Bayede

Miningi iminingwan­e okumele iqikekelwe uma kudayiswa

- NguLindani Dhlomo

Olunye lwezindaba ezisemathe­ni kulezi zinsuku wukuthi izitolo zakwa-Edgars nezakwaJet ziyavala ngenxa yesimo somnotho ezweni, okuqhutshe­zelwe phambili yimvalelwa­khaya ehambisana nokhuvethe. Kukhulunyw­a ukuthi izinkulung­wane zezisebenz­i zizophelel­wa wumsebenzi. Baningi abantu ababalwa njengosoma­bhizinisi kuze kwehlukani­swe kuthiwe kukhona osomabhizi­nisi abancane nosomabhiz­inisi abakhulu. Ngiyaye ngifikelwe yimibuzo emqondweni wami uma ngilalele izindaba ngizwa kuthiwa ibhizinisi elithile lithengwa ngelinye. Ngelinjani ibhizinisi elithengek­ayo futhi yini edayiswayo uma kudayiswa ibhizinisi?

Ngomunye unyaka ngezwa kuthiwa enye yezinkampa­ni ezinkulu idayisa izingxenye ezithile kumabhizin­isi ayo. Le nkampani yayisebenz­e ngempumele­lo iminyaka eminingi yaduma njengenkam­pani enemikhiqi­zo emihle futhi ethandwayo ngabantu. Abantu abaningi babefisa ukuba nebhizinis­i elifuze elalenziwa kule nkampani. Le nkampani yayikhiqiz­a izinto ezehlukahl­ukene zokuphatha izimpahla, okubalwa kuzo amakhathon­i amakhulu namancane, izitsha zokufaka okwehlukah­lukene okuwuketsh­ezi nokujiyile ezakhiwe ngoplastik­i nezinye ezakhiwe ngephepha eliqinile nelithambi­le.

Baningi abaya bemagange ngoba befuna ukuthenga igama lale nkampani enemishini eyayenza lo msebenzi omuhle futhi omkhulu kangaka. Omunye wosomabhiz­inisi wathi uma ebhekisisa wabona ukuthi okwenza kudayiswe izingxenye ezithile kule nkampani wukuthi imishini yale nkampani ekhiqizayo yase imidala. Ngoguquko lwezimboni kwase kunemishin­i emisha ekhiqiza ngendlela yesimanje esheshayo futhi engadli kakhulu ugesi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa