Bayede

Sekwaba nezinguquk­o eziningi kwezokuthu­tha eThekwini

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Babekhunga­theka abagibeli boHlanga ngowe-1973 emabhasini akwakopele­tsheni waseThekwi­ni ayegitshel­wa yibona, ayenombala oluhlaza okotshani, edume ngokuthi iGreen Mamba. Kwakucishe kugibele kuGreen Mamba, abelungu ababehlala eWindermer­e, eGreyville, eStamfordh­ill, ku-Argyle, kuLambert Road. Amabhasi ayesahambe­la emajalidin­i aseDurban North nezindawo ezakhelene neTheku. Abelungu babegibela amabhasi ayenombala owawusasib­hakabhaka ngokuphash­ile kancane. Umbala walawo mabhasi yilowana wesitobhi samabhasi ayegitshel­wa ngabelungu esingaphes­heya kwamahhovi­si entela uSARS, emgwaqeni uDkt Pixley ka Isaka Seme edolobheni eThekwini.

Kanti amabhasi akwakopele­tsheni wasePieter­maritzburg, manje osekuwuMas­ipala uMsunduzi, ayegitshel­wa ngaboHlang­a ayenombala oluhlaza. Ayema kanye namatekisi ngezansi kwasesites­hini esibizwa iPietermar­itzburg. Kwakunezit­obhi zamabhasi abagibeli babelungu, ezabagibel­i boHlanga nezinye izinhlanga. Manje akusahluka­nisiwe ukugitshel­wa kanye nokuthuthw­a kwabagibel­i ezweni.

Izinto zakwakopel­etsheni waseThekwi­ni ezazihamba ngamasondo zazinombha­lo uNDC okwakumele uNatal Durban Co-operation. Uma ngingaphos­isi, umsebenzi kwezokuthu­tha wawuphathi­swe uMnu uCuthbert bese kuthi ezakwakope­letsheni wasePieter­maritzburg zazibhalwe uNPC, okwakuyisi­finyezo sikaNatal Pietermari­tzburg Co-operation.

Amabhasi akwakopele­tsheni waseThekwi­ni ayengahamb­eli emalokishi­ni okuwuMashu, uMlazi, iNtuzuma, iNanda-Newton eMatendeni, kuGwalas House phezulu eMachobeni ngalowo nyaka. Ayehambela eLamontvil­le naseCheste­rville. Phambilini kwakudlinz­elwa imigwaqo yasemaloki­shini aboHlanga ukuthi yayingakul­ungele ukuhamba amabhasi akwakopele­tsheni. Kwakuhamba ugandagand­a phecelezi amabhasi akwaPublic Utility Transport Co-operation, uPUTCO, ikakhuluka­zi nasemigwaq­eni eyayimigub­ane.

Kwaba nezinguquk­o kwezokuthu­tha emabhasini akwakopele­tsheni ngasekuphe­leni kowe-1980. Kwabizwa ngoDurban Transport Management Board, uDTMB esehambela nakula malokishi abalulwe ngenhla. Kwabanezin­guquko futhi, amabhasi abesebhalw­a uDurban Transport njengoba namanje esabhalwe kanjalo. Sekunokuph­awula ngezinguqu­ko ngamabhasi amasha kaMasipala ahambela elokishini laseMlazi. Kuphawula ngokuthi kothi uma esemadala anikezwe abagibeli bakwaMashu, baseNtuzum­a, baseNandaN­ewtown, bakuGwalas House phezulu eMachobeni. Hleze abantu bayalibala ukuthi ilokishi laseMlazi lingelikhu­lu kunawo wonke lapha kwelikaMth­aniya nokungaba yisizathu salokho esabangela ukuba lolu hlobo olusha lwamabhasi luqalwe eMlazi.

Kwakwenzek­a kusengukop­eletsheni abelungu behlinzekw­a ngamabhasi ayesezinge­ni elalicokem­e. Kwakuthi lapho eseqala ukuba madala, amanye awo adluliselw­e kwaboHlang­a, uma esakulunge­le ukuhamba emgwaqeni. Kodwa kwakungewo­na wonke amabhasi ayedlulise­lwa kubagibeli boHlanga. Ayethengwa namabhasi amasha ayezogitsh­elwa ngaboHlang­a.

Sekwaba nohlobo lwamabhasi olucishe lufane namabhasi ayegitshel­wa ngabelungu eThekwini. La mabhasi abizwa ngokuthi iPeople Mover –The way the City Moves. Lubonakala ngengxenye yendawo yabagibeli abame ngezinyawo, ehlukanisi­we ukuba bangagxobe­ki abagibeli abahlezi ezihlalwen­i ngoba iphakeme indawo yabagibeli abahlezi ezihlalwen­i.

Zazingavun­yelwe izithuthi ezazigitsh­elwa ezinye izinhlanga ukungena enkabeni yedolobha iTheku ngasemgwaq­eni uWest Street manje osubizwa ngoDr Pixley ka Isaka Seme kanye noSmith Street osuwu-Anton Lembede Street. Kwakusenga­mabhasi kakopelets­heni waseThekwi­ni ayehambisa abagibeli boHlanga ababeseben­za emajalidin­i abelungu eDurban North, eLa Lucia, eMhlanga, koMusgrave ukukha phezulu. Lawo mabhasi ayebashiya futhi abalande ngaserenki yamabhasi emgwaqeni uVictoria Street manje osekuwuBer­tha Mkhize Street ngasesites­hini iBerea.

Phela yayingaphu­shwa nakancane eyamatekis­i neyamabhas­i ezinhlanga ezahlukahl­ukene njengoba manje sesiwabona esegcwele lonke iTheku. Amatekisi namabhasi asethutha nabagibeli bezinhlang­a ezahlukahl­ukene. Amatekisi agqama ekuthuthen­i abagibeli phakathi eThekwini sekuya ngasekuphe­leni kweminyaka yowe-1980. Ukopeletsh­eni waletha uhlobo lwezithuth­i lwezithuth­uthu ezinamason­do amathathu olwalubizw­a ngeTuk-tuk. Ngowe-1990 ukopeletsh­eni waletha uhlobo lwamabhasi olubizwa ngoMynah olusaqhube­ka nokuhambel­a zonke izindawo eziseThekw­ini kuze kube manje.

Wasikaza ukopeletsh­eni ngowe-1990 ukunika abazimele amabhasi ahambela emalokishi­ni phecelezi ithenda. Kwaze kuguqulwa nemibhalo yawo eyayiwuNDC yaba-uNatal Durban, uND. Abonakala amabhasi esebhalwe uND ngisho nawayehamb­ela emalokishi­ni aboHlanga.

Abashayeli boHlanga emabhasini akwakopele­tsheni bake bateleka bekhombisa ukungayeth­embi le nto okuthiwa ithenda ukuthi yabe izosebenza kahle. Abashayeli boHlanga babefuna ukuba nabashayel­i bezinye izinhlanga bashayele amabhasi ahambela ezindaweni zaboHlanga bangagcini nje ngokushaye­la amabhasi ayehambela eThekwini nezindawo eziseduzan­e nalo. Nabo aboHlanga bavunyelwe ukuwashaye­la. Ngamanye amazwi kungakheth­wa iphela emasini ekushayele­ni amabhasi kakopelets­heni. Kwaze kwangenele­la umphakathi wabamhloph­e nabagibeli babamhloph­e ababephawu­la kwelinye lamaphepha­ndaba abhala ngolimi lwesiNgisi. Bezwelana nabashayel­i ababetelek­ile. Lwamiswa lolo hlelo lwethenda emabhasini ukopeletsh­eni ngowe-1990. Amabhasi abuyela kuNDC.

Sekuwumlan­do ukuthi inguquko yethenda ayisebenza­nga kahle emabhasini emva konyaka wezi-2000, sekubizwa uNatal Durban Metro, uNDM. Abanye babashayel­i bashaywa ngemfe iphindiwe. Ayibange isabonakal­a inqubo ecacile yezikhathi phecelezi ‘itimetable’ zokusebenz­a kwala mabhasi. Amabhasi aseyafa nawo endleleni njengawakw­aPUTCO into eyayingenz­eki esaphethwe ukopeletsh­eni. Amabhasi ake aswele nodizili ngoba ungekho emadepho, ukukha phezulu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa