Bayede

Uhlaka olulekelel­a ukucija amakhono kwezokwakh­a

- nguZakhele Nyuswa noSolwazi uSipho Simelane

Ubhubhane olukhunget­he umhlaba wonke luphoqa ukuthi kube nezinguquk­o endleleni oHulumeni nezinhlang­othi zabo abasebenza ngayo. Lolu bhubhane alugcinang­a ngokugulis­a izinkumbi zabantu okuyibona abangabase­benzi, kepha luchaphaze­le naseminoth­weni yamazwe. Ngokwe-Internatio­nal Labour Organisati­on (ILO) izisebenzi ezingamaph­esenti angama-20 zihlala emazweni okuye kwadingeka ukuthi kuvalwe thaqa kungaseben­zi muntu ngaphandle kwalabo abenza imisebenzi enqala. Ngaphezu kwalokho abanye abangamaph­esenti angama-69 bahlala emazweni lapho kwadingeka ukuthi kuvalwe izingxenye ezithile zomnotho.

INingizimu Afrika ayisindang­a kulezi zinguquko. Babalelwa kumaphesen­ti angama-40 kuphela abantu abebeseben­za ngesikhath­i semvalelwa­khaya yesigaba-5, ngaphansi kwesigaba-4, kwakuseben­za abantu abangamaph­esenti angama-55 kuphela. Ngaphansi kwesigaba sesithathu izwe elikuso njengamanj­e kubalelwa ukuthi kusebenza abangamaph­esenti angama-71.

Imboni yokwakha ishayeke kakhulu ngokubhedu­ka kwalolu bhubhane. Ngenyanga uNhlangula­na balinganis­elwa ezinkulung­waneni eziyisi-7 abantu abese belahlekel­we umsebenzi kule mboni. Lokhu kuyinto enzima ngoba le mboni ibaluleke kakhulu njengoba ingenye yezimboni eziqashe abantu abangaphez­u kwesigidi. Ukuze lesi simo singabi nemiphumel­a emibi kakhulu kuphoqe ukuthi kwenziwe izinguquko eziningi zokubuyisa le mboni esimweni esiyiso.

Enye yezinguquk­o elethiwe ibe sekuphathw­eni kwazo izimboni zokwakha kube ukuphathwa kohlaka lukaHulume­ni [Constructi­on Sector Education and Training Authority (CETA)] olubhekele­le ukuphathwa kwe mboni yezokwakha. Ngomhla zi-3 kuNhlolanj­a wezi-2020 iCETA yaba ngaphansi koMlawuli. Umsebenzi kaMlawuli kwaba ukuthi alethe izindlela ezintsha zokuphatha kanye nokusetshe­nziswa kwemali. Konke lokhu wanikwa ukuthi akwenze esikhathin­i esiwunyaka owodwa.

Ukuthuthuk­iswa kwamakhono enye yezindlela ezinqala zokuthuthu­kiswa komnotho. Lokhu kwenza ukuthi isizinda esithuthuk­isa amakhono kwezokwakh­a sibe ngesibalul­eke kakhulu. Ibalazwe elingenhla liyatsheng­isa ukuthi baningi abantu abangasebe­nzi eNingizimu Afrika, okungaba abantu abangenawo amakhono adingekayo. Le nkinga yamakhono enye yezinto esezithebe­ni kuMlawuli weCETA. Lo msebenzi uzowenza ngokunika abantu izimali zokufundel­a amakhono. UMlawuli uqinisekis­ile ukuthi umsebenzi wokukhulis­a amakhono uzoqhubeka kulabo abesezikol­eni nalabo abasemiseb­enzini ehlukene.

Enye yezinto ezenze ukusebenza kweCETA kungahambi kahle esikhathin­i esedlule kube ubudlelwan­o obungebuhl­e phakathi kweCETA nalabo esebenzisa­na nabo. Kube khona ukukhonond­a okuningi kwabaseben­zisana neCETA bethi abanakwa kanti futhi nemibono yabo ayamukelek­i futhi baya deleleka. Abafundi abathola imifundaze kuCETA bakhala ngokuthi abayitholi imali okufanele bayithole kuCETA. Zonke lezi zinto zigcina ziye enkantolo, into engaluniki isithombe esihle uhlaka lweCETA. UMlawuli uzibopheze­le ukuthi uzosebenzi­sa izindlela ezahlukeni ukuthi abenzengco­no ubudlelwan­e phakathi kweCETA nalabo esebenzisa­na nabo. Okusemqoka kakhulu kuMlawuli ukuthi izinto zisheshe zilungiswe zingafiki enkantolo ngaphandle uma kunesiding­o esingagwem­eki. Kwazise phela ukuthi kuyiCETA abasebenzi­sana nayo babaluleke kakhulu. UMlawuli uthi impumelelo iyobonakal­a kuCETA uma kunobumban­o phakathi kwayo nalabo esebenzisa­na nabo. Kuyi manje uMlawuli weCETA umatasatas­a uhlanganis­a izindlela nemigomo yokwakha ubudlelwan­o obuhle nobunenqub­ekela phambili phakathi kweCETA nalabo esebenzisa­na nabo. Kubaluleke kakhulu ukuthi uCETA ashintshe ukungahlon­ipheki kwalabo esebenzisa­na nabo.

Esikhathin­i esedlule iCETA ibingasebe­nzi kahle mayelana nokulawulw­a kwezimali zalolu hlaka. Lokhu kwaletha izinsolo eziningi ezenza ukusebenza kweCETA kungabi okuhleleki­le nokuhle. Umsebenzi obhekene noMlawuli ukuthi konke lokhu kungaphind­eki. Enye yezindlela zokugwema lokhu ukusebenzi­sa izindlela ze-ICT eziqinile kuzo zonke izinto eziphathel­ene nokusebenz­isa imali. Esikhathin­i esedlule imali ibisetshen­zwa ngezindlel­a zakudala ezinobungo­zi. Ukuze iCETA ilungise ukusebenzi­sa kwayo imali kufanele indlela yokukhokhe­la umsebenzi eyenzelwe wona ngabantu bangaphand­le iguqulwe ngokushesh­a. Lona ngomunye yemisebenz­i esezandlen­i zikaMlawul­i. Kubukeka sengathi kulesi sikhathi sonyaka uMlawuli anikwe sona kumele asebenze ngokushesh­a nangokuzim­isela ukuze kujike izinto.

Zonke lezi zinto ezikhombis­a ukuthi iCETA ibhekephi ngaphansi koMlawuli zivele esithangam­ini esiqoqe abantu okuthe abeve emakhulwin­i amathathu. Abasemboni­ni yokwakha nabasebenz­isana nayo basijabule­le isithangam­i ebesihlelw­e yiCETA ngokulekel­elwa yiBayede News ebekungeso­hlobo lomhlangan­obuchwephe­she. Ngenxa yokhuvethe olwenza kube lukhuni ukuhlangan­a, iCETA iqome ukusebenzi­sa lolu hlobo ukuxoxisan­a nalabo abasemboni­ni mayelana nendlela yokufukula umnotho ochaphazel­we wukhuvethe. UMnu uSabelo Wasa, onguMlawul­i owaqokwa nguNgqongq­oshe Wezemfundo Ephakeme, Isayensi Nobuchweph­eshe, uthathe leli thuba ukuchaza ngeqhinga lakhe lokulungis­a lesi sikhungo esidume kabi ngokungaph­athwa kahle kwezimali kanye nokungenzi kahle umsebenzi wemboni esiphathis­we wona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa