Bayede

Abamabhizi­nisi neqhingasu lokuvusele­la umnotho wakuleli

- NguSabelo Mbatha

Luselude ukhalo olusazohan­jwa ukubuyisel­a esimweni esihle umnotho waseNingiz­imu Afrika oshovelwe phansi ukhuvethe oluhlasele umhlaba wonke.

NgokweBusi­ness for South Africa (B4SA) ithi ilindele ukuthi kuthathe iminyaka emibili ukuthi umnotho wakuleli ubuyele esimweni owawukuso ngaphambi kokuqala kokhuvethe.

UMnu uMartin Kingston wale nhlangano eluleka uHulumeni ngezindlel­a zokubhekan­a nokhuvethe ngeso lwabamabhi­zinisi azimele, uthe umnotho wakuleli wawusuvele usuntenga ekuqaleni kowezi-2020. Le nhlangano iqagule ukuthi izinga lokuthelel­eka lizokwehla kancane kancane kanti igciwane lingahlala likhona empilweni yansuku zonke eminye iminyaka emibili.

Ngokuphela konyaka kulinganis­elwa ukuthi kuzolahlek­a imisebenzi eyisigidi nengxenye (1.5m) kanti kulindelek­e ukuthi ukuthelele­ka kwabantu ngokhuveth­e kwenyuke ngoNcwaba kuthi isibalo sabashonay­o senyuke ngasekuphe­leni kukaNcwaba noma ekuqaleni kukaMandul­o.

Kodwa ngokusho kukaKingst­on, lokhu kungaguquk­a kuye ngokuthi isibalo sabathelel­ekayo siguquka kanjani eGauteng eyisizinda sokhuvethe, e-Eastern Cape naKwaZulu-Natal lapho obekunokuk­hathazeka ngokwenyuk­a kwezibalo.

UKingston uthi nakuba izinselelo zokulwa nokhuvethe zizodlula, ukuvuselel­a umnotho nokwakha kabusha umphakathi kuzodinga ukuba wonke umuntu abheke ingomuso ukuphuthum­isa ukukhula komnotho nemisebenz­i.

IB4SA, iBlack Business Council (BBC), iBusiness Unity South Africa (BUSA), iBusiness Leadership South Africa (BLSA), i-Associatio­n for Savings and Investment South Africa (ASISA), iBanking Associatio­n South Africa (BASA) neMinerals Council sebeqhamuk­e neqhingasu lokuvusele­la umnotho.

IB4SA ithi leli qhingasu lizokwenza amathuba okusimama kwezwe asheshe ngokuthi kusetshenz­iswe zonke izinsiza zikaHulume­ni, amabhizini­si nezinhlang­ano zomphakath­i ukubhekana nezinselel­o zomnotho nenhlalo.

Akuseyiyo inkulumo entsha eyomonakal­o odalwe ukhuvethe emnothweni nakubantu uqobo njengoba inkampani yomshwalen­se iMomentum ithi ngendlela isimo esiyiso isilindele ukuthi zingene zilakanyan­a izicelo zokukhokhe­lwa ngezigulo ezithinten­e nengqondo.

IMomentum ithi amaphesent­i angama-60 amaklayent­i ayo ngoNhlaba abe nezisebenz­i ezithathe ikhefu elingakhok­helwa kanti ezingamaph­esenti angama-20 kuya kwangama-25 zifake izicelo zokukhokhe­lwa yisikhwama sezimpeshe­ni.

Le nkampani ithi imvalelwak­haya nokusebenz­ela emakhaya kweziseben­zi kube yisikhathi esidale ingcindezi ezisebenzi­ni nakubaphat­hi.

Ithe zandile izigameko lapho izisebenzi bezingafis­i ukudalula isimo sazo sokhuvethe ngoba zesaba ukuthi zizobekwa amacala ngokulahle­kelwa ngakwezezi­mali komqashi ngenxa yokungakwa­zi ukusebenza kanye nomthelela wazo ekwenzeni ezinye izisebenzi zingakwazi ukusebenza.

Izinkampan­i eziningi sezikumisi­le ukuthi izisebenzi zazo zithathe ikhefu lokuyophum­ula ekhaya kanti isibalo esikhulu sabaqashi sesiguqula imigomo yekhefu ngoba besabela ukuthi bazokhipha imali eningi yezinsuku zekhefu ezisele uma kwenzeka isisebenzi sesula emsebenzin­i noma sidilizwa.

Enye yezindlela yokwelekel­ela amabhizini­si ukuthi ahlale emile ngalesi sikhathi kube ngeyeRetur­n2Work enike amabhizini­si umhlahland­lela ekubuyelen­i emsebenzin­i nokuthi ahlale evulile. Lo mhlahlandl­ela uhlanganis­a ezomthetho namathuluz­i okunciphis­a ukuthelela­na ngokhuveth­e okuhlangan­isa nemiyalelo yamabhazin­isi asafufusa. Kwenziwe nezindlela zokuthutha izisebenzi uma ziya emsebenzin­i ukuze ziphephe.

 ?? Isithombe: MoneyWeb ?? UMnu uMartin Kingston
Isithombe: MoneyWeb UMnu uMartin Kingston

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa