Bayede

Kubusisiwe ukubonelel­ana ekhaya, kwabadala nabancane

Umuntu wabe efukulwa ngethemba lokuthi uzovuka naye avuse abanye emdenini

- NguNgqondo­bukhali

Siphila ezikhathin­i ezinzima. Ngaphandle kokhuvethe oludla amalungu emindeni nomphakath­i, imibiko ngokuswela­kala nokulahlek­a kwemiseben­zi nakho kuyakhatha­za. Ngalesi sikhathi imindeni eminingi izithola ingena esimweni lapho kukhona amalungu angenakho okukuziphi­lisa. Izingane kweminye imizi uma isimo sesinjalo ziyeka ezikoleni. Abekade behlala ezindaweni ezithize baphoqelek­e ukuba babuye kwabo. Abanye kusazobuye­la izimoto nempahla ezitolo. Ngendlela isimo esize sibe sibi ngayo kweminye imizi kuze kuphume nesidumbu umuntu lo obenenking­a esefe ngenxa yokhwantal­ala noma esezilengi­sile ngenxa yokwehlule­ka ukumelana nalokho abhekene nakho ngaleso sikhathi.

Kepha lokhu akuqali lapha. Namuhla bantwana beDlozi ngifisa ukukhuluma ngento emqoka emindenini nesiya ngokuya ishabalala. Lapha ngikhuluma ngokubonel­elana. Endulo abantu babe bonelelana, bephana. Angifisi sisaqala nje siphambane lapha ekuchazeni igama elithi ukubonelel­ana.

Kwezinye izilimi leli gama lisho into eyodwa kanti lapha ezilimini zaboHlanga lingachaza okwehlukil­e. Lapha kwaboHlang­a uma uzwa igama elithi azibuye emasisweni usuke wazi ukuthi kubuya nje okusho ukuthi kwabe kukhishwe ngesihle futhi noma sekubuya ngabo ubuhle. Kungaba ngamabele, yimpahla (imbuzi noma inkomo) nokunye. Lesi kwabe kuyisimo esenzeka esigabeni somphakath­i futhi sejwayelek­ile kungekhona ukuthi kuyafihlwa. Kungekhona futhi ukuthi lo obonelelwa­yo usefakwa ingcindezi noma ade ekhunjuzwa njalo ukuthi wake wabelwa noma wabonelelw­a.

KwaboHlang­a ukubonelel­a lokhu kuwumoya wokufukula­na, ukulekelel­a omunye ukuze asuke esimweni esimenza angahlonip­heki njengesida­lwa esingumunt­u.

Zazingekho nje izingane okuthiwa ngezihlala emgwaqeni ngakho belu ngoba akekho owayengavu­ma lapha emndenini nalapha emphakathi­ni ukuba kuthiwa kunengane, indoda noma umfazi osekuthiwa useyinto yomgwaqo kuthulwe nje.

Uma nje uhambela imizi yabamnumza­ne lapha emakhaya uzozwa udaba lomuntu izingane zalapha ezakhula zangena isikole zaze zagana zazi ukuthi loya bhuti noma loya gogo ngowalapha ekhaya. Indaba izwakale engasekho umuntu sekufika abakubo. Lapho uthola ukuthi kanti umuntu lo othi ngowalapha ekhaya wafika wamukelwa wabe esesale esehlala. Wabonelelw­a.

Lapha emndenini ukulekelel­ana kwabe kwehlukahl­ukene. Sasikhona leso sikhathi abantu bezalana omunye akhiphe okuthile ngoba ebone (hhayi ngoba kukhona omcelile ukuba enze) ukuthi kunesiding­o sokuphesha laphaya. Ingani waye asuke nje umnumzane apheshise umkakhe ekhweni lime nje ikhwe ngomkhweny­ana.

Zazingalal­i zingadlile izingane zasekhweni noma zabafowabo bendoda ngakho belu ngoba kwakubonel­elwana. Lingashona ilanga kuxoxwa ngomlando womuntu othi mina ngafunda ngenxa yomakhelwa­no, yomalume nobabekazi ngoba

Simsisela inkomo nje ngoba siyazi kusasa uyoba neyakhe asisele abanye, abuyise le ayesiselwe yona ukuze kusizakale nabanye. Sasinjalo isikokela sethu lesi, sazisa umuntu.

umama wayengaseb­enzi.

Amagama agqokisa isimo

Okunye okwabe kwehlukile endulo ngamagama ayehloniph­a egqokisa isimo saloyo okumele afukulwe. Uzwe abantu bethi ngasizwa yiloya mndeni ngoba kithi sasingenam­andla. Esho umuntu enanela kulabo abalekelel­a kwabo ngoba bethi benza ngoba abazali ngaleso sikhathi babe ngenamandl­a.

Lijulile leli gama ngoba kulo kunesiphro­fetho esithi amandla awekho okwamanje, kusasa ayoba khona. Lithi simfukula nje ukuze naye kusasa asifukule ngoba kusa kusa. Simsisela inkomo nje ngoba siyazi kusasa uyoba neyakhe asisele abanye, abuyise le ayesiselwe yona ukuze kusizakale nabanye. Sasinjalo isikokela sethu lesi, sazisa umuntu.

Kwabe kungadingi ndlu yasonto ukuba izosifundi­sa ngokuthand­a umakhelwan­o ngoba kithi umakhelwan­o kwabe kuwumndeni vele. Cha angime lokho ngizokukhu­luma emasontwen­i azayo, ubumqoka bukamakhel­wano.

Okwamanje asiphephe zingane zeDlozi Elikhulu. Kuthi abahambayo bahambe ngoba vele obekwakhiw­a sekuphelil­e hhayi ngoba kube nobudedeng­u. Ngalesi sikhathi sokulingwa asiqhubeke sifukulane, siphakamis­e laba abangenawo amandla okwamanje.

 ??  ?? Amasiso awumnotho wenhlalo efuku
Amasiso awumnotho wenhlalo efuku
 ?? Isithombe: Brand South Africa ?? ulayo
Isithombe: Brand South Africa ulayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa