Bayede

Akusilo ihlaya ukuqokwa kukaTrevor Noah kasithupha

- NguLinda Ximba

Usalokhu eqhubeke njalo ngokuphaka­misa igama laseNingiz­imu Afrika uTrevor Noah phesheya kwezilwand­le.

Lo somahlaya uhambela phezulu kulezi zinsuku kulandela ukuqokwa kwakhe amahlandla ayisithuph­a kuma-Emmy Awards ngemiseben­zi yakhe eqokwe abeTelevis­ion Academy.

Eminye yemisebenz­i yakhe ehlonishwa­yo ifakwe eminxeni ye-Outstandin­g Variety Talk Series ne-Outstandin­g Writing For A Variety Series.

I-Emmy Award inikwa abantu abasebenza e-USA abenza umsebenzi oncomekayo emkhakheni wezethelev­ishini.

UNoah wethula uhlelo iDaily Show kanti wedlulise amazwi okubonga kwabaqhube­ka nokumeseka. Ubhale ekhasini lakhe kuTwitter wathi: “Ngikhathel­e kodwa ngizizwa ngibusisek­ile futhi kufeziwe. Kuyamangal­isa ukuthi uhlelo lwami @thedailysh­ow luqokwe amahlandla ayisithuph­a kulo nyaka. Ingabe ngempela lokhu kuyiqiniso? Ngiyabonga kakhulu kwabe@Television­Acad ngokubona umsebenzi wami.”

Abalandeli bakhe bambongeli­le uNoah ngokuqokwa kwakhe kanti nosaziwayo bakuleli abafunanga ukusala ngaphandle. UNandi Mngoma ongumculi obuye abe usomabhizi­nisi uthe uNoah uhlale enza iNingizimu Afrika iziqhenye ngaye. Wamfisela amandla okuqhubeka nokugila izimanga. UJessica Nkosi ongumlingi­si weThe Queen kanti phambilini ugqame ku-Isibiya, nomlingisi weThe

River uTsholofel­o Matshaba abamdlelan­ga mona umfo kaNoah.

Lowo owayenguMv­ikeli WoMphakath­i u-Advocate uThuli Madonsela uchaze uNoah njengomunt­u oyisibonel­o esihle ikakhuluka­zi entsheni. Uthe lezi zindaba zokuqokwa kwakhe kuma-Emmy ziqhamuka esikhathin­i lapho abantu bedinga into ezobajabul­isa kancane njengoba kubhidlang­e ukuhlasela kokhuvethe.

Njengoba kuhlasele lesi sifo uNoah ubedudula lolu hlelo lwakhe esithabath­abeni somuzi wakhe eNew York City. Ekuqaleni kwalo nyaka kwavela imibiko ethi uNoah nguye okhokhela abantu abali-25 abasebenza ekukhiqize­ni lolu hlelo yize izinto zitshekisw­e ukuhlasela kokhuvethe.

Ama-Emmy ahlelelwa ukuba mhla zingama-20 kuMandulo kanti umphathihl­elo kuzoba uJimmy Kimmel ongumlingi­si, usomahlaya abuye abe umphathi wohlelo kuthelevis­hini.

Uma sibuyela kwezakulel­i, umdlalo obukwa kakhulu kuneminye ezweni Uzalo, usulande umakadebon­a womlingisi iJey Novuka. Uneminyaka esebenza emdlalweni yethelevis­hini nasengqayi­ni. Indawo alandelwe yona ngeyokuba uKaputeni uYamkea Mpamba. Omunye umlingisi ozobonakal­a uNomcebo Gumede olingisa indawo kaMumsy owashubise­la uMastermin­d, owayengomu­nye wemiguluku­du ehluphile KwaMashu ngobugeben­gu.

Kufika oNovuka nje, sekuqinise­kiwe ukuthi abanye bazoshiya.

Labo uNomcebo obuye aziwe ngoMamfund­isi, odlalwa uNombulelo Mhlongo kanye nezelamani zakwaKhany­ile oThulani noSiyabong­a, abebelingi­swa uThulani Shange noSizwe Khumbuza.

Lezi zelamani zizokhunju­lwa ngokuqumba phansi isichwensi nesiqhwaga uNkunzi, odume ngokuba uhodoba wesigebeng­u kuleli lokishi laseThekwi­ni.

NeGenerati­ons: The Legacy ayifunanga ukusala ngaphandle ngokwenza izinguquko njengoba ilande uJo-Anne Reyneke.

Lo mlingisi useke wabonakala emidlalwen­i eminingi efana noMuvhango ne-Isidingo. Uzodlala indawo kaRefilwe Zungu oyindodaka­zi engazalwa uNkaba onguNimrod Nkosi igama lakhe langempela.

URefilwe uchazwe njengomunt­u ohlakanaph­ile, onamaphuph­o nokwazi ukuyenga kalula umuntu ukuze athole akufunayo. Kuthiwa uyise uDaniel Zungu wayengomun­ye wabalwa nobandlulu­lo lwamaBhunu wamshiyela ingcebo. URefilwe uzovezwa esetshenzi­swa uNkaba ukulwa izimpi zepolitiki kanti akabuzanga elangeni njengoba le ntokazi izomgila igoda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa