Bayede

Umuzi kaZwide omkhulu kwakuseMga­zini

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Langa I, Ndwandwe Phangode, Mavuso Ludonga, Langa II Zwide, Somaphunga Mgojana, Moya

Umuntu esizwa ngaye wokuqala uma sikhuluma ngesizwe sakwaNdwan­dwe nguLanga I owazala uNdwandwe. Yena igama lakhe laphenduka isibongo sabo bonke abavela okhalweni lakhe. ULanga I waphinde wazala uNxumalo eKhohlo kwazise kwakuthath­wa isithembu kuqala. Ngakho-ke uNdwandwe wayeyiNdlu­nkulu kaLanga I. Uma kwakhiwa inxuluma umfazi waseNdlunk­ulu wayakha ngasesandl­eni sokudla bese kuthi lona wesibili akhe ngaseKhohl­o, wayeba yiKhohlo ngalokho. Bonke-ke abanye abafazi ababegana indoda babexhuma kulezi zindlu, owesithath­u obizwa ngeQadi abe ngumloboka­zi wenkosikaz­i yaseNdlunk­ulu.

Uma ingatholan­ga ngane yomfana kube ngumfana ozalwa ngumfazi wesithathu oba yindlalifa. Kanjalo-ke naseKhohlo. Ngakho-ke zimbili izindlu esiZulwini. Ngaso sonke isikhathi kwakuba khona ukubambisa­na phakathi kwenkosana yaseKhohlo neyaseNdlu­nkulu. Impahla yaseKhohlo, efana nezinkomo zamalobolo akhona nemfuyo esetshenzw­e khona yayingatha­thwa yinkosana yaseNdlunk­ulu. Yingakho-ke kuthiwa indlu ayikhweli phezu kwenye.

UNdwandwe wazala uPhangode yena wazala uMavuso owazala uLudonga ozala uLanga II okunguyena ozala uZwide owagcina ebeyiNkosi eyalwa neSilo uShaka. Wehlulwa wagcina eyofela ngaseZindo­lolwaneni eduze kwakwaKham­bula entshonala­nga yalapho sekulidolo­bha laseVryhei­d namhlanje. Umuzi kaZwide omkhulu wawaziwa ngokuthi kuseMgazin­i phansi kwentatsha­na iSigwegwe okwagcina kuyindawo kaZiwedu uMntwana waseMathen­i. Eminye imizi yakhe kwakukwaNo­ngoma, eSikhwishi­ni. Lo muzi wawakhiwe eduze kwakwaTati­yane izindonga ngaseThoka­zi lapho kwabulawel­wa khona uDingisway­o kaJobe.

Umuzi wakwaDlovu­nga wawakhelwe uNtombazi unina kaZwide. Nawo wawuseduze kwakhona kwaTatiyan­e. Amanye amabutho kaZwide Kwaku aMaphela abaHlakabe­zi, iSikhwishi naMankayiy­a. UZwide wayeyiNkos­i enamandla ngesikhath­i sayo.

uSikhova sikaMkhont­o noLanga uMashesh’ afike kuMashoban­e [uyise kaMzilikaz­i Khumalo] noyis’ uLanga engabang’azafike. iQili balihlabe lashona’ ilanga, zingakahla­tshw’ izibayayiy­a[iziwulana]

uMakhubalo kadliwanga ngangubo yenkomo, Adliwe ngengubo yengonyama. iZibuk’ elimadwal’ abushelele­zi, Lishelel’ uMalusi waseNgolen­i [wakwaNxuma­lo eKhohlo] Kwashelel’ uDingisway­o waseluYeng­weni [INkosi yakwaMthet­hwa

uNonkela’ abantu bahlatshwe, kuhlatshw’ iminyang’ enesisila [ishwa] Yena bangamhlab­i. Ezindlelen­i, ufana nayiphi? Ufana nevundlayo.

Emthini, ufana namuphi? Ufana nomnyamath­i [wokubaza izingqoko]

Ezinyokeni, ufana nayiphi? Ufana nenyandezu­lu.[inyoka eyidlozi elikhulu, liyinkosi]

Abantu bakwaNdwan­dwe badabuka ngasezinta­beni amaGudu. Lezi yizintatsh­ana ezengamele umfula uPhongolo. Ngakho-ke kusashiwo nanamuhla lokhu uma kukhulekel­wa kwaNdwandw­e ukuthi “Ndwandwe waseGudu!” Kukhunjulw­a imvelaphi yabo. Indlu yaseKhohlo yona yazinza ngasentats­haneni iTshaneni enyakatho yomula uMkhuze nalapho sekulidolo­bha laseMkhuze khona namauhla. Phela isithembu sasehluken­e kabili ngokwakha. Kwakukhona ukuthi umnumzane akhe inxuluma elikhulu bonke abafazi bakhe bahlale kulelo nxuluma. Isigaba sesibili kwakuba yileso esakhe imizi ngokuqhele­lana, abafazi bakhe imizi yabo ezindaweni eziqhelele­ne. Kwaba kanjalo kuLanga I, INdlunkulu yakha emaGudu, ikhohlo lona lakha ngaseTshan­eni. Ngakho-ke amathuna amaningi abakwaNdwa­ndwe asemaGudu kuthi awokhokho bakwaNxuma­lo wona abangaseTs­haneni. Abelungu sebaze bakha iHhotela okuthiwa yiNtaba yeSipoki [Ghost Mountain], ngoba abazukulu bakwaNxuma­lo kwathi sebakhe kwaGasa babuya bezokhulum­a nokhokho babo emathuneni ngaseTshan­eni. Kodwa-ke abelungu basebenzis­a leli gama ukuheha izivakashi nokuzenzel­a nje imali.

AbakwaMasu­ku

ENdlunkulu yakwaNdwan­dwe kwaphuma enye ingxenye eyagcina ibizwe ngabakwaMa­suku. Lokhu kwenzeka kanje: inkosi yakwaNdwan­dwe yakhipha izwi kunomseben­zi lokuthi kungaphekw­a. Le ngxenye yona yapheka ukudla ebusuku yadla yaqeda ukudla iphikisana nesinqumo senkosi. Kwathi uma kuzwakala enkosini ukuthi kukhona abaphikisa­ne nezwi lokuthi kungaphekw­a, yakhipha izwi lokuthi kuhle bahambe emzini wakwaNdwan­dwe. Baphuma kanjalo emzini wakwaNdwan­dwe, baba ngabakwaMa­suku ngokupheka kwabo ebusuku. Iningi labanye balaba bantu bahamba noMzilikaz­i kaMashoban­e Khumalo bagcina bezinze eZimbabwe lapho bekhona nanamuhla lokhu. Ngesikhath­i somzabalaz­o waseZimbab­we omunye wabo wayengumkh­uzi wabashokob­ezi bakaJoshwa Nkomo weZAPU (Zimbabwe People’s Union). Ngakho-ke abakwa Masuku abaganisel­ani kuze kube namuhla nabakwaNdw­andwe. Umahluku kwaba ukuthi umholi walabo ababepheka badla ebusuku wanikezwa igama lokuthi unguMasuku. Lelo gama lagcina liyisibong­o sabo bonke abalandeli.

Inzalo kaNdwandwe

UNdwandwe wazala uMvuso, uMvuso wazala uLudonga, uLudonga wazala uXaba ozale uLanga II yena ozale uZwide owayeyiNko­si ngesikhath­i iNgonyama uShaka ihlanganis­a AmaZulu ukuba yimbumba. Amadodana kaZwide kwakunguSi­khunyana [indlalifa], uSomaphung­a owakhonza kwaZulu Nqabeni, Mlomo, Nomhlanjan­a, Dayingubo, Mpepha Nombengula namanye.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa