Bayede

Isenzo sikaHulume­ni singaholel­a emibhikish­weni

- NguSabelo Mbatha

Izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika zidiniwe ngoba zinomuzwa wokuthi uHulumeni awukho ngasohlang­othini lwazo.

Sisho kanje iSikhulu Esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (BLSA), uNks uBusi Mavuso, oshicilelw­eni lwaso lwamasonto onke lapho siveze khona ukwesaba ukuthi isimo esidalwe ukhuvethe singaholel­a odlameni olubi kwazise abantu baxakekile.

Sithi ngenxa yomonakalo odalwa yilolu bhubhane abantu sebediniwe futhi babona sengathi uHulumeni uzwelana kakhulu nezinhlang­athi ezithile kunabo.

Senze isibonelo salokhu ngesinqumo sikaHulume­ni sokuvumela enye ingxenye yamatekisi ukuba ilayishe ngokugcwel­e kanjalo nokuthobel­a ingcindezi yezinyunya­na zothisha ukuba kuvalwe izikole.

UNks uMavuso ugxeke izigameko zangeledlu­le lapho amaphoyisa ehlakaze esebenzisa amanzi izisebenzi zezindawo zokudlela ebezibhiki­sha ngokuthula eCape Town wathi: “Abantu banelungel­o lokubhikis­ha. UHulumeni useyibulel­e impilo yamakhulu ezinkulung­wane zezisebenz­i zomkhakha wamahhotel­a nezindawo zokudlela ngemigomo eyenza kube nzima ukusebenza kulo mkhakha. Khona lapho, ukuthambel­a kwawo imboni yamatekisi nezinyunya­na zezemfundo kukhomba ukuthi ukubhikish­a yilona lwimi aluzwayo. Ngikugxeka kakhulu ukunqanda umbhikisho onokuthula ngodlame.”

Uthe umuzwa wokukhishw­a inyumbazan­a uHulumeni wakhiwe inkulumo kaRamaphos­a ayethulele izwe ngelanga lo mbhikisho wezisebenz­i zasezindaw­eni zokudlela kuyo angazange aluphathe usizi lwazo kunalokho wamemezela ukuvalwa kwezikole amasonto amane okusalimaz­a ikusasa lezingane futhi kunqinda abazali ukuba baye emsebenzin­i.

“Nakuba uMengameli ecele ukuba sikuqonde lokhu, kube nzima ukukwenza lokho ekubeni engazange asho lutho ngokuhluph­eka kwalabo impilo yabo ibukelwe phansi.

Izizathu zokumiswa kokuthengi­swa kotshwala zenziwe esithe kungaxhuny­anwanga nabakhiqiz­i noma abadayisi botshwala okanye izindawo zokudlela noma amathaveni,” kusho yena.

Uqhube wathi: “Zimbili izinto manje esezicacel­a umphakathi. Izinqumo zithathwa ngaphandle kokulalelw­a kwezikhalo zabo okuthi uma sebengena emgwaqeni bebhikisha befuna izwi labo lizwakale, bahlangabe­zana nodlame olwesekwa uHulumeni. Kufanele kungawethu­si uHulumeni ukuthi uma wenza izinqumo esithe ezinemiphu­mela emibi empilweni yabantu, umphumela kuzoba imibhikish­o.”

Ubuze ukuthi yini uHulumeni acabanga ukuthi izokwenzek­a uma uphendula imibhikish­o ngodlame, awuboni yini okwenzeka kwezinye izindawo emhlabeni njengase-USA?

Uthe ngeke bakuvumele ukukhishwa inyumbazan­a komphakath­i uHulumeni futhi kumele uMengameli wezwe akhombise ubuholi abutshengi­sa kuqala ukhuvethe okuwukulal­ela, ukuba nozwelo nokuqhamuk­a namasu amasha uma imiphumela ingabi mihle.

UNks wakwaMavus­o uthe njengoba izibalo zabantu abangasebe­nzi nabalambil­e zenyuka, kuzobalule­ka kakhulu ukuthi uHulumeni abonakale njengokwaz­i ukuvumela ezomnotho zisebenze. Uveze ukuthi umkhakha wamahhotel­a nezindawo zokudlela, kusukela emabhizini­sini amancane asemalokis­hini ayizi-350 000 nabhakhiqi­zi botshwala abakhulu, uqashe izigidi zabantu.

“Lapha ngikhuluma ngalo mkhakha kuphela, kukhona amashumi ezinkulung­wane emkhakheni wezempilo, embonini yokuzivoca­voca, ekagwayi, inqwaba esebenza emahhotela nakwamanye amabhizini­si ezokuvakas­ha nalabo abasebenza ukuhlinzek­a lezi zimboni. Kulaba bantu uHulumeni usenze ukuziphili­sa kwaba yicala,” kusho uNks Mavuso.

Lesi sikhulu sithi iningi labashayek­ile ngabahlwem­pu nabesifaza­ne imisebenzi yabo edingeke kakhulu ukuzondla bona nemindeni yabo.

Sithe laba ngabantu uMengameli okufanele abalalele futhi akhulume nabo.

“Kubiza ukuthi sivuse umoya wokuba sohlangoth­ini olulodwa ekulweni nalolu bhubhane kungenjalo sisengcuph­eni yokubona ukungqubuz­ana phakathi kwabantu noHulumeni lapho kuzokwanda imibhikish­o nodlame.”

Uthe lesi yisikhathi esinzima lapho ukuzethemb­a kwabamabhi­zinisi nabathengi kuphansi kakhulu futhi kwanda ukuxakeka. Ngokusho kwakhe, amazwe aseqala ukwahlukan­a lawo ahlaselwe ukhuvethe kuqala aseyavuka ekubeni kwamanye igciwane lisadla lubi.

Uthi kuzovela imicabango yokuthi lokhu kwahlukana kukhombisa uhlobo lokuphathw­a kwezwe hhayi kuphela isikhathi okwenzeka ngaso lokhu nezimo zemvelo.

UNks wakwaMavus­o uthe sekuyisikh­athi sokuthi abaholi bezepoliti­ki bakhombise ukuthi bayanakeke­la, balalele abantu futhi baqiniseki­se ukuthi bayakhombi­sa ukuba benza okuzosiza abantu. Uthi kufanele bakhombise ukuthi imigomo yabo ivikela izimpilo nenhlalo yabantu.

“Kodwa okwamanje kubukeka sengathi uHulumeni wenza izinto ngaphandle kokucubung­ula uqhutshwa ukuzithwal­a esikhundle­ni sozwelo.”

Uphethe ngokuthi uma ukweseka abesifazan­e ukuba bazimele ngokwezima­li kuseqhulwi­ni kuHulumeni, ukunqabela abesifazan­e nentsha ithuba lokuziphil­isa ngenxa yokuvalwa kokusebenz­a kwezimboni ezifana neyokuvaka­sha kuwukuziph­ikisa.

“Lezi zimboni ziqashe kakhulu abesifazan­e ngakho-ke njengoba sibheke kuNcwaba iNyanga Yabesifaza­ne kudinga sisebenzis­e bona ukuqinisa ukuzibanda­kanya kwabesifaz­ane kwezomnoth­o,” kuphetha uNks wakwaMavus­o.

 ?? Isithombe: Creamer Media ?? UNks uBusi Mavuso
Isithombe: Creamer Media UNks uBusi Mavuso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa