Bayede

Baphawula ngokuvalwa kwezikole okwesikhas­hana

-

Mhleli

Nangaye uNcwaba sizolokhu sibhekile izibalo zabathelel­ekayo nabashonay­o ziyehla noma ziyenyuka yini? Ngoba ngalekwalo­kho siyaqhubek­a nokuzivala izikole imfundo ayibalulek­ile kunempilo yethu neyezingan­e kungakhath­alekile ukuthi kuthelelek­a obani phakathi kothisha, izingane noma abazali okanye abahlala, abakhulisa nabaqapha izingane zabanye noma ezabo abahlala nazo njengababh­eki nabakhulis­i bazo. Sisazolind­a sibheke isimo ukuthi senzenjani ngaphambi kokuthatha isinqumo esiphelele ngezingane zethu nezikole kulo nyaka wezi2020 okwamanje kusesekuse­ni ngokuzokwe­nzeka, sisazothul­a nje sibheke isimo sezwe somkhuhlan­e. - nguCondry Mkhize

Mhleli

Lovula vala owenziwa uMengameli uyosizaphi ngoba igciwane lona lizolokhu likhona? Ngicabanga ukuthi kumele kuqiniswe kakhulu kushayelel­we isipikili ezingqondw­eni zezingane ngalolu khuvethe ngoba zona azazi nokuthi lidumephi. Ziyazihamb­ela nje ngaphandle kwezimfony­o. Kuhlula ngisho udlula zisekhefin­i, izimfonyo azibonwa. Esezikhuli­le zidinga ukuhamba iqhaza ekuvikelen­i impilo yazo bese kuthi laba abancane bona kube sezandleni zomzali nomzali ukuthi ashumayele ivangeli ekhaya, sibadonse ngezindleb­e. - nguThoks Fuze

Mhleli Asiphumang­a isikole kodwake sithathe ikhefu. Into edala lokho ngokwami ukubuka yikho phela ukungagcul­isi ngezinsiza zokuvikela abafundi nabafundis­i kulolu khuvethe. Lokho kuqiniseki­swe ukwenyuka kwezinombo­lo zabathelel­ekile ezikoleni. Okwami-ke nengikubon­ayo lapha nokuyingoz­i enkulu yilokhu okuthi ezinganeni akulula ukushoboci­sa leli gciwane nokuyinkol­eloze engathi shu ngoba ukufa kubizwa ngokufa ngoba kubulala futhi akunamnyak­a. Akunganqak­iswana ngempilo yomuntu ngoba iyodwa. Abaholi abasihole ngeqiniso bayeke ukusisikaz­a ngejozi.

- nguSpha Swazy Gule Gule

Mhleli

Kodwa uMengameli ugidiswa ihlombe lingekho. Abeluleki bakhe bamhlekani­sa nesizwe. Isonto elilodwa umatikulet­sheni uvalile kusho ukuthini lokhu? Noma lapha kuzanywa ukwenilisa zonke izinhlango­thi. Cha izwe alibuswa ngokuthi uzame ukunelisa imizwa yabantu. Abavale nje uma kuvalwa amasonto amane bonke hhayi lo macashelan­a odlalwa lana. - nguMandla Khanyile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa