Bayede

UMACINGWAN­E: Ayikho indaawo eyedlula ikhaya

-

ngilahlwe zinyanga’. Lapha ngangilith­athela kumfo kaBhengu, uPhuzushuk­ela. Ngaphinda ngadlala eyesibili lena ethi ‘Thula mntanami umama uzosiphath­ela amaswidi’.

“Inkinga lapha kwaba wukuthi ngenza konke nje lokhu kanti bayangiqop­ha ngangingaz­i lutho ke ngesiqopha­mazwi, kwathi sesiqedile wase umfana edlala le nto. Awu kwasuka esinamatha­mbo. Ngasukuma ngama ngezinyawo ngibuza ukuthi benzani, bazongifak­ela otikoloshe lapha bese ngizizwa. Ngijuluke ngimanzi ngiyabuza ukuthi lokhu bakwenze kanjani,” kuchaza uMchunu nothi akabange esahlala wasukuma lapho waphuma wahamba.

Uthi kwalamula ukuthi agijime aye esitolo eKillarny ngalo lolo suku. “Ngafika lapha esitolo semisakazo ngabuza ukuthi kuyini lokhu bangazisa ukuthi yisiqopham­azwi ngathi abakudlale balandula bathi angeke kumane kuzidlalel­e ngathi mina kabakudlal­e ngoba kunezwi lami. Ngathi uma ngithi bangalalel­a nalapha kuwayilens­e eyejwayele­kile. Hhawu yona yamane yazikhulum­ela izindaba zebhola,” kuchaza uMacingwan­e efa yinsini.

Ubuhlobo noPhuzushu­kela

Okunye okumangaza­yo ngoMchunu wukukwazi kwakhe ukuncoma abanye nokwazisa abamfundis­a okuthize. Utusa uBhengu (uPhuzushuk­ela) ngokumfund­isa okuningi nokumqoka.

“UPhuzushuk­ela wayethi njalo uma efike lapho ngihlala khona angene ngeculo, okunye ayegogode kukho yindlela aqhwaya ngayo izintambo. Wayeqhwaya ngeminwe umsindo ukhale njalo uzibuze ukuthi wenza kanjani. Kwahamba kwahamba ngakufunda ngadla ngayo nokwathi uma ngohlangan­a noJohnny nonina bamangala. Ngathi uma sengimfund­isa umlungu ngathi ungatsheng­isi muntu lena yinduku yethu esizodla ngayo izizwe.”

Impilo kaMchunu iyefana nabo bonke abantu besikhathi sakhe. Wazalwa ngaphansi kwezimo zobandlulu­lo. Emakhaya, wangalitho­la nethuba lokufunda esikoleni kepha impilo eyabe imzungezil­e yamfundisa abaningi abaya esikoleni abangakuth­olanga esikolweni nakwangqon­donkulu.

Inhloso yokuba nengxoxo noMchunu kwabe kungekhona ukwazi ngomculo wakhe ngoba lokho kuqoshiwe. Engabe ngikuhlosi­le wukwazi ngalokho okumqoka kuye ngale kwesiphiwo sakhe. Kwaphela izinsuku zethu nginaye senginayo impendulo ukuthi lena yindoda okungayihl­uphi ukungaziwa, nakhu nje abanye baze benze iphutha bacabange ukuthi nguCleggy owayifundi­sa umculo futhi nalapho kanendaba. Kunalokho uyavuma ukuthi le nsizwa yomlungu yaba yisithako esimqoka ekudlaleni kwabo.

Okunye engakuqaph­ela wukuthi ngeke uyithinte ngekwabo elingangci­ni nje ngomuzi wakubo kepha naseMakhab­eleni imbala.

Uma echaza ngalokho ukugoqa kahle uMchunu uthi: “Uma ulima utshala kawusho ukuthi wenzela wena kepha uthi wenzela ukuthi sonke sidle.”

Lo mcabango ujule kakhulu ngoba uma wonke amaciko engacabang­a kanje ngabe ayikho indawo engenaso isikole noma umtholampi­lo.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka ?? Isikole iMagobhe esakhiwa uMchunu eMakhabele­ni
Isithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka Isikole iMagobhe esakhiwa uMchunu eMakhabele­ni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa