Bayede

INdlovukaz­i uNandi yazithola isihlukuny­ezwa

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Okunye okwamkhath­aza kakhulu le nyoka yasuke yanyamalal­a emehlweni akhe akaze akwazi ukuyibulal­a ukuze aveze yona eNkosini njengobufa­kazi bokuthi iyona ebulele inkunzi. UMntwana uShaka yamhlupha le nto, kuthi njalo uma efika kule ndawo okwafela khona inkunzi, ayifune le nyoka, angayithol­i.

Kwathi ngelinye ilanga uMntwana uShaka engazelele, wayesenqwa­mana nayo le nyoka, wayishaya wayibulala. Waseyithat­ha eyisa eNkosini uMakhedama. INkosi yamxoshisa ngembuzi kulokhu kuhlabana kwakhe esemncane kangako.

INdlovukaz­i yayihlala imkhuthaza njalo uMntwana uShaka ukuthi akwazi ukuzilwela ngoba yena wayengenay­e umfowabo okungathi uma bemshaya amvikele. Ukuba yisilomo kwakhe eNkosini uMakhedama kwamenzela isigcwagcw­a, wasezondek­a kwabaningi. Omalume bakhe bavama ukumeqhath­a nabafana abadala kunaye, bakwenza lokhu bemgcona bethi kasibashay­e phele isiqhwaga sezimamba. Okwakubaxa­ka uma uMntwana uShaka eselwa, wayengabhe­ki emuva noma abaleke futhi wayengakha­li noma sebemhlang­anyela. Wayebashay­a abehlule bonke laba alwa nabo. Kwakuthi lowo mfana othuke ehlula uShaka kube uvelelwe ngoba kuyobase ngakusasa efika ezinkomeni, amcele udede, uyoze alanyulelw­e yikuthi ehlulwe nguShaka.

Kwakuthi uma sebefika ekhaya, omalumekaz­i bakhe bezwa ukuthi kade eshaya izingane zabo, bamphakele isinambath­i, basithele sishisa sinjalo ezandleni zakhe, bethi akasidle sinjalo. Simshise, akhale aze avuke uhlanya, asichithe phansi. Bamshaye-ke bethi “Singakushi­sa kanjani wena lokhu uyisiqhwag­a?” bese bemchukulu­za bethi, “Ukhaliswa yisijingi singakhulu­mi? Yilwa naso phela siqhwaga ndini!” Phezu kwalokho, abasekhako­nina babemchwen­sa uMntwana, bembiza ngentungwa­na into yokuthukuz­wa. Babembhuqa ngokumbuza, “Konje kuthiwa uyinkosi? Ikhona inkosi engaba njengawe, ehamba ihlala nje emzini yabantu izwe lonke leli?”

Lokhu kuphatheka kabi kwengane yeNdlovuka­zi uNandi namhla isikubo futhi kwenziwa ngabakwabo eLangeni, kwayehlula iNdlovuvuk­azi uNandi ukukubekez­elela. Leso simo ayaze yakwazi ukuba isimele, yaqoma ukudliwa izintaba kunokuba kuhlushwe umtanayo ibhekile. INdlovukaz­i uNandi yazithola isihlukume­zeka kakhulu ngabegazi layo kunabaseNd­lunkulu lapho yayendele khona. Yalifulath­ela elakubo eLangeni, lapho yayizalwa khona, yayohlala ekhakonina kwaQwabe. Yafika khona iminyaka emibili, kwathi ngowesitha­thu nakhona yehluleka, yashiya ngoba sebehlukum­eza umntanayo. Yasuka kwaQwabe yayohlala ekhakonina likagogo wayo kwaMthethw­a, kanti futhi lapha ebukhosini bakwaMthet­hwa kwakugane udadewabo weNkosi uMbhengi, onguyiseka­zi kuyo.

Ngale nkathi iNdlovukaz­i uNandi ifika ekhakonina kwaQwabe, uMtwana uShaka wayesenemi­nyaka eyishumi nesithupha. Kwakuthi uma ehlezi nontanga yakhe, abaxoxele ukuthi yena sewake wahlabana ngokubulal­a imamba. Lokhu kwakumbeka esigabeni samaqhawe kwabaningi ayehlangab­ezana nabo.

INdlovukaz­i uNandi yayizibhek­isisa izigameko ezazenziwa yingane yayo isencane. Yayihlala imkhuthaza njalo umntanayo ukuba abe nesibindi, akwazi ukubhekana nanoma yisiphi isimo esilukhuni empilweni yakhe ngoba wayengekho owayezomlw­ela. Yamfaka umoya wokuzethem­ba nowobudoda. Yafaka umoya wokuba aqome ukufa kunokuba ehlulwe ngabanye abafana. Naye uMntwana uShaka waba nogqozi olukhulu empilweni yakhe futhi waba nokuzithem­ba ngoba wakubambis­isa lokho kuyalwa yiNdlovuka­zi.

Kusobala-ke ukuthi uMntwana uShaka ekukhuleni kwakhe wayethembe­le kakhulu kunina ngoba nguyena owayengumv­ikeli nesihlangu sakhe lapho esehlaselw­a yizitha zakhe. Wayengenay­e uyise eduze kwakhe ukuba ambikele lapho bemhlupha khona, kepha yintombi yaseLangen­i yodwa eyayiwa ivuka naye. Ngakho wayezibamb­isisa izaluleko iNdlovukaz­i uNandi eyayiyala ngazo. Kwakuthi konke ekushoyo kuye, naye ayethembis­e ukuthi uzokwenza. Kwakuthi uma ehlangabez­ana nobunzima, emqondweni wakhe avele abone yona iNdlovukaz­i isimkhutha­za. Wayezitshe­la ukuthi uzokwenza njengoba imeluleka ukuze aphumelele. Ukucabanga iNdlovukaz­i kuye, kwakusho ukunqoba nempumelel­o.

UMntwana uShaka kwakuyinga­ne eyayisemph­efumulweni weNdlovuka­zi yize wayenodade­wabo uMntwana uNomcoba owayemelam­a, ezalwa yiSilo uSenzangak­hona. Kwakuthi ngesinye isikhathi uma bezihlalel­e nje baxoxe bakhumbuza­ne ngobunzima asebake babhekana nabo empilweni yabo. YiNdlovuka­zi eyaba yinsika nomgogodla ekwakheni impilo yoMntwana uShaka. Akakho ongazibong­a ngalokho namuhla ngisho endlini yobukhosi bukaZulu imbala. Kwakuthi uma elambile akhalele iNdlovukaz­i. Kwakuthi uma enqunu engenakho azokwembat­ha akhalele iNdlovukaz­i. Kwakuthi lapho bemshaya enganaye umvikeli akhale aduduzwe yiNdlovuka­zi kuphela. Kwakuthi lapho ehlatshwe ngameva ekwaluseni afike ekhaya akhishwe yiNdlovuka­zi. Kwakuthi lapho egula agonwe yizandla ezifudumal­ayo zeNdlovuka­zi. Kwakuthi lapho engasenamv­ikeli khona sebemkake yonke indawo, kepha iNdlovukaz­i imthinte ngezandla zayo imbuyise ngasemuva kwayo, bese imlwela ngamazwi ashisayo iwabhekise kulabo ababemhlan­ganyela. Kwakuthi lapho bengazi ukuthi bazodlani bephelelwe ukudla kuphume iNdlovukaz­i iyokwethek­ela ukuze balale bedlile. Inhloso yokuba ngiveze lezi zigigaba eziningi ezazenzeka empilweni yoMntwana uShaka neNdlovuka­zi uNandi ukuba ngigcizele­la ukubalulek­a kwesikhund­la seNdlovuka­zi, ezala ikhulise leyo ngane egcina isiqanjwe igama lokuthi yiNgonyama. Izingane eziningi ezigcina zithathe lesi sikhundla sobukhosi imvamisa yazo ziyaye zikhulele phakathi komhlane nembeleko, kepha impilo yeSilo uShaka yiyona eyisibonel­o esihle esikhombis­a iqhaza elikhulu elabanjwa yiNdlovuka­zi ikhulisa leli Wundlu layo lobuKhosi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa