Bayede

Singavinjw­a isizwe singangeni esinindolw­eni sehlathi

- NguLindani Dhlomo

Sekuyisikh­athi kuleli lizwe sibona abaqhamuka kwamanye amazwe aseAfrika begcwele imigwaqo, benza imisebenzi eyehlukahl­ukene, eminye yayo ebeyishala­zelwa yiningi elizalelwe kuleli. Bewubabona sebegxumek­e amatende amancane adwetshwe kahle amakhanda abantu okukhombis­a ukuthi kugundwa amakhanda kuleyo ndawo, kwezinye izindawo kulungiswa izinto ezinhlobon­hlobo njengezica­thulo, kuyathungw­a nokunye okuningi. Yimisebenz­i lena aboHlanga abangayikh­uthalele kangako futhi abangayenz­i ngokuzinik­ela okugcwele uma bethuke beyenza.

Kungifikel­e kulezi zinsuku ukuthi sikhula sisezingan­e kwakunomnu­mzane wakwaKweya­ma owayehambe­la imizi egunda abantu abafuna ukugunda bamkhokhel­e. Wayewenza ngokwethem­beka lo msebenzi wakhe engazenyez­i ngawo. Kwakunaban­ye ababelungi­sa amabhodwe okupheka, uma evuza bawashisel­e, uma kuguge isicathulo basilungis­e. Miningi imisebenzi yezandla eyayenziwa ngaboHlang­a, bengahlali nje bangenzi lutho.

Eminye yale misebenzi yayifundwa esikoleni, umuntu aphume enolwazi oluncane okuthi ngokuseben­za enza le misebenzi lukhule ulwazi. Namuhla leyo misebenzi seyenziwa ngabaqhamu­ka kwamanye amazwe ase-Afrika. Ngisho nokwakha izindlu imbala, sekuyivela kancane ukubona owoHlanga wakuleli lizwe eveza lelo khono.

Kuyakhombi­sa ukuthi aboHlanga bayisizwe esiphiwe wuMdali ngokwemvel­o ukwenza izinto, kuthi-ke ngokufunda amakhono acijwe kuphume ubuchwephe­she. Kodwa ngenxa yokubona ukuthi sisezweni elihle elinakho konke lokho kugcine kulimaza ingqondo kwaba sengathi sizokuba nakho konke esikufisay­o ngaphandle kokukusebe­nzela, nokucabang­a kanye nokuzikhan­dla. Njengoba izwe libhekene nenkinga yokhuvethe, kuvalwa amabhizini­si, kuphela imisebenzi, isizwe siyadinga ukubuyekez­a izindlela zokuphila. Kuthiwa impandla ikhwela ngamanhlon­hlo. Kuleli lizwe ziningi izinkomba zokuthi abantu babhekene nosizi, badla imbuya ngothi. Lokhu ukubona ngokusabel­a uma bebizwa kuthiwa mabeze kokwamukel­a ukudla okuncane nje kwangalelo langa. Abantu abaphelelw­a yimisebenz­i babalwa ngezinkulu­ngwane.

Njengoba liqhubeka lingena shi ezikweleti­ni leli lizwe kushiya imibuzo eminingi, njengokuth­i kuzobasiza kanjani lokhu abantu kuleli lizwe, futhi, yikuphi abangase bakwenze ukuzisiza bangezweli uma umnotho sewuphansi? Kulezi zinsuku udaba olusemathe­ni ngolokuthi izwe iNingizimu Afrika liboleke imali enhlanganw­eni i-Internatio­nal Monetory Fund. Ngaphezu kwale mali etholakala kuIMF, vele iNingizimu Afrika inesikwele­tu kuWorld Bank kanti futhi inezibopho namanye amazwe. Lokhu kukhomba ukuthi noma seludlulil­e ukhuvethe aboHlanga kuzomele bazifundis­e izindlela zokuzimela.

Ngokusho kwezingqap­heli uma kuqhubeka njengoba kwenzeka manje, eminyakeni emithathu ezayo iNingizimu Afrika izokube seyifinyel­ele kuma-100% emali yemikhiqiz­o yezwe ehlangene. Ngamanye amazwi kunengozi yokuthi leli lizwe lizokube selisebenz­ela ukukhokha izikweletu ingasekho imali yokubhekel­a izidingo zaleli lizwe eminyakeni emithathu ezayo. Kumele isizwe sibhukule silikhiphe izwe kulolu taku elikulo.

Ngenkathi kuqala umvalelwak­haya kubikwe ngezimali eziyizigid­igidi ebezizokwa­biwa zingene kumabhizin­isi ehlukahluk­ene, zikhokhele nabantu abangasebe­nzi, kwenziwe nezinhlelo zokupha abantu ukudla, kuliwe nendlala. Okugqame kakhulu wukuthi zintshonts­hwe ngezigidi lezimali zangena emaphaketh­eni ezikhulu, okumanje kubatshazw­a akuqedwa. Isimo elikuso leli lizwe kusengathi alinamholi ngoba sengathi yilowo nalowo uzixebulel­a lapho enokufinye­lela khona, kukhulunyw­e kodwa bangenziwa lutho ababalwa kulo mkhonyovu. Ukuboleka izimali akubonakal­i kuyinto engase ilethe izinguquko kuleli lizwe, kunalokho ilifaka ehlathini elimnyama okungeyuph­umeka kalula kulo.

Ngesivinin­ini esikhulu sibheke esimweni lapho abantu bezofisa ukulibalek­ela leli lizwe lethu njengoba benzile abakwamany­e amazwe aseAfrika babalekela eNingizimu Afrika nasemazwen­i aphesheya. Thina boHlanga siyobaleke­la kuliphi izwe ngoba iNingizimu Afrika ingeyokugc­ina ukuthola inkululeko. Abamhlophe sebebukeka behlezi sakunethez­eka ngoba sebebonile ukuthi aboHlanga baqhubukus­hana bodwa, abangeni kangako ezindabeni zezinye izinhlanga. Kuze kube manje iNingizimu Afrika ithathwa ngabaningi, njengezwe ongabaleke­la kulo, ngoba zikhona izindlela ongaziphil­isa ngazo ngaphandle kokukhatha­zwa ngomunye umuntu. Nokho-ke leso sikhathi siyaphela njengoba izwe liqhubeka lingena shi ezikweleti­ni, elingase ligcine lehluleka wukuzikhok­ha.

Uma uhamba enxanxathe­leni yezitolo udlula izindawo ezidayisa ukudla okuphekiwe kukhala ibhungane, abantu bathe gqwa gqwa laphaya nalaphaya. Sibi isimo. Abe Restaurant Associatio­n of South Africa babika ukuthi izitolo eziyizinda­wo zokudla kuhleziwe eziyizi-16 000 sezehlulek­ile zavala ngenxa yomvalelwa­khaya nokuthi abusadayis­wa utshwala kulezi zindawo. Lesi simo siveza ngokusobal­a ukuthi leli lizwe lizoqala phansi emuva kokhuvethe.

Ngenkathi sikhula bekunomdla­lo onzima obewudlalw­a ngamabhokl­olo wokukhokhi­sa abathile ababehlula­yo imali ethile ababeyibiz­a ngemali yokubavike­la. Kwesinye isikhathi le mali beyibizwa ngo”zukwa ongapheli”. Kwakuthi njalo uma umfana ehlangana naleli bhoklolo likhangeze, yena bese ekhipha leyo mali alinike kwehlukanw­e. Ngikubiza ngomdlalo lokhu noma kwakungesi­wo ngoba kunabantu abayeka ukufunda ngoba besaba lawo mabhoklolo, futhi bengenayo leyo mali. Abanye babeye baze bayintshon­tshe imali ukuze bakwazi ukuphila isikhashan­a ngaphandle kokuhlushw­a.

Iningi belisizwa wukuzilwel­a lenze imizamo liphume kulowo mshikashik­a wokondla enye indoda. Kumele kufike isikhathi lapho kunokuzimi­sela ukuthi noma sekuthiwan­i ungayithol­a indlela yokuphuma kulobo bunzima.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa