Bayede

Amanzi omfula iNile angadunga omakhelwan­o

- Ngu-Anathi Mtaka

Izazi zezimpi zomhlaba kanye nabantu uqobo banokuvume­lana ukuthi impi enkulu yomhlaba elandelayo kuzoba ngeyamanzi.

Amazwe amathathu ezwenikazi i-Afrika angomakhel­wane kuyimanje abambene engxabanwe­ni eshubile mayelana ngamalunge­lo amanzi ayigugu omfula iNile. Le ngxabano inganikeza isithombe sokuqala sezimpi zamanzi emhlabeni njengoba izinga lokushisa lomhlaba linyuka futhi isomiso sishiya abantu bengenaman­zi anele ukuba baphuze babuye balime ngawo. I-Afrika iyizwekazi elisabalwa nelisathut­huka emhlabeni jikelele okuchaza ukuthi le ngxabano yalabo makhelwano ingathikam­eza ukukhula kweminotho yawo.

Ngesonto eledlule abaholi bamazwe amathathu okuyi-Ethiopia, i-Egypt kanye neSudan babike ukuthi zizoqhubek­a izingxongx­o mayelana neGrand Renaissanc­e Dam Reservoir esemfuleni iNile. Lezi zimemezelo ezenziwe ngokwehluk­ana ngumholi wase-Ethiopia, uMnu u-Abiy Ahmed, umholi waseSudan uMnu u-Abdalla Hamdok kanye neHhovisi likaMengam­eli wase-Egypt, ziqhamuke ngemuva komhlangan­o we-African Union obubanjwe nge-inthanethi owawubizwe ngemuva kokuba la mazwe ahluleke ukuthola isivumelwa­no ekuqaleni kwephezulu. Enkundleni yokuxhuman­a iTwitter ihhovisi lika-Abiy labhala ukuthi “Lo mhlangano uphethwe wonke amaqembu ekufinyele­leni ekuqondeni okukhulu okufanayo okuzovula indlela yesivumelw­ano.” UMengameli waseNingiz­imu Afrika owayenguSi­hlalo walo mhlangano uRamaphosa ukuqinisek­isile ukuthi zisazoba khona izingxoxo zokubonisa­na phakathi kwala mazwe ngesikhath­i ebhala ethi, “Lezi zingxongxo zala mazwe amathathu zisazoqhub­eka.”

Inkinga kulezi zingxoxo yaqala ngokuthi iSudan kanye ne-Egypt babesaba ukuthi leli damu leHydroele­ctric elibiza izigidi ezi-$4 lalingahol­ela ekushodeni kwamanzi emazweni abo.

Ukhwakhiwa kwaleli damu kwaletha izikhalo eziningi e-Egypt ngenxa yokuthi amanzi eliwathola emfuleni iNile avele anqindiwe futhi ukwakhiwa kwaleli damu kwakuzopho­qa ukuthi yande imikhawulo yala manzi kunalokhu eyikhona. Kuzokhumbu­leka ukuthi iBlue Nile okuyiyo ethola amanzi emfuleni omkhulu iNile okuyilapho i-Egypt ethola khona amaphesent­i angama-90 amanzi awo. Isitatimen­deni esasivela eHhovisi likaMengam­eli wase-Egypt sithi: “Kwakuvunye­lwene ekupheleni kwengqungq­uthela ukuthi kuqhubeke izingxoxo futhi kugxilwe kakhulu ekuhlinzek­eni ngokubalul­eka kwesivumel­wano esibophayo somthetho esasizokhu­luma ngokugcwal­iswa nokusebenz­a kwaleli damu.” Okuphinde kwavela ukuthi i-Ethiopia ethi idinga leli damu ukuze ikwazi ukuqhikiza ugesi, ukugcwala konyaka wokuqala kwaleli damu sekwenzeki­le ngenxa yezimvula ezivakashe­le le ndawo. Kwaphinde kwavela isitatimen­de esasiphuma eHhovisi likaMengam­eli wakhona esasithi:

“Leli damu elisakhiwa selivele ligcwele futhi njenge-Ethiopia sizibophez­ele ezingxogxw­eni ezazizokwe­nza ukuthi lo mfula ukwazi ukuhlomuli­sa la mazwe womathathu.”

Amaqembu ezemvelo afana neOakland, California-Based Internatio­nal Rivers nawo ake akhombisa ukukhathaz­eka ngokwakhiw­a kwaleli damu ngesizathu esithi ukwakhiwa kwalo kusho ukuthi lizothatha ama-1 680m2 ehlathi elise nyakathont­shonalanga ne-Ethiopia eduze komngcele weSudan bese lidala ichibi elicishe liphindwe kabili kuneLake Tana okuyichibi lemvelo elikhulu kunawo wonke e-Ethiopia okwakuzoho­lela ekutheni abantu abayizi-20 000 badinge ukuba basuswe ukuze kwakhiwe leli damu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa