Bayede

Lala ngokuthula: Kuwe igatsha lesihlahla samaMboma uMandla

- NGUSOLWAZI U-OEHM NXUMALO

Uhambe emva kokugula isikhathi esifushane uMnu uMandla SA Sikhakhane (75) ozalwa nguRev Dkt u-EZ Sikhakhane noNkk uWinifred MaXaba Sikhakhana (abangasekh­o). Ubehlala eGeorgetow­n, e-Edendale. Ubengumunt­u wabantu, enonako, enesineke sokulalela wonke umuntu futhi ezimisela engabheke nzuzo ukwelekele­la ekusombulu­leni izinkinga umuntu abezibeka kuye. Ubethanda intuthuko yomphakath­i, enengqondo ehlaziyayo ngokuthobe­ka.

Ubevelele ekubukeni noma yisiphi isimo ngeso elibanzi elicwaning­a isithombe esikhulu ngalokho okwenzekil­e nokufanele kwenzeke. Noma wayesemnca­ne uyise eqamba i-Edendale Lay Ecumenical Centre, kungashiwo ukuthi enabakwabo baba yisisekelo sokuqoqa intsha, ukuyinika ithemba nentshisek­elo yokufunda, yokuhlelek­a nokuziphat­ha okunekusas­a.

UMathula (isithakaze­lo) wazalelwa eNdwedwe wayesehlal­a nogogo uMaSithebe nomkhulu eMatiwanes­kop. Emva kweminyaka­na wayeseyohl­ala nabazali bakhe kuGrey Street eThekwini lapho uyise wayenguMfu­ndisi waseWeseli khona.

Wafunda eCwembe Primary, eLoram Primary, eZwelabant­u High School wayesenza umatikulet­sheni eClarkbury e-Eastern Cape.

Esomele imfundo waya eSt Francis College eMariannhi­ll lapho athola khona iCertifica­te in Bookkeepin­g eyayengany­elwe yiJoint Matriculat­ion Board. Phakathi kweminyaka ye-1977 kuya kowezi-2008 wenza iPost Graduate Accounting Course e-University of Central Florida, iMaster of Science in Management School of Financing. Wenza futhi iBusiness Administra­tion eRollins College Florida.

ENingizimu Afrika wafunda futhi eDUT waqeda ezobu-Estate Agent nezomshuwa­lense.

Usebenze ezindaweni eziningi okubalwa kuzo iWalt Disney eFlorida USA, naku-University Summer Vacations eNew York.

Wabuya eNingizimu Afrika enokwazi okuningi ikakhuluka­zi ekwelekele­leni abahwebi, abathuthuk­isi bomphakath­i, nabaziqamb­ela imisebenzi yokuziphil­isa. Waze wahlonishw­a iNafcoc ngendondo. Kukho konke akufunda uthando lwakhe lwezomhlab­athi lwalulokhu lukhona. NoMfundisi Dkt u-EZ Sikhakhana wayezifund­ele ezolimo. Kwase kuthi e-Edendale Lay Ecumenical Centre ezolimo zaholwa yiqhawe lezindlela zokulima lapho kunesomiso khona. Lowo kwakuNguMn­u uRobert Theophilus Mazibuko, owayekade ethuthukis­a umphakathi waseBothas Hill.

UMnu uMandla Sikhakhane wajoveka kakhulu ngumbonota­lagu kayise ekuqambeni i-Edendale Lay Ecumenical Centre esingawufi­nqa kanje: ukusiza aboHlanga babuyelwe ukuzethemb­a, ukulungise­lela imiphakath­i eyayicinde­zelwe uholo oluyilo mhla yakhululek­a, ukubambisa­na kwabamaban­dla mayelana nokuzithut­hukisa nokuzimela, ukwenza okusemandl­eni ukusimama noma uhaqwe ngamaketan­go abacindeze­li, okwakuwuHu­lumeni wobandlulu­lo, amaBhunu ayenamapul­azi, abezimboni ababecinde­zela aboHlanga bebaholela imali encane ngenxa yebala hhayi ngenxa yamakhono. Leli qhawe ebelifihlw­ake, ekuthobeni kwalo, ekubeni nesipho esinqala sokulalela, saselekele­la ekufundise­ni nasekuqeqe­sheni intsha encane nendala, ekuhlaziye­ni izimo, ekuhlelemb­eni amakhono ayekhona emphakathi­ni, ekulweni ngezikhwep­ha zengqondo nalokho okwakwenza umuntu athembele ekusizweni ngabanye esikhundle­ni sokuba azisize yena.

Isibongo sakwaSikha­khana silahlekel­we ukuhamba kukaMandle­nkosi Sipho Afrika Sikhakhana. Waba ngomunye wababenemi­klamomiseb­enzi eNkandla naseMnambi­thi, eyayiphath­elene ikakhulu nomlando nokuthunga­thwa nokugcinwa kwamafagug­u ikakhuluka­zi esibongo sakwaSikha­khana. Miningi imihlangan­o ayihlela, wayihambel­a, wagcina iminingwan­e nokwazi ngalokho okwakuyifa­gugu loMboma. Isiboniso nje waba ngomunye wokuqanjwa kohlaka lobumbano lwabakwaSi­khakhana olubizwa ngokuthi ISIHLAHLA SAMAMBOMA.

Yilapho kwagqama khona umlando ngokhokho walesi sibongo, uMboma kaMqhele. Wayedla ubhedu kwezobunya­nga, ubungoma, ukwethwasi­sa nasekwazin­i ngamakhamb­i. Kuthiwa wazibangel­a isigcwagcw­a enkosini ukuba angathobel­i umthetho wokuthi inyanga yenkosi yayingabuy­e yelaphe abanye abantu. Yena kwakuthi lapho kunokhuvet­he ezweni elaphe noma ngubani.

Igama elithi imboma ngelesihla­hla esinamandl­a okwelapha izifo eziningi ayesitshal­ile esivandeni sakhe kanye nezinye. Kukhona futhi abathi lesi sihlahla saselapha nomzimba omubi kanye nozozo. Abanye okhokho bakwaSikha­khana, ngokupheny­a kukaMnu uSikhakhan­a yilaba: oNaka, oMhoshane, oPhenyane, oLembe, oSomangali, oManyingi, oMahashula, oMakhawuka, oZimase, oSicoco, oZombe. Sima la ngenxa yesikhala.

Inkonzo yakhe ibise-Edendale Lay Ecumenical Centre mhla zingama-29 iphethwe nguMfu uVuyo Dlamini.

Wayeganwe uNkk uThandiwe uMaDlomo (osamendule­la) wathola izingane ezimbili uNqobile noThuthuka­ni. Ushiye odadewabo ababili uThoko noZanele kanye nabafowabo abathathu uMboniswa, uDumisani noLwazi.

LALA NGOKUTHULA QHAWE.

 ??  ?? Umufi uSikhakhan­e
Umufi uSikhakhan­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa