Kusolwa inkohlakalo kuMasipala iMbizana
Kubikwa inkohlakalo eMkhandlwini iMbizana esifundazweni i-Eastern Cape njengoba iBAYEDE isivundulule ukuchithwa kwemali yalowa Mkhandlu ngokungemthetho ebalelwa ezi-R26 770 035, 17.
Uphenyo lwaleli phephandaba selushiye izikhulu zalo Mkhandlu zishayisana ngamakhanda ukuthi kuzokwenzekani ngalo mbiko wenkohlakalo ovundululwe abacwaningimabhuku.
Ingxenye yale mali ikhokhelwe izinkampani ezathola imisebenzi yamathenda ngokungemthetho kulo Mkhandlu noma kungalandelwanga imigudu efanele njengoba isimo sazo sokufaka izicelo zokuthola amathenda sasingavumi ukuthi zithole imisebenzi ngenxa yokuthi amaphepha ayengahlangani kumbe engagcwalisiwe kahle.
IBAYEDE inawo umbiko wezincomo zomncwaningimabhuku oveza ukuthi lezi zinkampani zanikwa imisebenzi yamathenda yize zazingekho ezingeni lokuwathola.
Ezinye zazo zanikezwa imisebenzi kungalandelwanga umthetho wokukhishwa kwamathenda oqinisekisa ukuphathwa ngendlela efanele kwemali yoMkhandlu obizwa ngeMunicipal Finance Management Act (MFMA).
Kanti ezinye zazo kwatholakala ukuthi zinikwe imisebenzi zingenawo amaphepha abonakalisa izinga lenkampani ngokwemisebenzi esiwenzile abizwa ngeCIDB kanti kwezinye izinkampani zinikeziwe kodwa zingawagcwalisanga kahle amafomu edokhumenti yethenda abizwa ngeMBD Forms.
Ohlwini lwezinkampani okubikwa ukuthi zikhokhelwe izizumbulu kubalwa nesikhondlakhondla somakhalekhukhwini uVodacom okuthiwa inenkontileka ngokudayisela omakhalekhukhwini amakhansela oMkhandlu angama-60 lapho iwafakela i-airtime nedata ngenyanga.
Omakhalekhukhwini bamakhansela bayashintshwa anikezwe abasha emuva kweminyaka emibili. Yize okwale nkampani kubikwa ukuthi kakukona ukuchithwa kwemali kepha kunendlela engaqondakali yokukhokhelwa kwayo nama-invoice ekuholeka ekutheni ama-invoice angafiki ngesikhathi esifanele kodwa isikhokhelwe ukusuka kusabelomali sonyaka wezi-2018/2019 nowezi-2020 isifike imali eyizi-R19 002 056, 45.
IBAYEDE ithole ngomthombo wayo ongashayi eceleni ukuthi inkontileka kaVodacom kuye kwaphoqeleka ukuthi inqayulwe emveni kokuvela kwalo mbiko iqalwe phansi ukuze nezinye izinkampani zomakhalekhukhwini zinikwe ithuba lokuthi zifake ezazo izicelo kodwa kuphinde kwaba yiyona ehambe phambili ngamaphuzu njengoba kuthiwa kulindeleke ukuthi iphinde iqokwe, incwadi yayo isilindele izigxivizo nokuthi isayindwe kumanje.
Ezinye zalezo yinkampani ezimbandakanyekayo kulo mbiko kubalwa kuzo i-ODG Technologies eyanikezwa umsebenzi wokufaka ugesi esigodini saseMathwebu yize yayingenawo uCIDB owawudingeka ngokwesikhangiso sethenda. Noma kunjalo yawuqeda umsebenzi yakhokhelwa umali ebalelwa ezi-R3 356 926, 71.
IDirang Bontle Trading yona yanikezwa umsebenzi kodwa ingayifakanga incwadi eveza ukuthi kayinaso yini isikweleti samarates oMkhandlu eyayidingeka ngokwesikhangiso sethenda, yakhokhelwa imali ebalelwa ezi-R420 000. 00 nayo yawuqeda umsebenzi. Inkampani iBanana Boat Business Enterprise yona yanikezwa ithenda ingenawo uCIDB lokulungisa indawo yemfucuza eku-Extention 3 nayo yakhokhelwa imali ngokungemthetho ebalelwa esi-R1 708 000.
Kanti inkampani iThabo Ntlangula Trading yona yanikwa ngokungemthetho umsebenzi wokwenza umgwaqo Nyaka Access Road nayo eyawuqeda futhi yakhokhelwa imali izi-R2 410 029.01.
Inkampani iVDS Concepts yakhokhelwa izi-R191 900. ISithwale Trading & Projecs yona yahlomula ngezi-R28 420.00 kanti yona iMagholo yona yathola izi-R29 400, 00 kube yiTimeless PTY (LTD) eyakhokhelwa izi-R27 930, 00.
UMBIKO odalula le nkohlakalo usuthuliwe esigcawini samakhansela esithathe isinqumo sokuthi udluliselwe ekomidini elibhekelela ukusebenza koMkhandlu iMunicipal Public Account Committee (MPAC).
IBAYEDE ingakudalula ukuthi leli komidi belihleli ngomhla zingama-22 ngoNtulikazi kulo nyaka ukucubungula lo mbiko kodwa kwabonakala ungekho umkhombandlela wokuthi kune nesinqumo esiqondile esizothathwa nokuthi kuzokwenzakalani ngawo kumbe zikhona yini izinyathelo zomthetho ezizothathwelwa abasebenzi abathintekayo.
USihlalo weMPAC uNkk Nokonwaba Cengimbo oqale ngokuba manqikanqika ukukhuluma neBAYEDE ngoba ethi akavumelekile ukukhuluma nabezindaba uphike wema ngentaba ukuthi kunemizamo yokucindezela lo mbiko njengenjwayelo kulowa Mkhandlu njengoba kuthiwa imibiko yenkohlakalo iyanyathelwa kungabi ndaba zalutho.
Uthe imbangela yokuthi isigcawu samakhansela siwuthumele kubona yingoba sifuna ukuthi ucubungulwe kubhekwe nhlangothi zonke nokuthi yimuphi umthetho ekufanelwe ulandelwe ngenhloso yokuqeda nya izimo ezifuze lezi uMkhandlu uphile ngaphansi kohlelo lokulwa nenkohlakalo.
“Yize sibanjwe yilesi sifo kodwa umbiko lo sizowuthumela kwaSupply Chain basichazele ngalokhu okubhalwe kuwona ukuthi kusho ukuthini sibe sesibheka izimpendulo abasinika zona ukuthi zisibekaphi” kusho uNkk uCengimbo.
Wale waphetha ukuveza ukuthi kungenzeka kube nabasebenzi abangase baxoshwe yini uma umbiko umi ngale ndlela wathi ngeke akhulumele umkhandlu umuntu onelungelo lokwenza lokho yiMeya uNkk uDaniswa Mafumbatha.
Ucele ukubuye afowunelwe ngoba ubese matasa.
IMenenja yoMkhandlu uMnu uLuvuyo Mahlaka ayikuphiki ukuthi kunencitho ebekhona eMkhandlwini wakhe kodwa watho lokho yindlela ebizwa ngayo ngokomthetho wezezimali njengoba zonke izinhlelo zentuthuko eyiswa kubantu yenziwe yaqedwa okusho ukuthi kayikho imali yomkhandlu elahlekile lapho kukhokhwe imali kwangabibikho umsebenzi owenziwayo. Uphinde wathi kuyiphutha elikhulu ukuthi kuvele sengathi uphenyo lwenziwe uMncwaningimabhuku njengoba umbiko wonyaka wezi-2020 ungakaphumi okusho ukuthi omunye womsebenzi omningi oholele kulolu phenyo wenziwe abaphathi bomkhandlu ngaphakathi ukuzama ukuqinisekisa ukuphathwa kwezimali zabakhokhi bentela ngandlela efanele.
Uthe yize kukhona ukulahleka kwamadokhumenti thizeni ezicelweni ezazifakwe izinkontileka kodwa lokho kuyaphenywa futhi uma kukhona umuntu othintekayo uzobhekana nomthetho. Uthe seluya ngase maphethelweni uphenyo ngalo mbiko ikakhulukazi ngokuchothwa kwemali kodwa kukhona okunye abasakuqwalaselayo kangangoba uzothulwa esigcawini samakhansela ingaphelanga inyanga kaAgasti. Uthe ukuphinda kuqokwe inkampani yomakhalekhukhwini yakwaVodacom kwenziwe kulandelwa imigudu esobala enika zonke ilungelo lokuthi zifake ezazo izicelo ngokungafihlisi.
Ilungu lenhlangano ephikisayo ekuyilona lodwa elihlala kwikomidi MPAC elibhekelela ukusebenza koMkhandlu uMnu uSonwabile Ngonini uthe inkukhu iyawusola umgqakazo ngalo mbiko njengoba kungacaci ukuthi ithini indaba yawo.
“Sekunezikhathi eziningi kuba nezinkinga zezimali kulo Mkhandlu ekugcina kungenziwanga lutho ngazo amakhansela e-ANC agwinye itshe ngazo futhi kungabibikho noyedwa othathelwa izinyathelo” kusho uMnu uNgonini.
Utshele IBAYEDE ukuthi iyobe ichitha isikhathi uma ingakhuluma namanye amakhansela amanye amaqembu aphikisayo kulowa Mkhandlu ngoba onke afana nenkukhu enqunywe umlomo agade iholo lawo nje kuphela.