Ngabe inqola iqhunyiswa amasondo ngabomu eMsunduzi?
Yize kungekho emthethweni kepha kuyanda ukukhuluma okukhomba ukuthi okwenzeka eNhlokodolobha uMsunduzi kukhona abakhwezela izikhuni ukuze umphakathi uvuke umbhejazane. Isigameko sokugcina kube yileso lapho kushe ingqalasizinda kagesi amahlandla elandelana okubalwa nebisakhiwa ngezigidi ezingama-R75. Kwenzeka konke lokhu umphakathi wakule ndawo namaphethelo ubuxinwe yifu lentuthu ngenxa yomlilo oqhamuke endaweni yemfucuza. Isimo sibe sibi ngale ndlela yokuthi kuze kwaphazamiseka nezimboni, amahhovisi kaHulumeni kanye nezikole .
Enkulumeni ekhethekile neMeya yedolobha, ikhansela uMzimkhulu Thebolla, kuvele izinsolo zokuthi obala yasola ukuthi kukhona abaphehla uzwathi, futhi inhloso isobala ukuba kugingwe ubuholi obukhona. Uqhube wathi izigameko ezedlule zikhomba ukuthi akhona amabomu.
Sebeyishaya ngalokho abakwenza kowabe eyiMeya, uMfu uThemba Njilo, wagcina engaliqedanga ihlandla lakhe aliqale ngowezi-2016 ngoNcwaba.
Ezinye izikhungo okuthiwa bekumele zethulwe ngokusemthethweni emphakathini, zashiswa kusele usuku zivulelwe umphakathi.
Kwesinye isikhathi kuthiwa bathi abaholi besendleleni beyokwenza umcimbi wokuvula leso sikhungo, bafika sekonakele sesivutha sishisiwe.
Akugcini lapho kuthiwa kushawa ngisho abaqashi abagada lezi zikhungo nosekuzulisa ikhanda iMeya namakhansela ayo ukuthi kwenzakaleni.
Abaholi boMkhandlu sebezama nokuba kungenelele abaholi abaphezulu okubalwa uMphathiswa Wezokuphepha KwaZulu-Natal, uMnu uBheki Ntuli noNgqongqoshe Wamaphoyisa kuzwelonke uMnu uBheki Cele.
Kuthiwa kusabalungiswe ngapha, imlilo uqubuke kwenye indawo. IMeya ithe le nto ayihlangene namathenda noma nabantu abafuna umsebenzi bangaphandle kodwa inesandla sezepolitiki abafuna sihlale obala ngoba namaqembu aphikisayo ababoni ukuthi ahlangene nalesi simo.
“Isikhungo esise-Eastwood esibiza phakathi kwezigidi ezingama-R65 nezingama-R75 sishisiwe. Uyabona ukuthi ukushiswa kwaso bekuhleliwe. Kuthe sisathuswe yilokho, kwashiswa esinye esikuPine Street. Lokhu bakwenze izicisha mlilo zisematasa zicisha lesi esinye. Uyabona nje le nto yenzeka nje kuthe ngoMsombuluko zingama-20 kuNtulikazi. Lapho kwakunephephandaba elalibika ukuthi siqeda izinyanga eziyisithupha siyilwile indaba yokucekelwa phansi kwezikhungo zikagesi,” kusho uThebolla.
Uthe ngoMasingana kucekelwe phansi izikhungo ezahlukene esikhathini esiyizinyanga ezintathu. UThebolla uthe lo mkhuba ubusumile kodwa kuthe emva kwezinyanga eziyisithupha kwaqala phansi. “Ekuqaleni bekunesimo salaba bantu bamazwe angaphandle abakuleli ngokungemthetho abebelwa kwezinye izingxenye zaseMgungundlovu. Nokho okwabo bekuhlukile. Yikho sikholelwa ekutheni konke lokhu kuyitulo lezepolitiki eliphehlwa abathile esikholwa ukuthi izinhlaka zomthetho zizobaveza obala. Uyabona thina esabasemzabalazweni, siyakuqonda ukuthi uma usushisa izikhungo noma inqalasizinda kaHulumeni, usuke lapho ungasalwi nosopolitiki kodwa usulwa noHulumeni uqobo. Nalaba abenza lokho bayafana nabavukela umbuso, “kuchaza uThebolla.
Uthe okunye ukuthi amaqembu aphikisayo ayancoma ngomsebenzi abawenzayo kuMasipala nasekulingiseni uMsunduzi. “Leli dolobha beliyihlaya isikhathi eside kuthiwa yiCapital City of Filth ngendlela ebelingcola ngayo. Manje uma sekunje siyadideka ngoba besivele sihlushwa ugesi njengoba kusebusika kodwa sazama ukusukuma salungisa kwaze kwahlelwa nokuba kuvulwe izikhungo ezintsha zikagesi ezizolekelela ukwehlisa umthamo obhekene ngamandla kagesi esinawo. Kuthe kuse njalo zashiswa kwaze kwathukuthela umphakathi watoyiza. Iqiniso nje nomnotho ushayeke kakhulu ngoba umgwaqo omkhulu kazwelonke u-N3 uvalwe izinsuku ezintathu kwathi idolobha lavalwa isonto lonke ngenxa yentuthu ebudalwe ukushiswa kwesinye isikhungo sikagesi,” usho kanje.
Uthe bakhathazekile ngokwenzekayo kodwa bayabona ukuthi inhlese yepolitiki edlalwayo ngenhloso yokwenza ubuholi bakhe bubonakale njengobehlulekayo.
UThebolla yena uthembe umthetho ukuthi uzoba beka obala abenza lokhu. “Ezinye izindawo ezithinteke kakhulu zisondelene nesigxobo sikaTelkom esisiza ngobuxhakaxhaka bokuxhumana. Manje naso sishile nokwenza kube nzima ukuba bathole okokuxhumana ngoba kumele kube uTelkom obalunguselayo ukuze bakwazi ukubuyela okokuxhumana. Sinaleyo nkinga enkulu lapha eMsunduzi esibhekene nayo ngalesi simo,” kusho uThebolla.
Ziphefumulile izakhamuzi
Bephawula ngalokhu izakhamuzi zakule ndawo zikhale ngokuthi lesi simo sifaka ingcindezi ngesikhathi sokhuvethe. UMnu uThino Ngcengeza uthi; “Intuthu ingena endlini nihluleke ukuphefumula ngisho ungavala zonke izintuba zomoya iyangena, ifika izinze, izinza nasemaphashini. Abanezinkinga zesifuba nencikene nazo bathinteka kakhulu. Akuqali lokhu nangonyaka ofile bekuyiso lesi. Ukhuvethe nale ntuthu isikhali sokusheshisa ukuthi siyolusa amadada.”
UMnu uMthokozisi Xulu yena uthe; “Ngiqhele ngama35km edolobheni kodwa isimise kabi nayi intuthu. Ubusuku nemini kuyefana kunzima kwakuphefumula”. Omunye ozibize ngoSakhile Sibusiso uthe; “Kubi kubi kakhulu mina engihlala edolobheni besingakwazi nokuneka kahle izimpahla zethu ezigqamile ngoba ziyangcola ngisho idolobha uqobo awuqondi noma uMasipala uyasebenza noma utelekile ngendlela elingcole ngayo. Ewu waze wangcola uMgungundlovu!”
Ngezinsuku zeMeya uNjilo
Ngesikhathi sikaNjilo kuthiwa kwakuke kuvukwe ekuseni kuchithwe udoti ngaseAgricultural Show, lapho oowakusuke kuzoba nomcimbi wokuvula kweSishayamthetho.
UNjilo watshela elaboHlanga, wathi ezinye izigigaba zimenze wacabanga ukushiya kodwa akayindawo ngoba naye uyindoda. Nokho kwaphela unyaka esho kanjalo ngemuva kwalokho yawulahla umthwalo imbongolo.
Kuye kuthiwa babemshaya ngokucekela phansi izindawo zokugcina imfucuza noma bayithwale bayilahle emgwaqeni ebalulekile edolobheni laseMgungundlovu. Okunye kuthiwa wayebuye ahlushwe osopolitiki abathile, ababezifikela mathupha ehhovisi bazomkhomba emehlweni ukuthi bafuna yiphi ithenda ngenkani.