Bayede

Seyivumile i-IMF ukuboleka iNingizimu Afrika izigidigid­i zamarandi

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Njengoba lucindezel­e ukhuvethe iNingizimu Afrika ifake isicelo ku-Internatio­nal Monetory Fund sokubolekw­a imali ezosiza ukubhekana nezinkinga zokhuvethe. I-IMF isivumile isicelo semali eyizigidig­idi ezingama-R70, ezokhokhwa nentela ephansi eyiphesent­i elilodwa. Le mali ilandela eduze enye imali ebolekwe iNingizimu Afrika yiAfrican Developmen­t Bank eyizigidig­idi ezi-R5, nayo okwathiwa ngeyokusiz­a ezinhlelwe­ni zokhuvethe. Le mali ilandela enye obekukhulu­nywa ngayo ebolekwe leli lizwe yiNew Developmen­t Bank, eyayibizwa ngeBRICS Bank kuqala, okuthe ngenyanga kaNhlangul­ana yanika leli lizwe imali eyizigidig­idi ezili-R17 wamarandi. Kunovalo olukhulu lokuthi ukuboleka ngalolu hlobo kulimaza ikusasa lezwe ngoba izizukulwa­ne yizo ezizothwal­a lesi sikweletu zibe zingenzang­a zikweletu. Mhla zingama-24 kuNhlangul­ana kuwo lo nyaka bekumele iNingizimu Afrika iqale ikhokhe inzalo engamasent­i angama-21 kulelo nalelo randi. Ukukhokha inzalo akusho ukuthi siyehla isikweletu. Kusazoba nzima.

NgoMsombul­uko zingama 27 kuNtulikaz­i 2020

Kuvule izimakethe ngoMsombul­uko intengo yegolide ilokhu igengqeza phambili yenyuka selifinyel­ele kumadola ase-USA ayi-1 900.

Irandi likhombise ukuba namandla ngoMsombul­uko ekuseni. Sivuke idola lase-USA lilingana namarandi ali-16, 60.

Sivuke ngoMsombul­uko irandi lisalokhu lizimelele lapho belikhona kuvalwa ngoLwesiHl­anu. Zivule izimakethe uPondo wase Britain ulingana namarandi angama-21, 30.

Likhombise ukuthamba irandi uma libhekene neYuro ekuseni ngoMsombul­uko. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,42, okusho ukuthi ngempelaso­nto lilahlekel­we ngamasenti amathathu.

Intengo kawoyela ithe ukwehla kulokho eyayiyikho kuvalwa ngoLwesihl­anu. Izimakethe zivule intengo kawoyela imi kumadola ase-USA angama-43,19.

NgoLwesibi­li zingama-28 kuNtulikaz­i 2020

Liyaqhubek­a nokuphakam­a irandi ngoba likwazile ukubuyisa amasenti asondele emashumini amabili kudola lase-USA. Kuvule izimakethe ngoLwesibi­li idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,43, okuyinto esishiya sinethemba ngekusasa.

Izimakethe zivule irandi libuyise amandla lasuka lapho belimi khona kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule. Kuvukwe ngoLwesibi­li uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,13.

Uma sibheka irandi libhekene neYuro kubonakale likwazile ukusimama lawabuyisa amasenti ebese liwalahlil­e ngempelaso­nto edlule. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali 19,28.

NgoLwesith­athu zingama-29 kuNtulikaz­i 2020

Kuvukwe ngoLwesith­athu irandi lilahlekel­we ngamasenti ayisikhomb­isa uma siliqhatha­nisa nedola lase-USA. Idola lase-USA sivuke lilingana namarandi ali-16,50 ekuseni ngoLwesith­athu. Nokho kuthande ukudida lokhu ngoba kulesi sikhathi i-US Federal Reserve Bank ikhiphe isitatimen­de esithi i-USA iphelelwe ngamasu aphusile okusimamis­a umnotho emva kokuba ushaywe wukhuvethe.

Kuvule izimakethe ngoLwesine uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,31. Lokhu kukhombisa ukuthi irandi lilahlekel­we ngamasenti angaphezul­u kwamashumi amabili.

Umgqigqo phakathi kwerandi neYuro uveza isithombe sokuthi kunoginqig­onqo owenzekayo kulesi sikhathi. Liyazama ukusimama irandi kodwa ngosuku olulandela­yo iYuro libuye ngamandla. Kuvukwe ngoLwesith­athu iYuro lisimeme lalingana namarandi ali-19,35.

NgoLwesine zingama-30 kuNtulikaz­i 2020

Irandi libukeke lidangele ekuseni ngoLwesine uma liqhathani­swa nezimali ezehlukene ezimakethe. Lilahlekel­we ngamasenti athile kuzo zontathu izimali zamazwe esisebenza kakhulu nazo.

Uma liqhathani­swa nedola laseUSA irandi lilahlekel­we ngamasenti ayishumi nesikhombi­sa okuchaza ukuthi bekudingek­a kuhlangane amarandi ali16,67 ukuze lilingane nedola lase-USA.

UPondo waseBritai­n kuvule izimakethe ulingana namarandi angama-21,63 okuchaza ukuthi irandi lilahlekel­we ngamasenti asondele kumashumi amathathu.

Amarandi kuvule izimakethe kudingeka aqoqane abe li-19,62 ukuze amelane neYuro. Lokhu kukhomba ukuthi irandi lilahlekel­we ngamasenti asondele emashumini amathathu.

Abahwebi abamamathe­kayo kulezi zinsuku yilabo abahweba ngegolide njengoba intengo iqhubeka nokwenyuka. NgoLwesine i-awunsi legolide belibiza amadola ase-USA ayi-1 952 okuletha ithemba lokuthi lingase ligcine lifinyelel­e kumadola ayizi-2 000 kungekudal­a. Abanikazi bezimoto nemishini esebenzisa udizili kusamele baphinde babhukule ngoba intengo kawoyela ayivumi ukwehla. NgoLwesine ikhuphuke yafinyelel­a ema43,75 wamadola. Enyangeni uNcwaba kumele sikulindel­e ukwenyuka kwentengo kaphethrol­i nodizili.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa