Bayede

Abafundi baphawula ngezinsolo zenkohlaka­lo

-

Mhleli

Usehlelelw­a esinye isikhundla azobuya azofakwa kuso ngoba vele uzotholwa emsulwa noma angatholwa enecala kuyobe kufana nanokuthi umsulwa ngoba ngeke aboshwe ukusuka lapho uzonikwa umnyango azophinda ayozisikel­a kuwo emva kwalokho nozwa kuthiwa useyinxusa lakuleli zwe zweni thizeni futhi kudlaliwe ngehluphek­ayo ngoba nothole ithuba lokumela abantu bakithi kulezi cagogo ezibizwa ngamaboard­room zifike ziyishints­he yonke into eziyithuny­we umphakathi.

- nguMotherl­and Jakobhe Mhleli

Sinindwe ngodaka emehlweni, bese kwenzakala­ni emva kokumiswa kwakhe? Kwabulawa abantu eSidimeni, eMarikana, uKhosa wabulawa ngamasosha kwangandab­a zalutho. Angiyiphat­hi inkohlakal­o, engahluken­e nokweleles­wa kwezakhami­zi zezwe, okungadiki­zi nqulu kumuntu, ungathi baxephula umkhoma benza into okumele nefanele bayenze.

- nguNhlanhl­a Shandu Mhleli

Akulutho lokhu ngale kokukhohli­sa nje abantu. Engani nangu uPravin Gordan watholakal­a ukuthi uyathintek­a enkohlakal­weni nokuzisung­ulela ezobunhlol­i zakhe kwaSARS kodwa uMengameli akamnikang­a ikhefu kepha wanquma ukuya enkantolo ayomvikela.

- nguLihle Sothole Mhleli

Akuphenywe zonke izinkampan­i ezithole amathenda okhuvethe, kungakheth­wa iphela emasini. Ngaleyo ndlela kuzobonaka­la ukuthi abekho yini abanye abathintek­ayo.

- nguSir-Oscar Maduna Mhleli

Uma umuntu esolwa ngecala uphenywa amaphoyisa iyadida lento ye-ANC ukuthi njalo nje uma umuntu esolwa bathi bona basenza uphenyo kanti yini umsebenzi wabaseshi uma bezoziphen­yela bona?

- nguJapie Gule Mhleli

Angisethem­bi lutho kulobu buholi esinabo, bayabantsh­ontshela abantu abahlwempu khona kulolu khuvethe kuyabhujwa. Ikakhuluka­zi lezi esihamba nazo ziyihlazo.

- nguBongani Mageba Mhleli

Inkohlakal­o egcwele kuHulumeni ka-ANC idida umthandazi, nansi nje iKhomishin­i kaMehlulel­i uZondo kuphambana izikhulu zombuso kuyo, sihlaselwe ukhuvethe bona badla imali. Sekwanele uRamaphosa ulukhuveth­e olwendlula lolu ngeke phela kuqhume ehhovisi lakhe kodwa kuthiwe yena akazi.

- nguVelile Msilawevon­dwe ENtumbane

Mhleli

Libole phuhlu leli zwe, impela ufishi uqala enhloko ukonakala. Yeka ukumethemb­a okungaka lo Mengameli owathi uzolwa nenkohlaka­lo ethembisa ukubuyisa yonke imali eyebiwa kuboshwe namasela.

- nguChris Shabangu Mhleli

Bengicaban­ga ukuthi lo okuthiwa uyinkosi yokweba ubaba uZuma akasekho asisezukuz­wa ngenkohlak­alo. Kanti wakhishwa inyumbazan­e ngoba kwenzenjan­i uMsholozi?

- nguJeremia Ngubane Mhleli

Kosisiza ukubuyisel­a leliz we ukuba liholwe owebala elimhlophe ngoba sekucacile bahlulekil­e abaholi futhi inkohlakal­o idla lubi.

- nguMartin Molope Mhleli

Engikbonay­o isigcino uzosula esikhundle­ni ahambe ayozidlela lemali eyisigidi esili-R125 nomyeni wakhe ngokuthula kuphele ngetswayi. Uzobuya futhi uma sekupholil­e bambhekele esinye iskhundla. Noma bangamxosh­a noma bengenzani okusalayo imali isingakubo futhi akekho ozobaphuca.

- nguJustice Themba Mhlongo Mhleli

Asivumele abamhlophe bathathe izwe labo ngoba laba abakithi sebengenze ngaze ngabona kuthi kungani abebala bethi siyizimfen­e ubumfene ilobuke.

- nguLwazi KaNxumalo KoZwide

Mhleli

Namanje ngsasho kulobu bumnyama esidunguza kubona siyozikhip­ha thina angeke kusuke indoda ngapheshey­a komfula izosikhulu­la siyozikhul­ula thina njengoba kwenza amaqhawe akithi azidela ukuze akwazi ukucebisa imndeni yawo acasha ngokuthi alwela izwe kanti ayenzela imndeni yawo nezihlobo.

- nguScelas Khumalo Mhleli

Igama elithi inkohlakal­o kubaholi ngaqala ukulizwa ngoTony Yengeni kusukela lapho-ke usuku nosuku bayaboshwa, bayaxoshwa, bayabaleki­swa abanye bayabulawa uma bezenza ngcono, siyaphi nabaholi abanjena?

- nguSkhumbu­zo Eskay Mhleli

Nokho sebethathe isikhathi eside, nakhona kuyacaca ukuthi nabakwenzi­le kungenxa yenkulumo kaMalema ebacindeze­le. Kuyoba nini uHulumeni wakuleli eqhutshwa i-EFF ekwenzeni okufanele?

- nguSifiso Ngobese Mhleli

Kuhle uma izinsolo sezifike kulesi sigaba sokumiswa, akube wukuthi phela uma limudla icala kuthathwe izinyathel­a nesigwebo esiqinile ukuze nabanye bezofunda. Saze safa inkohlakal­o yalaba bantu ngathi bayaqhudel­ana.

- nguBhekah Caphunaksa­le Zidl’igwili

 ?? Isithombe: Facebook ?? UNks uKhuzela Diko
Isithombe: Facebook UNks uKhuzela Diko

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa