Umuzi kaZwide omkhulu kwakuseMgazini
Langa I, Ndwandwe Phangode, Mavuso Ludonga, Langa II Zwide, Somaphunga Mgojana, Moya
Umuntu esizwa ngaye wokuqala uma sikhuluma ngesizwe sakwaNdwandwe nguLanga I owazala uNdwandwe. Yena igama lakhe laphenduka isibongo sabo bonke abavela okhalweni lakhe. ULanga I waphinde wazala uNxumalo eKhohlo kwazise kwakuthathwa isithembu kuqala. Ngakho-ke uNdwandwe wayeyiNdlunkulu kaLanga I. Uma kwakhiwa inxuluma umfazi waseNdlunkulu wayakha ngasesandleni sokudla bese kuthi lona wesibili akhe ngaseKhohlo, wayeba yiKhohlo ngalokho. Bonke-ke abanye abafazi ababegana indoda babexhuma kulezi zindlu, owesithathu obizwa ngeQadi abe ngumlobokazi wenkosikazi yaseNdlunkulu.
Uma ingatholanga ngane yomfana kube ngumfana ozalwa ngumfazi wesithathu oba yindlalifa. Kanjalo-ke naseKhohlo. Ngakho-ke zimbili izindlu esiZulwini. Ngaso sonke isikhathi kwakuba khona ukubambisana phakathi kwenkosana yaseKhohlo neyaseNdlunkulu. Impahla yaseKhohlo, efana nezinkomo zamalobolo akhona nemfuyo esetshenzwe khona yayingathathwa yinkosana yaseNdlunkulu. Yingakho-ke kuthiwa indlu ayikhweli phezu kwenye.
UNdwandwe wazala uPhangode yena wazala uMavuso owazala uLudonga ozala uLanga II okunguyena ozala uZwide owagcina ebeyiNkosi eyalwa neSilo uShaka. Wehlulwa wagcina eyofela ngaseZindololwaneni eduze kwakwaKhambula entshonalanga yalapho sekulidolobha laseVryheid namhlanje. Umuzi kaZwide omkhulu wawaziwa ngokuthi kuseMgazini phansi kwentatshana iSigwegwe okwagcina kuyindawo kaZiwedu uMntwana waseMatheni. Eminye imizi yakhe kwakukwaNongoma, eSikhwishini. Lo muzi wawakhiwe eduze kwakwaTatiyane izindonga ngaseThokazi lapho kwabulawelwa khona uDingiswayo kaJobe.
Umuzi wakwaDlovunga wawakhelwe uNtombazi unina kaZwide. Nawo wawuseduze kwakhona kwaTatiyane. Amanye amabutho kaZwide Kwaku aMaphela abaHlakabezi, iSikhwishi naMankayiya. UZwide wayeyiNkosi enamandla ngesikhathi sayo.
uSikhova sikaMkhonto noLanga uMashesh’ afike kuMashobane [uyise kaMzilikazi Khumalo] noyis’ uLanga engabang’azafike. iQili balihlabe lashona’ ilanga, zingakahlatshw’ izibayayiya[iziwulana]
uMakhubalo kadliwanga ngangubo yenkomo, Adliwe ngengubo yengonyama. iZibuk’ elimadwal’ abushelelezi, Lishelel’ uMalusi waseNgoleni [wakwaNxumalo eKhohlo] Kwashelel’ uDingiswayo waseluYengweni [INkosi yakwaMthethwa
uNonkela’ abantu bahlatshwe, kuhlatshw’ iminyang’ enesisila [ishwa] Yena bangamhlabi. Ezindleleni, ufana nayiphi? Ufana nevundlayo.
Emthini, ufana namuphi? Ufana nomnyamathi [wokubaza izingqoko]
Ezinyokeni, ufana nayiphi? Ufana nenyandezulu.[inyoka eyidlozi elikhulu, liyinkosi]
Abantu bakwaNdwandwe badabuka ngasezintabeni amaGudu. Lezi yizintatshana ezengamele umfula uPhongolo. Ngakho-ke kusashiwo nanamuhla lokhu uma kukhulekelwa kwaNdwandwe ukuthi “Ndwandwe waseGudu!” Kukhunjulwa imvelaphi yabo. Indlu yaseKhohlo yona yazinza ngasentatshaneni iTshaneni enyakatho yomula uMkhuze nalapho sekulidolobha laseMkhuze khona namauhla. Phela isithembu sasehlukene kabili ngokwakha. Kwakukhona ukuthi umnumzane akhe inxuluma elikhulu bonke abafazi bakhe bahlale kulelo nxuluma. Isigaba sesibili kwakuba yileso esakhe imizi ngokuqhelelana, abafazi bakhe imizi yabo ezindaweni eziqhelelene. Kwaba kanjalo kuLanga I, INdlunkulu yakha emaGudu, ikhohlo lona lakha ngaseTshaneni. Ngakho-ke amathuna amaningi abakwaNdwandwe asemaGudu kuthi awokhokho bakwaNxumalo wona abangaseTshaneni. Abelungu sebaze bakha iHhotela okuthiwa yiNtaba yeSipoki [Ghost Mountain], ngoba abazukulu bakwaNxumalo kwathi sebakhe kwaGasa babuya bezokhuluma nokhokho babo emathuneni ngaseTshaneni. Kodwa-ke abelungu basebenzisa leli gama ukuheha izivakashi nokuzenzela nje imali.
AbakwaMasuku
ENdlunkulu yakwaNdwandwe kwaphuma enye ingxenye eyagcina ibizwe ngabakwaMasuku. Lokhu kwenzeka kanje: inkosi yakwaNdwandwe yakhipha izwi kunomsebenzi lokuthi kungaphekwa. Le ngxenye yona yapheka ukudla ebusuku yadla yaqeda ukudla iphikisana nesinqumo senkosi. Kwathi uma kuzwakala enkosini ukuthi kukhona abaphikisane nezwi lokuthi kungaphekwa, yakhipha izwi lokuthi kuhle bahambe emzini wakwaNdwandwe. Baphuma kanjalo emzini wakwaNdwandwe, baba ngabakwaMasuku ngokupheka kwabo ebusuku. Iningi labanye balaba bantu bahamba noMzilikazi kaMashobane Khumalo bagcina bezinze eZimbabwe lapho bekhona nanamuhla lokhu. Ngesikhathi somzabalazo waseZimbabwe omunye wabo wayengumkhuzi wabashokobezi bakaJoshwa Nkomo weZAPU (Zimbabwe People’s Union). Ngakho-ke abakwa Masuku abaganiselani kuze kube namuhla nabakwaNdwandwe. Umahluku kwaba ukuthi umholi walabo ababepheka badla ebusuku wanikezwa igama lokuthi unguMasuku. Lelo gama lagcina liyisibongo sabo bonke abalandeli.
Inzalo kaNdwandwe
UNdwandwe wazala uMvuso, uMvuso wazala uLudonga, uLudonga wazala uXaba ozale uLanga II yena ozale uZwide owayeyiNkosi ngesikhathi iNgonyama uShaka ihlanganisa AmaZulu ukuba yimbumba. Amadodana kaZwide kwakunguSikhunyana [indlalifa], uSomaphunga owakhonza kwaZulu Nqabeni, Mlomo, Nomhlanjana, Dayingubo, Mpepha Nombengula namanye.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.