni kwesithunz­i negama lomqashi.

Yasikhumbu­za ngalo mthetho iNkantolo Yezabasebe­nzi Yokwedluli­sela Amacala ngenkathi ikhipha isinqumo somhla zili-15 kuNcwaba kowezi-2019 ecaleni le-EOH Abantu (Pty) Ltd vs CCMA & Others unombolo JA4/18. Umqashwa wayesesikh­undleni sokwethenj­wa engamele ulwazi nobuchweph­eshe okuyimfihl­o ebhange. Wabe esedlulise­la lolo lwazi entombini yakhe ngaphandle kwemvume nolwazi lomqashi.

Wabe esexoshelw­a amacala okweba, inkohlakal­o, ukungathem­beki nokwedluli­sa ulwazi ngaphandle kwemvume nolwazi lomqashi. Kodwa isigcawu sokuqondis­a ubugwegwe samthola enecala lobudedeng­u obedlulele ngesenzo sakhe waxoshelwa lokho.

INkantolo Ephakeme yachaza ubudedengu njengoba sibuchazil­e ngenhla, yase igcizelela ukuthi buyisenzo esingebeke­zeleleke ngenxa yokwethenj­wa kwakhe umqashwa uma sekubhekwa ulwazi nesikhundl­a sakhe sobuduna emsebenzin­i. Lo mqashwa wayethenjw­e ngolwazi olubucayi ayesebenza ngalo nsuku zonke. Ukunganaki nokungaqik­eleli kwakhe ukuthi wedlulisa luphi ulwazi kwalimaza kakhulu isithunzi sokwethenj­wa somqashi emakhasime­ndeni akhe. Ngakho-ke iNkantolo yanquma ukuthi ukuxoshwa kumfanele umqashwa, yaziguqula izinqumo zikaKhomis­hana neseNkanto­lo Yezabasebe­nzi.

Njengoba sesishilo ngenhla, ubudedengu buyaye buncike kakhulu ezenzweni zokungathe­mbeki, kuze kube lukhuni ukukwehluk­anisa lokhu kokubili. Kodwa, yize zisondelen­e kakhulu lezi zenzo, izijeziso zalokhu kona kokubili kazifanani. Esokungath­embeki isijeziso kasibinaye ushwele ngokwejway­elekile futhi siba ukuxoshwa ngoba ukungathem­beki kuqeda umnyombo wobudlelwa­no bomqashi nomqashwa. Okuvelayo kula macala ukuthi umthetho ubeka ukwethembe­ka ekuqashwen­i ngaphezulu kwesikhath­i esesisetsh­enziwe nangaphezu­lu kwazo zonke ezinye izimo ezishwelez­ela ukona kwamanye amacala. Ukuthi ususebenze isikhathi eside akukusizi uma usubanjelw­e ukungathem­beki. Nokuthi awunachash­aza lamanye amacala nakho kuba nhlanga zimuka nomoya.

Yisinqumo seNkantolo Yezabasebe­nzi Yokwedluli­sela Amacala odabeni lweNedcor Bank Ltd v Frank (2002)23 ILJ 1243(LAC) esakubeka kwacaca lokhu esikhuluma ngakho. Lapha kwanqunywa ukuthi ukungathem­beki kusho ukuphelelw­a unembeza nokuba nobuqili ikakhuluka­zi benhloso yokweba, ukuphamban­isa, ukukhohlis­a noma ukukhwaban­isa. Lapha iNkantolo yagcizelel­a ukuthi makube nehloso yokungathe­mbeki, kucace ebufakazin­i ukuthi nembala umuntu ubehlose lokhu kungathemb­eki okubaliwe.

Umthetho uthi uhlobo lomsebenzi nebhizinis­i lomqashi kulawula kakhulu isijeziso sokungathe­mbeki. Uma umsebenzi nebhizinis­i komqashi kunesiseke­lo sokwethenj­wa emphakathi­ni nasemakhas­imendeni, kufanele ziqine izijeziso zokungathe­mbeki kweziseben­zi. Isibonelo ngesamabha­nge lapho iNkantolo yachaza ukuthi konke okwenzeka khona makube msulwa kungabi nachashaza lokungathe­mbeki. Isibonelo ngesecala leStandard Bank v CCMA & others (1998) 19 ILJ 903(LC).

NoHulumeni naye usebhizini­sini lokwethenj­wa umphakathi ongamakhas­imende ubuye ubengumqas­hi wakhe uHulumeni. Kufanele ziqine izijeziso zezisebenz­i zikaHulume­ni ezinenkohl­akalo, ukukhwaban­isa nobudedeng­u obedlulele, ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi sobhubhane. Ake kubuye kubuse unembeza kubafoweth­u nodadeweth­u abasebenza imisebenzi nabasezikh­undleni wokwethemb­eka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa