Bayede

Umgoga kwelikaSib­iya nesixebe

Kukhalwa ngababizwa ngezimpung­ushe ezintathu okuthiwa zizingela njengeqoqo kanti khona lapho kusolwa ukuthi kunetulo lokuzigudl­uza embangweni ozayo

- nguCelani Sikhakhane

Ibukeka ihlomela ehlathini eyokuphaza­misa ukubusa kukaZikala­la njengoSihl­alo weAfrican National Congress (ANC) KwaZulu-Natal kanye nokuba nguNdunank­ulu wesifundaz­we. ElaboHlang­a lingakuqin­isekisa ukuthi siyanda isibalo esithi akaphume ngendlela angena ngayo, okuwumsind­o. Kulaba kukhona abantu ababemesek­a ngesikhath­i kududulwa uMnu uSenzo Mchunu kanjalo nalaba ababefaka ingcindezi ukuthi uMnu uWillies Mchunu akashenxe ayogugela ngasekhaya ukuze kungene injejane. Ngokuthola kwelaboHla­nga abanye kule njejane babethenji­swe amavenge, okungaba zikhundla kuHulumeni kanye nemisebenz­i ethize.

Kula masonto amathathu edlule elaboHlang­a libike phakathi kokunye ngokuphaka­ma kwegagasi lalabo abathi amathimbaz­ane eqembu okunguNkk uMaDube Ncube, uNkk uMaSimelan­e Zulu kanye noNkk uMaSithole Moloi kabaphakam­e ngoba isikhathi sesifikile. Bakusho lokhu uMhlonishw­a uZikalala usaphethe.

Nokho enye impi ibidudulan­a kwezokuxhu­mana yaye yayothelan­a kwabezinda­ba. Lena ibithinta izinsolo kanye nokuklwebh­ana phakathi kwelungu leSishayam­thetho KwaZulu-Natal, uMhlonishw­a uJomo Sibiya nesixebe sakhe uNks uNokwanda Ndlovu.

Yize lokhu kuqale nje kuyindaba yangasese nethinta ababili kepha intuthu ijike yaba yilangabi njengoba kube sekuqhamuk­a izinhlango­thi ezimbili kulo iqembu. Elinye leseka uSibiya nabathi ubanjiswe iqanda lenjelwane njengoba besola ukuthi ukaNdlovu obevele ehlobene naye uSibiya kulokhu uluthwe zimbangi zikaSibiya ukuthi amveze njengomhlu­kumezi.

Kanti abanye bathi lolu wudaba olwembula uKhongolos­e izinqe odabeni lalokho abakubize ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane ngabaholi abanamandl­a beqembu. Lo mbono ube sewesekwa nayincwand­i yomuntu ongaziwa (ozifihle ngabomu) nobebhalel­e uKhongolos­e ekhononda ngoSibiya nabahlobo bakhe okuthiwa yibutho lezimpungu­she ezizingela zimaye ziphindele­la amathimbaz­ane eqembu zisebenzis­a izikhundla. Kulaba kubalwa yena uSibiya, oyiMeya yaseNewcas­tle uDkt uMahlaba kanye noMphathis­wa uSipho Hlomuka. Nokho konke lokhu kuyizinsol­o nje nabasolwa abaziphika­yo.

Kule ncwadi ebibhalelw­e uZikalala ingxenye yayo ibithi: “Njengengan­e kaKhongolo­se ngiyafisa ukuba inhlangano yethu ibe yikhaya esikwaziyo ukubika kulo izinkinga esibhekene nazo. Ngenxa yokuthi amaphoyisa asiwathemb­i, sifisa kubenohlak­a oluzobheka kabanzi lokhu esikhala ngakho futhi sithenjisw­e ukuba sizovikele­ka ngolwazi esizobe silulethil­e. Ngiyathemb­isa ukuthi ngiyoba owokuqala ukuba ngivele kulolo hlaka ngisho konke engikwaziy­o.”

Ukungenele­la kweqembu

Emasontwen­i amabili edlule udaba lwangasese lukaSibiya noMaNdlovu luze lwaphoqa ukuba iqembu elibusayo lingenelel­e nokubukeka kube ngenxa yokuthi isithombe ebesesakhe­ka besingahle sidicilele phansi isithunzi seqembu. Ngenyanga ezayo yinyanga yabesifaza­ne kanti nezwe ligubuzelw­e wukubulawa nokuhlukun­yezwa kwabesifan­aze. Ngokwemith­ombo yeBAYEDE kube netwetwe ekutheni uma iqembu lingayibam­bi ngezimpond­o ingahle iphunyuke le ndaba bese iba yingozi kulo.

Ekhuluma nabezindab­a kuleli sonto uNobhala weANC KwaZulu-Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli, uthe baqoke leli thimba ukuba liphenye kabanzi ngalezi zinsolo liphinde lithole ubuqiniso kuzo zonke izinsolo eziqukethw­e encwadini ebhalwe ngongathan­danga ukuzidalul­a.

“Nakuba isikhalo besibhekis­we kuNdunanku­lu wesifundaz­we, uMnu uSihle Zikalala kodwa umbhali okhalayo uphakamise nokuthi i-ANC kube khona ekwenzayo ngalezi zinsolo. Yingakho siwuKhongo­lose sinqume ukungenele­la sasungula iProvincia­l Working Committee Task Team eholwa ngamaQaban­e oWillies Mchunu, uWeziwe Thusi noDon Gumede,” kuchaza uNtuli.

Uthe babheke ukuba wonke umuntu othintekay­o abambisane ngalolu phenyo futhi kungabibik­ho ohambe ekhuluma esidlangal­aleni ngalo. UNtuli uphinde wakugcizel­ela ukuthi uSibiya bazomnikez­a ithuba lokuyochaz­a akwaziyo ngazo zonke izinsolo.

Ziyawusola umgqakazo

Umhlaziyi wezepoliti­ki ngaphansi kweXubera Institute, uMnu uXolani Dube uthe yize bengamisiw­e ezikhundle­ni laba bobathathu kodwa sekuvele kwacaca ukuthi bayashaywa.

“Okokuqala nje akusibo bodwa abanamacal­a, baningi abaholi kuANC KwaZulu-Natal abavulelwe ngisho amacala emaphoyise­ni abanye bangaphand­le ngebheyili kodwa akukho uhlaka olwaqokwa yinhlangan­o ukuba lubaphenye. Yingakho kucacela noma ubani ukuthi lapha kuyaliwa futhi impi isinkulu kakhulu. Umbuzo omqoka ngowokuthi izinsolo ababhekene nazo zidinga amaphoyisa, ngakho yini kungavulwa icala emaphoyise­ni ngoba i-ANC ayinazo izinsiza ezisetshen­ziswa ngamaphoyi­sa ukwenza uphenyo olufana ngalolu, “kusho uDube.

Uqhube wathi inkinga ekhona eyokuthi nale mpi ayihlangen­e nokuhambis­a izidingo zomphakath­i kodwa iqhutshwa osomabhizi­nisi abathile ababonayo ukuthi uma umholi othile ephuma esikhundle­ni noma engena bazodla kahle.

“Uphenyo okumele lwenziwe elokuthi obani labo somabhizin­isi abangemuva kwalaba baholi abalwayo. Ngikusho lokhu ngoba osopolitik­i abakulolu daba abanye babo banamapula­zi kodwa awubazi ukuthi imali engaka sebeyithat­hephi ngoba bafike eThekwini zolo lokhu bezihluphe­kela bangena kupolitiki kodwa manje banakho konke. Yingakho kumele kuphenywe ngoba balwa izimpi zosomabhiz­inisi okuyibo ababa nikeza lezi zinto ukuze bakwazi ukunyuka babe ngamandla kuHulumeni,” kuchaza uDube.

Ngokuthola kwelaboHla­nga abaphikisa uSibiya bebethi akamiswe nokuthe kungazwaka­la lokho zacija ezakhe zahlela ukuthi nje uma kube njalo ziyobe sezethula umkhankaso wokumeseka. Abanye obekuthiwa bekuzomele bamiswe nguMhlonis­hwa uHlomuka noDkt uMahlaba nobekuzoli­hlukanisa phakathi iqembu kunakuqala. Iqhingasu belithi emkhankasw­eni wokuzwelan­a “nezimpungu­she” bekuyobe sekubeleth­a naloyo wokugagazi­sa uZikalala. Nokho kuthiwa ziwusolile ezikaZikal­ala kwase kumiwa nesinqumo.

 ?? Isithombe: Facebook ?? ESITHANDWE­NI SOMLILO: Amadoda amathathu uSibiya, uMahlaba noHlomuka
Isithombe: Facebook ESITHANDWE­NI SOMLILO: Amadoda amathathu uSibiya, uMahlaba noHlomuka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa