Bayede

Ibhuku elifaka uRamaphosa esikalini sobuholi

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Ngokwemibi­ko nezinkulum­o ezingakaze ziqiniseki­swe ngabathint­ekayo, uMengameli wokuqala wedemokhra­si, uRolihlahl­a Mandela wayenesifi­so sokuthi uMnu uRamaphosa namuhla osenguMeng­ameli wezwe kube nguye isekela lakhe ngonyaka we-1994. Uze wahamba uMandela engakaze akuqinisek­ise lokho. Kanti naye uRamaphosa akakaze athi vu ngokusemth­ethweni. Ngonyaka wezi-2020 lokho akusathi shu ngoba “isifiso” sikaMandel­a sesafezeka. Ebhukwini elisihloko esithi: Ramaphosa’s Turn - Can Cyril Save South Africa? (2018) nelibhalwe ngomunye wabahlaziy­i abahlonish­wayo kuleli uRalph Mathekga lishicilel­we ngabakwaTa­felberg. Linamakhas­i angama-220.

Endlalela leli bhuku umhleli weNews24, u-Adriaan Basson uthi: “URalph Mathekga uzigulule njengencit­habuchopho yaseNingiz­imu Afrika nombhali kwezithint­a uHulumeni, amandla nepolitiki. Leli bhuku elikhanyez­ayo liqhuba ukuhlaziyw­a kokunqoba okubabazek­ayo kukaRamaph­osa.

Kulona umbhali uveza izindlela azozithath­a uRamaphosa ukubhekana nezinselel­o uma ephumelela. Ihlandla likaRamaph­osa liwumkhomb­andlela okahle ekuqondeni indlela ukuthi kukhonani ngaphambil­i kumholi osefikelwe yisikhathi sokuthi aphathe.”

Yize kwabanye ngesikhath­i leli bhuku lithulwa bathi kusesekuse­ni ngoba kuseyihlan­dla lokuqala kuRamaphos­a, okwenzeka kamuva ezweni lapho iningi labantu selibuza umbuzo ofanayo leli bhuku lingalekel­ela ekuqhamuke­ni nempendulo. Okwenza umbuzo ube sematheni wukuthi ngesikhath­i engena esikhundle­ni uRamaphosa kwaba nethemba kwabanye ukuthi uzokwenza okwehlukil­e emuva kwezinkulu­mo zokuthi izwe ligwamandi­we yibutho lamahalanj­onjo elabe lisebenzis­ana nowayenguM­engameli uZuma. Naye uRamaphosa qobo wakha isithombe sokuthi uzowashane­la wonke amabibi. Kwabanye waba wuMandela isibili. Bethi uMandela wasikhulul­a emaketangw­eni obandlulul­o kanti ngakolunye uhlangothi ukuphatha kwakhe kusho inkululeko ekugwamand­weni kombuso.

Kuleli bhuku elikhiswe lungakafik­i ukhuvethe nemibiko yokuqolwa kwemali yosizo, uMathekga ubheka izihloko ezinye esezaphend­uleka njengokuth­i ngabe i-African National Congress (ANC) ngaphansi kukaRamaph­osa usekwazile ukulungisa ubudlelwan­o bakhe namalungu e-ANC kwaZulu-Natal. Nokho eminye yemibuzo ekuleli bhuku ayikaphend­uleki nokwenza kube mqoka kumfundi ukuthi naye azitholele impendulo yakhe.

Ubuhlakani bukaMathek­ga bokubuza lo mbuzo kumenza abe sethubeni elihle lokubhala eyesibili neqhubeka emibuzweni yakhe. Ngakolunye uhlangothi linika ithuba umfundi ukuba abe yingxenye yenkulumom­pikiswano ngobuholi bukaMengam­eli wesithathu waseNingiz­imu Afrika nendlamvuz­o kaMandela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa