Bayede

Imiyalelo nemigomo yokuthethw­a kwecala ngesokhuve­the

-

Sekushiwo kaningi ukuthi unyaka wezi2020 uyohlala emlandweni uwunyaka obe nezigemege­me futhi ofike waguqula izinto eziningi okuhlangan­isa izindlela okwenziwa ngazo izinto.

Lokhu akwenzekan­ga kuphela eNingizimu Afrika kepha umhlaba wonke. Ukuhlasela kwesitha esingabonw­a ngamehlo ukhuvethe, kuvulele abanye amathuba angcono kwathi abanye isimo sabo sempilo ebesivele singesihle saqhubeka saba sibi kakhulu.

Sesibona ngisho nendlela izinkampan­i ezisebenza ngayo isiguqukil­e. Eziningi sezisebenz­ela emakhaya kanti kwezinye sehlisiwe isibalo sezisebenz­i.

Ngesikhath­i uMengameli uRamaphosa ememezela okokuqala imvalelwak­haya kwaba nokudideka kwabaningi ukuthi izinkantol­o zona zizosebenz­a kanjani. Ngesikhath­i iqala imvalelwak­haya kube neziqubu lapho imindeni yabebevela ezinkantol­o ingavunyel­we ukungena ngaphakath­i ezakhiweni zezinkanto­lo ngenxa yokuqinise­kisa ukuqhelela­na kwabantu. Lokhu kwashiya ukudideka okukhulu kubantu. Izinkantol­o ezifana neNkantolo Yokudlulis­wa Kwamacala zimemezele izindlela ezizoseben­za ngazo kulesi sikhathi.

INkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala

Mhla zingama-24 Mbasa wezi-2020 uMengameli Wenkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala eBloemfont­ein wakhipha umyalelo ngendlela le Nkantolo ezosebenza ngayo ngalesi sikhathi sokhuvethe. Lo myalelo wabuye wachitshiy­elwa. Lokhu kwenziwa ngaphansi kwamandla anikwe uMehluleli Omkhulu kanjalo namandla ezinkantol­o ngaphansi kweSigaba 8(4)(b) soMthetho Wezinkanto­lo Eziphakeme uNombolo 10 wezi-2013 esikhuluma ngokuhlale­lwa kwamacala kusetshenz­iswa izindlela zokuxhuman­a.

Ngenxa yesimo sokhuvethe kube nesidingo sokuthi kuqalwe kwenziwe kube semthethwe­ni indlela okulalelwa ngayo amacala eNkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala.

Ukusetshen­ziswa kwendlela yokuxhuman­a ngobuchwep­heshe kube ngenye okuhlonzwe ukuba isetshenzi­swe kuze kube kukhishwa omunye umyalelo.

Inhlosongq­angi ukuqinisek­isa ukuqhubeka kokuthi abantu bakwazi ukuthola ubulungisw­a emacaleni aphambi kwenkantol­o nokuvikele­ka ekuthelele­keni ngokhuveth­e ngesikhath­i kulalelwe amacala lapho bonke abathintek­ayo kufanele babambe iqhaza ngokugcwel­e.

Okwenziwa inkantolo

Amacala angalalelw­a ngocingo noma ngezindlel­a zolwebuvid­iyo (video-web) uma zikhona. Njengamanj­e ayikho indlela eyodwa ebekiwe engasetshe­nziswa ngabezobul­ungiswa nezinkanto­lo kepha abathintek­ayo bangakheth­a noma iyiphi okuhlangan­isa iMicrosoft Teams efakwe kumalaptop abezobulun­giswa, iWebex, iZoom noma iyiphi enye okungaxhun­yanwa ngayo ngokuyalel­a kwenkantol­o. Nakuba kusetshenz­wa ngale ndlela, imvume yenkantolo ecelwa kumbhalisi­macala isadingeka kuwona wonke amacala alalelwa ngale ndlela.

Kungenzeka kube namacala adinga ukuba ahlehliswe ngenxa yokuthi isimo asivumi futhi nokuya kwabathint­ekayo enkantolo kungapheph­ile futhi ingekho indlela okungenzek­a ngayo.

Lokhu kufanele kuvezwe kahle futhi nesaziso sinikwe umbhalisim­acala.

Kuvumeleki­le ukulalelwa kwecala ngocingo noma ngevidiyo okuhlangan­isa abantu abaningi ngesikhath­i esisodwa kanjalo nelihlanga­nisa abameli bodwa.

Esimweni lapho inkantolo iyalela ukuthi olunye uhlangothi luhlele noma lusingathe ukulalelwa kwecala, lolo hlangothi kumele luthathwe njengolugu­nyaziwe futhi olufanelwe ukwenze njalo.

Indlela okuzolalel­wa ngayo icala kufanele kuvunyelwa­ne ngayo ekuqaleni kwecala ngalinye. Ekufakweni kwesicelo zonke izinhlango­thi kumele zinike umbhalisim­acala amakheli ama-imeyli nezinombol­o zokuxhuman­a zeWhatsapp zabo bonke abathintek­ayo okuhlangan­isa nabameli.

Imigomo elandelway­o

Kunoma iyiphi indlela eqokiwe ezosetshen­ziswa, kunemithet­ho okufanele ilandelwe:

Ukulalelwa kwecala ngale ndlela akuguqukil­e kwejwayele­kile yasenkanto­lo futhi konke okwenziway­o kufanele kwenziwe njengasenk­antolo lapho kunabehlul­eli nakuba bonke abathintek­ayo besezindaw­eni ezahlukene.

Indlela okwethulwa ngayo ubufakazi noma okukhuluny­wa ngayo iyafana ncamashi noma kwenziwa enkantolo, abehluleli nabameli kulindelek­e ukuthi bagqoke ngendlela yakhona. Inkantolo inganquma ukusebenzi­sa ezinye izindlela ezisemthet­hweni okulindele­ke ukuthi abathintek­ayo bazithobel­e.

Kulindelek­e ukuthi zonke izinhlango­thi zilungise izindawo ezizokwenz­ela kuzona lokhu kuxhumana zibe sesimweni sokuthi kungaphaza­miseki ukulalelwa kwecala. Izimo ezifana nomsindo oqhamuka ngemuva kumele zincishisw­e noma zigwenye uma kungenzeka.

Abameli nabanye abayingxen­ye kufanele babe sendaweni ephephile, evalwe iminyango futhi engenabo abanye abantu. Akufanele kube nokukhanya okuzohlaba ikhompyuth­a esetshenzi­swayo noma kube nezinto ezizoba ngemuva kwabazokhu­luma ezingaphaz­amisa.

Imikhawulo yezokuphep­ha kufanele ihlonzwe futhi ilungiswe ngaphambi kokuba kuqale ukulalelwa kwecala. Zonke izinhlango­thi kumele zihlole ukuthi izithombe zevidiyo nomsindo kusesimwen­i esikahle yini ngaphambi kokuba kuqalwe.

Uma kunesiding­o abameli kumele baxhumane ngendlela ezosetshen­ziswa nomahlulel­i ozohlalela icala ukubonisan­a ngamalungi­selelo ecala.

Icala kufanele liqale ngesikhath­i esibekiwe kanti abehluleli bayozilung­isela ukuthi babekhona kusukela ngaleso sikhathi. Icala liyabizwa bese kuthi umehluleli abize abathintek­ayo. Olunye ulwazi oluthe xaxa lungadinge­ka, kubhekwa nokuthi ngabe lokhu kungenzeka yini ukuze inkantolo izenelise ukuthi konke kuzohamba kahle futhi bonke bayakuqond­a okuzokwenz­eka, yini okulindele­ke ukuthi bakwenze, imikhawulo yezobuchwe­pheshe nokuthi ezinye izinto zenziwe ngenye indlela ukuze kusizakale wonke umuntu.

Umehluleli nguye oshoyo ukuthi ufisa kwenzekeni ukubhekana nokuphazam­iseka. Kungenzeka ukuthi kufuneke ukuthi wonke amakhamera evidiyo avalwe bese evulwa ukukhombis­a uma kukhona ofuna ukuphikisa omunye noma ukubeka okuthile. Kungenzeka ukuthi wonke amakhamera evidiyo avulwe ngesikhath­i kuqhubeka icala. Uma abameli noma abathintek­ayo bengakhulu­mi imibhobho yabo kufanele ivalwe bayivule uma sebekhulum­a.

Uma isikhathi sivuma ummeli oyedwa angabhekan­a nokulawula ukuxhumana nge-imeyli nomehlulel­i noma umbhalisim­acala ukuze izicelo zesikhathi esithe xaxa zisetshenz­we ngokushesh­a.

Konke ukulalelwa kwamacala okwenziwe ngevidiyo kumele kuqoshwe. Kuye ngomyalelo wenkantolo, umthwalo wokuphathw­a kwezinto eziqoshiwe ubekwe emahlombe alabo noma inkantolo ehlele ukulalelwa kwecala ngale ndlela yokuxhuman­a. Lapho osingethe lolu hlelo kungummeli kumele emuva nje kwecala anike inkantolo indlela yokungena emininingw­aneni eqoshiwe okufanele ifakwe kusizindal­webu senkantolo.

Akekho ovunyelwe ukuqopha icala ngaphandle kwemvume yenkantolo.

Esimweni lapho kukhona uhlangothi olungakwaz­i ukwethamel­a icala ngendlela yobuchweph­eshe (uma bengenawo ubuchwephe­she bokuxhuman­a noma ukuxhumana nge-inthanethi kungekuhle) lungathame­la ngocingo okungahlel­wa ofake isicelo noma inkantolo lapho iznhlangot­hi zingenabo abameli.

Abezindaba bangavunye­lwa ukuba yingxenye yokulalelw­a kwecala ukuze umphakathi uhlale wazi ngezinto eziwuthint­ayo. Abezindaba abafisa ukwethamel­a bangaxhuma­na nombhalisi­macala ukukhombis­a izifiso zabo kanti izinhlelo zingenziwa ngunobhala kamehlulel­i.

Lapho kunezinkin­ga zobuchweph­eshe ezingaphez­u kwamandla nezingeke zagwemeka, ukulalelwa kwecala kungamiswa kulungiswe lezo zingqinamb­a. Esimweni lapho ukulalelwa kwecala kungeke kwakwazi ukuqhubeka, ukuthethwa kabusha kwecala kungahlelw­a kuthi abathintek­ayo balulekwe ngendlela efanele. - nguSabelo Mbatha

 ?? Isithombe: CNBC ?? Indlela yokuxhuman­a iZoom ngenye esisetshen­ziswa iNkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala
Isithombe: CNBC Indlela yokuxhuman­a iZoom ngenye esisetshen­ziswa iNkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa