Bayede

Idumela nesasasa kukaJuly kudanjiswe wukhuvethe

- NguLinda Ximba

Ukuvalwa ukuhanjelw­a kwezindawo zokudla nobumnandi ngenxa yokhuvethe kubalimazi­le abanikazi bazo.

Kuvele kwafana nokuqhamuk­a komuntu adedele induku ekhanda kuvele udume lwengozi ngesikhath­i sekuvalwa nokudayisw­a kotshwala.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi amanzi amponjwana angenye yezinto ezingenisa kakhulu imali ebhizinisi­ni lokungcebe­leka.

Kufuze ukuthi abanikazi bezindawo ezivamise ukumumatha amakhulu abantu bademelayi­se ngabodwana ngesikhath­i sekuphinde kuvalwa utshwala kwaqondana nenyakanya­ka yomcimbi iVodacom Durban July (VDJ).

I-VDJ ivamise ukuheha izinkulung­wane zabathandi bobumnandi eGreyville. Ngemuva komjaho wamahhashi izimoto ziba ujenga amabombo ebheke ezindaweni ezigcwele umgwaqo uFlorida eThekwini, ikwaMax Lifestyle nakwaMjay eMlazi naseUnder the Moon eNanda.

Lo mcimbi ubizwa ngeVDJ Experience lapho kusuke kuhlangene izinhlobon­hlobo zabantu ezisuke zizodlisel­a ngengqephu nangohlobo oluphambil­i lweziphuzo ezisuke zidekwe ematafulen­i.

Ngenxa yokulandel­a imigomo kaHulumeni lezi zindawo ziqhubekil­e nokwenza imicimbi kodwa ngohlelo lobuchweph­eshe, lapho abantu bebebuka umcimbi kumathelev­ishini nasezinkun­dleni zokuxhuman­a. Le ndlela ibakhalisi­le abanikazi balezi zindawo. UMnu uMakhosonk­e Phungula (osesithomb­eni) we-Under The Moon uthe baphoqekil­e ukuthi izinto abavamise ukuzenza ngesikhath­i seVDJ bazenze ngohlelo lwedijitha­li. Uthe yize abantu bengachith­anga imali eningi njengasemi­nyakeni edlul kodwa kumjabulis­ile ukubona abantu belandela imithetho efana nokuqhelel­ana nokufaka zimfonyo.

“Angeke safihla ukuthi isimo esibhekene naso sisishayil­e kodwa besizobuye senze njani? Lesi simo sisiphoqe ukuthi sihambisan­e nesikhathi sesimanje ukuze liqhutshwe ibhizinisi. Kungijabul­isile ukubona abantu befika bezozitika ngenyama eyehla esiphundu esidume ngayo kule ndawo yethu,” kusho uPhungula.

Ubonge uMnyango Wezokuvaka­sha eThekwini neMetro FM anobudlelw­ano nayo ngokuseben­zisana ngalesi sikhathi esinzima ababhekene naso.

Lo somabhizin­isi uthe bayethemba ukuthi lesi sikhathi sizodlula bese isimo sibuyela kwesejwaye­lekile.

Uthe wasungula le ndawo ngoba efuna ukuthi izivakashi ezisuke zihambele iNanda Heritage zikwazi ukuphola zetshise ngohambo.

“Le ndawo yethu iphakathi nekhaya likaBaba uMafukuzel­a uJohn Langalibal­ele Dube oHlange kanye nesonto elibalwa namakhulu emhlabeni lakwaShemb­e. Uma uvakashela kule ndawo yethu uzothola ukudla kwesintu, ushisanyam­a kanti sinezindaw­o iVIP Lounge, iBalcony nePrivate Lounge.”

UNks Zinhle Mqadi oyiMarketi­ng Manager kwaMax Lifestyle uthe nabo bashayekil­e ngoba iVDJ ifike utshwala sebumisiwe ukudayiswa. UZinhle uthe bafaka isicelo sokuthi abantu abahambela indawo yabo bakwazi ukubhejela amahhashi.

“Asipholisa­nga maseko ngesikhath­i sizwa kuthiwa iVodacom July izokwenziw­a ngendlela yobuchweph­eshe. Ngenhlanhl­a sanikwa ilayisense abakwaGold Circle sekusele isonto umjaho wenziwe.

Ukwethenjw­a abakwaGold Circle kukodwa nje kusenze sazigqaja safisa ukuhamba sigcwale izitaladi ngenxa yenjabulo. Kakade thina sihlale sifuna ukwehluka kwabanye. Ukwenza abantu abahambela indawo yethu bekwazi ukuzithoko­zisa ngokubheja bebe bedla inyama eyehla kamnandi esiphundu nokunye kokwehlisa, kuyasijabu­lisa kakhulu,” kusho uZinhle.

Eqhuba uthe: “Sigqemeke enkulu ingozi ngokuvalwa kotshwala. Labo abavamise ukutheleka kule ndawo bezozithok­ozisa sebefikela inyama kuphela futhi abasahlali kakhulu.”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa