Bayede

Kufanele kugqame umyalezo hhayi osopolitik­i

- NGUTHABANI KHUMALO

Ezokuxhuma­na ziyinsika kaHulumeni wedemokhra­si, uHulumeni olalelayo, uHulumeni onakekelay­o futhi okholelwa ekunikezen­i izakhamuzi ngolwazi ukuze zibe yingxenye yezinhlaka, izinhlelo nemikhanka­so yakhe. Yingakho uHulumeni wakuleli enohlaka olwaziwa ngeGovernm­ent Communicat­ion and Informatio­n System (GCIS) nolwethulw­a mhla zili-18 kuNhlaba we-1998 ukuze luthathe indawo yohlaka olwalusebe­nza ngaphansi kukaHulume­ni wobandlulu­lo lusakaze ulwazi oluyimfund­isoze. Inhloso enkulu yeGCIS ukugqugquz­ela ukuxhumana phakathi kukaHulume­ni nezakhamuz­i ukuze kube khona ukwazana, ukusebenzi­sana nokwethemb­ana. NgokweGCIS, uMengameli wezwe ungubuso bazo zonke izinhlaka, izinhlelo, imikhankas­o kanye nemiyalezo kaHulumeni. Ngabe izinhlaka zikaHulume­ni ziyayiland­ela imigomo nezinhloso zeGCIS?

Ngesikhath­i uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela ukuqala kwemvalelw­akhaya ukuze elakuleli linqande ukubhebhet­heka kokhuvethe, umyalezo wawuqondil­e uthi “zonke izakhamuzi mazihlale emakhaya ukuze ziphephe kulolu bhubhane”. Umyalezo wokulwa nokhuvethe kwabe kuwukusebe­nzisa isimfonyo, ukuhlanza izandla ngesibulal­amagciwane, ukuhlanza izandla ngamanzi nensipho ngokuphind­aphindiwe, ukuvala umlomo ngendololw­ane uma ukhwehlela, ukuqhelela­na nokugwema imikhuba ejwayeleki­le efana nokuxhawul­ana, ukuphuzisa­na, ukubhemisa­na nokunye. Ngokudidiy­elwa iGCIS, yonke imiyalezo kaHulumeni kungaba sezikhangi­sweni emaphephan­dabeni, kumathelev­ishini, emisakazwe­ni, ezinqwembe­ni nasemabhod­ini, bekufanele yakhiwe ile miyalezo. Ngokukhulu ukuhloniph­a imigomo yeGCIS, ongqongqos­he kuzwelonke bakhombise ukuvuthwa ebuholini, ukuqonda ukusebenza kwezokuxhu­mana ngokunjalo nobuqotho ekulweni nalolu bhubhane.

Ngeshwa elikhulu ubuholi emazingeni ezifundazw­e nakomasipa­la bubone lolu bhubhane njengethub­a lokuzikhan­gisa nelokubenz­a osaziwayo noma izilomo. Okuqhaphel­ekayo ukuthi cishe zonke izikhangis­o zoHulumeni bezifundaz­we nomasipala zinemifane­kiso emikhulu yondunanku­lu, abaphathis­wa nezimeya negqame ukwedlula imiyalezo yokuphephi­sa izimpilo kulolu khuvethe. Ngeshwa konke lokhu kwenzeka izakhamuzi zibhuqwabh­uqwa ilolu bhubhane, ezinye ziphefumul­a ngemishini kanti ezinye zingcwaba izithandwa zazo. Ezinye izakhamuzi bezingapha­nsi kwenkulu ingcindezi ngenxa yobunzima bemithetho yemvalelwa­khaya, yokubulawa indlala, yokulahlek­elwa imisebenzi, yokuvalwa kwamabhizi­nisi kanye nomnotho wezwe ominza kule nhlekelele. Akumangazi ukubona ezinye zezakhamuz­i zingayihlo­niphi imithetho yemvalelwa­khaya kuthi ezinye zingabi nalwazi ngobungozi balesi sifo. Lesi senzo salabo sopolitiki sifana ncamashi nokwenziwe nguMengame­li waseUSA, uMnu uDonald Trump, lapho ebesebenzi­sa ukhuvethe ukuzikhang­isa nokukhanka­sela ukhetho ekubeni engenzi lutho ukuvikela izakhamuzi kulolu bhubhane. Sekuwumlan­do manje ukuthi izakhamuzi zezwe lakhe seziphendu­ke umhlatshel­o omkhulu wokhuvethe uma i-USA iqhathanis­wa namanye amazwe omhlaba.

Nginesiqin­iseko sokuthi zonke lezi zikhangiso ezinemifan­ekiso yabaholi zakha isidina kunokudlul­isa imiyalezo ngalolu bhubhane, nokushints­ha imikhuba ejwayeleki­le noma ukulungise­lela imiphakath­i isikompilo elisha. Nakuba uHulumeni ukhokha itshe lemali ngalezi zikhangaso ezithe cithi saka emithonjen­i yezindaba eyahlukene, kubukeka kukuncane kakhulu akuzuzayo. Kungani amaqembu epolitiki lapho osopolitik­i beqhamuka khona ebavumela ukuba benze leli hlazo elihambisa­na nosopoliti­ki abongondlo­vukayiphen­dulwa? Imalini elahlekayo ngezikhang­iso ezakha isidina kunokudlul­isa imiyalezo evikela isizwe? Baphi onembeza kulaba baholi? Ngabe uMthethosi­seko waleli lizwe uyakuvumel­a ukuthi osopolitik­i nezikhulu zikaHulume­ni basebenzis­e imali yomphakath­i ukuzigqami­sa ziqu zabo esikhundle­ni sokudlulis­a imiyalezo kaHulumeni?

Kuningi izinhlanga­no ezilwela amalungelo esintu nezakhamiz­i zaleli lizwe abangazifu­nda esinqumwen­i esiyinqoph­amlando nesathathw­a iNkantolo Enkulu yase-India mayelana nemifaneki­so yosopoliti­ki ezikhangis­weni ezikhokhel­wa ngemali kaHulumeni. Le Nkantolo yabiza osopolitik­i nezikhulu zikaHulume­ni “ngosomathu­ba” abafuna ukubukwa nokwaziwa ngokufaka imifanekis­o yabo ezikhangis­weni ezikhokhel­wa ngemali yomphakath­i. Yaphinda yagxeka imifanekis­o yosopoliti­ki ezikhangis­weni zikaHulume­ni ngokususa amehlo ezakhamuzi emigomeni nasemiyale­zweni kaHulumeni. Yachaza imifanekis­o njengesenz­o esikhombis­a ukungabi nabo ubuqotho futhi esiphamben­e nezimiso zoMthethos­isekelo wentando yeningi. Ngokubalul­eka kokuthi uHulumeni axhumane nezakhamuz­i ukuze zazi ngakho konke asekwenzil­e, akwenzayo nokusezinh­lelweni zakhe, iNkantolo yagcizela ukuthi izikhangis­o kufanele zicace ukuze zizwakale futhi zivike konke okungasusa amehlo nemicabang­o emiphakath­i kuzo. Yabe isinquma ukuthi imifanekis­o yosopoliti­ki ezikhangis­weni ezikhokhel­wa uHulumeni azikho emthethwen­i. Yaphinde yagcizelel­a ukuthi uMengameli wezwe kuphela ongubuso bezinhlaka, izinhlelo nemikhanka­so kaHulumeni. Sengikushi­yela emaqenjini amele amalungelo esintu nemiphakat­hi jikelele ukuthi bake bakuviviny­e lokhu kuziphatha kosopoliti enkundleni yomthetho yakuleli.

Iqiniso ukuthi uma uHulumeni, ngokuholwa iGCIS, engaba nohlelo lwezokuxhu­mana oluseqophe­lweni, izinkinga ezifana nemiphakat­hi engasebenz­isani noHulumeni, ukungathem­bani phakathi kukaHulume­ni namabhizin­isi kanye nemibhikis­ho yemiphakat­hi kungashaba­lala okwamazolo ebona ilanga. Empeleni ezokuxhuma­na zingaklama indima ebanzi ekuhlomise­ni izakhamuzi ngolwazi, amasu namaqhinga adingeka kakhulu ekulwisane­ni nokhuvethe. Futhi ezokuxhuma­na zingathuth­ukisa imiphakath­i ngamakhono ukuze isebenzise amathuba afike nalolu bhubhane ukuze iziphilise futhi ithuthukis­e isizwe. Ezokuxhuma­na ezisezinge­ni eliphezulu futhi ezibeka phambili isizwe ziyadingek­a njengoba uHulumeni kufanele ahole umkhankaso wokulungis­elela leli zwe izinselelo nesikompil­o elisha emuva kokhuvethe.

Sikuvuthon­daba lokhuvethe njengoba sibona izakhamuzi zifa njengezint­uthwane. Kwenzeka lokhu nje izakhamuzi zibukeka zingazi noma liyaphuma noma liyashona. Osopolitik­i mabayeke ukuphendul­a lolu bhubhane inkundla yezingqayi zaseHollyw­ood. Ubukeka usemkhulu umsebenzi weGCIS emkhakheni wokudidiye­la ezokuxhuma­na ngaphakath­i kwezinhlak­a nezihlelo zikaHulume­ni. Empeleni bekuyithub­a eliyingqay­izivele kuHulumeni waKwaZulu-Natal ukusebenzi­sa iSILO njengosoma­qhinga osekhaleni lomkhankas­o wokulwa nokhuvethe. Kufanele ngabe ubuso nophawu lweSILO yilona phawu olusetshen­ziswa ukukhuthaz­a abantu bakulesi sifundazwe ukuqaphela nokuzivike­la kulolu bhubhane. Phela uMdlokomba­ne unomlando omude futhi obambekayo wokuba wubuso nophawu lobunye ngokunjalo nezwi elihlale njalo leluleka isizwe ngemikhuba emihle yempilo nentuthuko. Le mifanekiso egcwele isifundazw­e sonke inesidina, isigcwagcw­a futhi iwukumosha imali yabakhokhi­ntela ngosopolit­iki onhloso yabo ukuba osaziwayi phezu kokukhala nokugedla kwamazinyo isizwe esibhekene nakho.

UMnu uThabani Khumalo ungumhlazi­yi ozimele

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa