INdlovukazi uNandi yazithola isihlukunyezwa
Okunye okwamkhathaza kakhulu le nyoka yasuke yanyamalala emehlweni akhe akaze akwazi ukuyibulala ukuze aveze yona eNkosini njengobufakazi bokuthi iyona ebulele inkunzi. UMntwana uShaka yamhlupha le nto, kuthi njalo uma efika kule ndawo okwafela khona inkunzi, ayifune le nyoka, angayitholi.
Kwathi ngelinye ilanga uMntwana uShaka engazelele, wayesenqwamana nayo le nyoka, wayishaya wayibulala. Waseyithatha eyisa eNkosini uMakhedama. INkosi yamxoshisa ngembuzi kulokhu kuhlabana kwakhe esemncane kangako.
INdlovukazi yayihlala imkhuthaza njalo uMntwana uShaka ukuthi akwazi ukuzilwela ngoba yena wayengenaye umfowabo okungathi uma bemshaya amvikele. Ukuba yisilomo kwakhe eNkosini uMakhedama kwamenzela isigcwagcwa, wasezondeka kwabaningi. Omalume bakhe bavama ukumeqhatha nabafana abadala kunaye, bakwenza lokhu bemgcona bethi kasibashaye phele isiqhwaga sezimamba. Okwakubaxaka uma uMntwana uShaka eselwa, wayengabheki emuva noma abaleke futhi wayengakhali noma sebemhlanganyela. Wayebashaya abehlule bonke laba alwa nabo. Kwakuthi lowo mfana othuke ehlula uShaka kube uvelelwe ngoba kuyobase ngakusasa efika ezinkomeni, amcele udede, uyoze alanyulelwe yikuthi ehlulwe nguShaka.
Kwakuthi uma sebefika ekhaya, omalumekazi bakhe bezwa ukuthi kade eshaya izingane zabo, bamphakele isinambathi, basithele sishisa sinjalo ezandleni zakhe, bethi akasidle sinjalo. Simshise, akhale aze avuke uhlanya, asichithe phansi. Bamshaye-ke bethi “Singakushisa kanjani wena lokhu uyisiqhwaga?” bese bemchukuluza bethi, “Ukhaliswa yisijingi singakhulumi? Yilwa naso phela siqhwaga ndini!” Phezu kwalokho, abasekhakonina babemchwensa uMntwana, bembiza ngentungwana into yokuthukuzwa. Babembhuqa ngokumbuza, “Konje kuthiwa uyinkosi? Ikhona inkosi engaba njengawe, ehamba ihlala nje emzini yabantu izwe lonke leli?”
Lokhu kuphatheka kabi kwengane yeNdlovukazi uNandi namhla isikubo futhi kwenziwa ngabakwabo eLangeni, kwayehlula iNdlovuvukazi uNandi ukukubekezelela. Leso simo ayaze yakwazi ukuba isimele, yaqoma ukudliwa izintaba kunokuba kuhlushwe umtanayo ibhekile. INdlovukazi uNandi yazithola isihlukumezeka kakhulu ngabegazi layo kunabaseNdlunkulu lapho yayendele khona. Yalifulathela elakubo eLangeni, lapho yayizalwa khona, yayohlala ekhakonina kwaQwabe. Yafika khona iminyaka emibili, kwathi ngowesithathu nakhona yehluleka, yashiya ngoba sebehlukumeza umntanayo. Yasuka kwaQwabe yayohlala ekhakonina likagogo wayo kwaMthethwa, kanti futhi lapha ebukhosini bakwaMthethwa kwakugane udadewabo weNkosi uMbhengi, onguyisekazi kuyo.
Ngale nkathi iNdlovukazi uNandi ifika ekhakonina kwaQwabe, uMtwana uShaka wayeseneminyaka eyishumi nesithupha. Kwakuthi uma ehlezi nontanga yakhe, abaxoxele ukuthi yena sewake wahlabana ngokubulala imamba. Lokhu kwakumbeka esigabeni samaqhawe kwabaningi ayehlangabezana nabo.
INdlovukazi uNandi yayizibhekisisa izigameko ezazenziwa yingane yayo isencane. Yayihlala imkhuthaza njalo umntanayo ukuba abe nesibindi, akwazi ukubhekana nanoma yisiphi isimo esilukhuni empilweni yakhe ngoba wayengekho owayezomlwela. Yamfaka umoya wokuzethemba nowobudoda. Yafaka umoya wokuba aqome ukufa kunokuba ehlulwe ngabanye abafana. Naye uMntwana uShaka waba nogqozi olukhulu empilweni yakhe futhi waba nokuzithemba ngoba wakubambisisa lokho kuyalwa yiNdlovukazi.
Kusobala-ke ukuthi uMntwana uShaka ekukhuleni kwakhe wayethembele kakhulu kunina ngoba nguyena owayengumvikeli nesihlangu sakhe lapho esehlaselwa yizitha zakhe. Wayengenaye uyise eduze kwakhe ukuba ambikele lapho bemhlupha khona, kepha yintombi yaseLangeni yodwa eyayiwa ivuka naye. Ngakho wayezibambisisa izaluleko iNdlovukazi uNandi eyayiyala ngazo. Kwakuthi konke ekushoyo kuye, naye ayethembise ukuthi uzokwenza. Kwakuthi uma ehlangabezana nobunzima, emqondweni wakhe avele abone yona iNdlovukazi isimkhuthaza. Wayezitshela ukuthi uzokwenza njengoba imeluleka ukuze aphumelele. Ukucabanga iNdlovukazi kuye, kwakusho ukunqoba nempumelelo.
UMntwana uShaka kwakuyingane eyayisemphefumulweni weNdlovukazi yize wayenodadewabo uMntwana uNomcoba owayemelama, ezalwa yiSilo uSenzangakhona. Kwakuthi ngesinye isikhathi uma bezihlalele nje baxoxe bakhumbuzane ngobunzima asebake babhekana nabo empilweni yabo. YiNdlovukazi eyaba yinsika nomgogodla ekwakheni impilo yoMntwana uShaka. Akakho ongazibonga ngalokho namuhla ngisho endlini yobukhosi bukaZulu imbala. Kwakuthi uma elambile akhalele iNdlovukazi. Kwakuthi uma enqunu engenakho azokwembatha akhalele iNdlovukazi. Kwakuthi lapho bemshaya enganaye umvikeli akhale aduduzwe yiNdlovukazi kuphela. Kwakuthi lapho ehlatshwe ngameva ekwaluseni afike ekhaya akhishwe yiNdlovukazi. Kwakuthi lapho egula agonwe yizandla ezifudumalayo zeNdlovukazi. Kwakuthi lapho engasenamvikeli khona sebemkake yonke indawo, kepha iNdlovukazi imthinte ngezandla zayo imbuyise ngasemuva kwayo, bese imlwela ngamazwi ashisayo iwabhekise kulabo ababemhlanganyela. Kwakuthi lapho bengazi ukuthi bazodlani bephelelwe ukudla kuphume iNdlovukazi iyokwethekela ukuze balale bedlile. Inhloso yokuba ngiveze lezi zigigaba eziningi ezazenzeka empilweni yoMntwana uShaka neNdlovukazi uNandi ukuba ngigcizelela ukubaluleka kwesikhundla seNdlovukazi, ezala ikhulise leyo ngane egcina isiqanjwe igama lokuthi yiNgonyama. Izingane eziningi ezigcina zithathe lesi sikhundla sobukhosi imvamisa yazo ziyaye zikhulele phakathi komhlane nembeleko, kepha impilo yeSilo uShaka yiyona eyisibonelo esihle esikhombisa iqhaza elikhulu elabanjwa yiNdlovukazi ikhulisa leli Wundlu layo lobuKhosi.