Miningi iminingwane okumele iqikekelwe uma kudayiswa
Olunye lwezindaba ezisematheni kulezi zinsuku wukuthi izitolo zakwa-Edgars nezakwaJet ziyavala ngenxa yesimo somnotho ezweni, okuqhutshezelwe phambili yimvalelwakhaya ehambisana nokhuvethe. Kukhulunywa ukuthi izinkulungwane zezisebenzi zizophelelwa wumsebenzi. Baningi abantu ababalwa njengosomabhizinisi kuze kwehlukaniswe kuthiwe kukhona osomabhizinisi abancane nosomabhizinisi abakhulu. Ngiyaye ngifikelwe yimibuzo emqondweni wami uma ngilalele izindaba ngizwa kuthiwa ibhizinisi elithile lithengwa ngelinye. Ngelinjani ibhizinisi elithengekayo futhi yini edayiswayo uma kudayiswa ibhizinisi?
Ngomunye unyaka ngezwa kuthiwa enye yezinkampani ezinkulu idayisa izingxenye ezithile kumabhizinisi ayo. Le nkampani yayisebenze ngempumelelo iminyaka eminingi yaduma njengenkampani enemikhiqizo emihle futhi ethandwayo ngabantu. Abantu abaningi babefisa ukuba nebhizinisi elifuze elalenziwa kule nkampani. Le nkampani yayikhiqiza izinto ezehlukahlukene zokuphatha izimpahla, okubalwa kuzo amakhathoni amakhulu namancane, izitsha zokufaka okwehlukahlukene okuwuketshezi nokujiyile ezakhiwe ngoplastiki nezinye ezakhiwe ngephepha eliqinile nelithambile.
Baningi abaya bemagange ngoba befuna ukuthenga igama lale nkampani enemishini eyayenza lo msebenzi omuhle futhi omkhulu kangaka. Omunye wosomabhizinisi wathi uma ebhekisisa wabona ukuthi okwenza kudayiswe izingxenye ezithile kule nkampani wukuthi imishini yale nkampani ekhiqizayo yase imidala. Ngoguquko lwezimboni kwase kunemishini emisha ekhiqiza ngendlela yesimanje esheshayo futhi engadli kakhulu ugesi.