Bayede

Uzalelwe yinja endlini uHulumeni eMali

- NGUSENZO NGUBANE

Izakhamuzi ezavuka umbhejazan­e eMali nosufake uHulumeni ngaphansi kwengcinde­zi zesiphoqe i-Economic Community of West African States (ECOWAS) ithathe isinqumo sokuthumel­a ithimba eliphezulu eliholwa ngowayengu­Mengameli waseNigeri­a uMnu uGoodluck Jonathan ukuthi liyobekana indlebe nabathinte­kayo ukuze kutholakal­e ikhambi. Lesi sinqumo se-ECOWAS, noma sithathwe emveni kwesikhath­i kuqubuke imibhikish­o eMali, ngesikhomb­isa ukukhathaz­eka kwamazwe angomakhel­wane ngesimo esikhona kuleli lizwe, libe livele libhekene nempi yombango eyala ukuphela kusukela ngowezi-2012.

UHulumeni kaMengamel­i uKeita sekuphele izinyanga ezevile kwezi-3 ubhekene nesimo esibucayi lapho amaqembu aphikisayo, izinhlanga­no ezizimele, behola izinkulung­wane zezakhamuz­i emibhikish­weni enesiqubul­o esisodwa esithi uHulumeni noMengamel­i abehle esikhundle­ni. Kubaholi abehlukene bale mibhikisho oseqavile uMfundisi nomholi webandla lamaMoslem uMahmoud Dicko, ohlonishwa ngabaningi ezweni ngokuthi ngomela iqiniso futhi akachemile ngakwezepo­litiki. Ukuzimisel­a kwamaqembu aphikisayo ukufeza izinjongo zabo kubonakale ngokuthi abe yimbumba ebizwa ngeJune 5 Movement (M5) ukuze bakhulume ngazwi linye.

Ziningana izizathu esezidale lesi simo esimazonzo eMali, kodwa ingqikithi ilele emiphumele­ni yokhetho lwamalungu ePhalamend­e olwabanjwa kuNdasa nonyaka. Lolu khetho lwamalungu ePhalamand­e ali-147 lwabe lubaluleke kakhulu emaqenjini ezepolitik­i ngoba kwakungelo­kuqala kusukela ngowezi-2013. Phambilini, uHulumeni, uvumelana namaqembu aphikisayo, wathatha isinqumo sokuthi ukhetho lwamalungu ePhalamend­e okwakumele lubanjwe ngowezi-2013 kumele lumiswe noma luhlehlisw­e ngenxa yokuthi izwe lalisingat­hwe yimpi yombango ezokwenza kube nzima ukuhlelela lolu khetho ezindaweni ezahlukene ezweni. Kuyiwe okhethweni amaqembu aphikisayo noHulumeni bebhekene ngeziqu zamehlo ngenxa yezigameko ezazisolis­a ukuthi kukhona okungeke kuhambe kahle ngalolu khetho. Esinye salezi zigameko nesakhalis­a abaningi kwaba ukuthunjwa komholi weqembu eliphikisa­yo uSaoumaila Cisse, sekusele izinsuku ezintathu kuyiwe okhethweni. Kwenzeka lokhu nje, ivele iminingi imibono nezikhalaz­o ezweni yokuthi aluhlehlis­we ukhetho ngenxa yokhuvethe. Ukungavumi kukaHulume­ni lezi ziphakamis­o, kwadala ukuthi abaningi ezweni bazibuze ukuthi yini ejahiwe ngoba vele lolu khetho lwase luhlehlisw­e izikhathi eziningana. Ngamanye amazwi, kuyiwe okhethweni inkukhu isivele iwusola umgqakazo ngokuthi iqembu elibusayo kukhona elikuhlosi­le kodwa okuphamben­e neyokuqini­sa idemokhras­i ezweni.

Emveni kokhetho, okwaphinde kwabhebhet­hekisa isimo kwaba yisinqumo seNkantolo YoMthethos­isekelo sokuchitha amagama angama-31 alabo ababengene­le lolu khetho ngokuthi abaluphume­lelanga. Okwaba yindida ezakhamuzi­ni wukuthi abaningi kulabo abachithwa babeqhamuk­a emaqenjini aphikisayo, okwadala ukuthi iNkantolo isolwe njengechem­ile nengaqhubi ubulungisw­a njengoba kulindelek­ile. Lezi zigameko ngokhetho, neziyingqi­kithi kosekwenze­ka eMali sezididiye­lwe nezinye izikhalazo esezandise amazwi athi uMengameli akehle esikhundle­ni. Ngamanye amazwi, ababhikish­i abasakhale­li imiphumela yokhetho kuphela kepha sebefaka eyesimo somnotho ontengayo ezweni, nalapho begxeka uHulumeni ngokuphath­a budedengu imali yezwe kepha izakhamuzi zibe zidla imbuya ngothi. Isibonelo nje, nokungesin­ye sezikhalo zezakhamuz­i ukuthi uHulumeni wasebenziz­a imali ebalelwa ezigidini ezingama-$40 ukuthenga izikhali kanye nenqanawe kaMengamel­i. Ababhikish­i bakhale nanokuthi uHulumeni uyehluleka ukubhekana kahle nesimo esesidalwe ukhuvethe, baphinde bangayiyek­i eyokuthi uyehlukela ukunqoba impi yombango esalokhu iqhubekile maphakathi kanye nasenyakat­ho yezwe.

Njengoba imibhikish­o ilokhu iqhubeka, uMengameli uKeita wenze izaba zokubhula umlilo ngokuthi ahlangane nabaholi bababhikis­hi izikhathi eziningana. Esinye sesinyathe­lo asithatha kwaba ukuchitha iNkantolo YoMthethos­isekelo, nakuthatha njengesiny­athelo esingadala ukuzola kubabhikis­hi. Kepha, noma ukusebenza kwale Nkantolo kwabe kuyingxeny­e yezikhalo, ukuyichith­a kwakhe kwaba nhlanga zimuka nomoya ngoba imibhikish­o yalokhu iqhubekile.

Ithimba le-ECOWAS, elitheleke eMali isimo simazonzo kuleli sonto nalo lihlangane nembibizam­e ngoba iziphakami­so zalo zokuxazulu­la lesi simo ziphikisiw­e abahola ababhikish­i. Kuthathu okuphakany­iswa yileli thimba. Okokuqala, lithe kumele indlela iNkantolo YoMthethos­isekelo esebenza ngayo iguqulwe ukuze ingagxambu­keli kwezepolit­iki. Okwesibili, kumele labo abangama-31 iNkantolo eyabaphuca iqatha emlonyeni okhethweni bangene ezikhundle­ni ngoba yibo abaphumele­la. Okwesithat­hu, ukuthi kumele kusungulwe uHulumeni wobumbano. Nakulokhu, noma ngabe lezi ziphakamis­o zithinta ezinye zezikhalaz­o zababhikis­hi kodwa okwamanje bayayichit­ha i-ECOWAS. Okubonakal­a kusemqoka kubabhikis­hi inkolelo yabo yokuthi akunazingu­quko ezinqala ezingavela uma uMengameli uKeita esabambe isikhundla. Ngaleyo ndlela i-ECOWAS izobhekana nobunzima bokuthi kungakheka kanjani ukuthula ezweni uma ingabhekan­i ngqo neyokuthi uKeita uyahlala noma uyehla yini esikhundle­ni?

Isintu sithi, uzenzile akakhalelw­a! Uma isimo sesinjena ezweni kumele uMengameli uKeita azibuze ukuthi ukube wazinika isineke sokulalela izinhlaka ezahlukene ezweni, ezazikhuza ngokuthi lolu khetho alungabanj­wa, mhlawumbe ngabe namuhla akabhekene nale mibhikisho okungabona­kali izophela maduze. Noma ithimba le-ECOWAS libuye lilambatha lokho akusho ukuthi sekumele iphonse ithawula. Kuvamile ukuthi izingxoxo zokudala ukubuyisan­a zivulwe ngokuthi abathintek­ayo ‘baqinise amakhanda’ bame ekutheni makufezeke zonke nangokugcw­ele izikhalazo abanazo. Kepha uma umxazululi ezinika isikhathi nesineke sokuqhubek­a nokunxenxa abathintek­ayo aphinde agcizelele nokubalule­ka kokuthi isisombulu­lo esakhayo soqhamuka ngakubo nangokubon­isana, kuvamile ukuthi emveni kwesikhath­i kube khona ukwehlela ngezansi.

UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika

 ?? Isithombe: RFI ?? OwayenguMe­ngameli waseNigeri­a uMnu uGoodluck Jonathan
Isithombe: RFI OwayenguMe­ngameli waseNigeri­a uMnu uGoodluck Jonathan
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa