Bayede

Uginqigonq­o ngekhemikh­ali ethandwa yizakhamuz­i

- Ngu-Anathi Mtaka

Ukuqubuka kokhuvethe emhlabeni kwamisa wonke amazwe omhlaba, kwabeka engcupheni izimpilo zabantu kwaphinde kwaqala umjaho wokuthi amazwe athole ikhambi lokhuvethe lokhu kujaha okungagcin­a kuba wukuxhamaz­ela okuholela izakhamuzi eweni.

Izakhamuzi zaseBolovi­a ezifuna ukugwema noma ukwelapha ukhuvethe zidla okanye zisebenzis­a ichlorine dioxide. ISishayamt­hetho sikwamukel­ile lokhu kusetshenz­iswa kwechlorin­e dioxide ukuzelapha ngisho uMnyango Wezempilo wakuleliya lizwe uthe ayingasets­henziswa. Ichlorine dioxide ifana nebleach okuthe i-US Food and Administra­tion yaxwayisa abathengi ukuthi bangabeka impilo yabo engozini futhi akufanele ithengwe noma iphuzwe njengekham­bi.

Kodwa edolobheni laseBolovi­a iCochabamb­a lapho uHulumeni wesifundaz­we ukuvumile ukusetshen­ziswa kwayo abanye abathengi bathi leli khambi lingabasiz­a.

“Ngizwe ezindabeni ukuthi ekhemesi bayayidayi­sa le chlorine dioxide. Abangani bami bathathe ezimbili eyodwa eyokuzivik­ela eyesibili eyokuzelap­ha futhi iyabaseben­zela,” kusho isakhamuzi.

Ezinye izakhamuzi zithe zona zididekile ngezelulek­o ezinikwe zona. “Njengenjwa­yelo iziphathim­andla zithe abantu mabaxhuman­e nodokotela babo, baphi odokotela ngoba phela abantu abangenama­li abanabo odokotela bona?” kubuza esinye isakhamuzi saleliya lizwe. Ngokweziba­lo kuyavela ukuthi iBolovia inabantu abangaphez­u kwezi-60 991 asebethola­kele benokhuvet­he okuthe abayizi-2 218 bashona ngenxa yalolu bhubhane.

UDkt uRene Sahonero, onguMelule­ki woMnyango Wezempilo uthe uMnyango uxwayise kaningana ngokuthi abantu bangayiseb­enzisi ichlorine dioxide ukuzama ukulwa nokhuvethe. “Sesivele sisidwebil­e isisombulu­lo esisho ukuthi le nto ayivunyelw­e futhi ayifanele ukusetshen­ziswa ngabantu nokuthi ingaba nemiphumel­a emibi,” kusho uSahonero ophinde wabika ukuthi amacala obuthi bechlorine dioxide ayesebikiw­e.

Naphezu kokuthi uMnyango Wezempilo uxwayisile ngokusetsh­enziswa kwechloron­e dioxide isigungu sezwe emasontwen­i adlule sisayine umthethosi­vivinywa obuvuma ukusetshen­ziswa kwayo ukuvimba nokwelapha ukhuvethe.

Kodwa futhi lo mthethosiv­ivinywa kufanele uqale udlule esigabeni sendlu ephansi ubuye uphinde ungangeni enselelwen­i yokuvotelw­a ngaphambi kokuba ube umthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa