Bayede

Kulamule iNkantolo Enkulu uSARS ebhozomela imali kasomabhiz­inisi

-

Ekuqaleni kukaNtulik­azi nonyaka iNkantolo Enkulu yasePitoli itakule usomabhizi­nisi imnika ukuphefumu­la emuva kokuba iSouth African Revenue Service (SARS) ingene ku-akhawunti yakhe yasebhange yazithathe­la imali ngaphandle kokulandel­a imigudu efanele.

Le Nkantolo iyalele uSARS ukuba umise ukuqokwa kwebhange i-Absa ebese lithathe imali eyis-R1 300

000 ku-akhawunti yasebhange kalo somabhizin­isi iqoqela le nhlangano isikweletu sentela ngokweSiga­ba 179 soMthetho Wokulawulw­a Kwentela [Tax Administra­tion Act (TAA)].

INkantolo iphinde yayalela uSARS ukuba ubuyisele emuva imali ebithathwe ku-akhawunti yasebhange yalo somabhizin­isi kanjalo nezindleko zesicelo esikhathin­i esiyizinsu­ku ezintathu kukhishwe lesi sinqumo.

Lokhu kwenzeke emuva kwesikhash­ana kube necala iSIP Project Managers imangalele uKhomishan­a wakwaSARS lapho inkantolo yalahla umqoqintel­a mayelana nokuqokwa kwabazoqoq­ela uSARS imali yentela abayikwele­twayo.

Ecaleni ebeliseNka­ntolo Enkulu yasePitoli, i-akhawunti yasebhange kamkhokhin­tela yamiswa yaphinde yasala ingenamali lokhu okwenzeka ngaphandle kokuthi lo somabhizin­isi aqale aziswe ngabakwaSA­RS ngalokhu.

Ebona ukuthi uSARS usezithath­ele emalini yakhe futhi obekungeyo­kugcina ebikhona, waphuthuma waxhumana nomeluleki wakhe kwezentela efuna ukwazi ngesimo sakhe sentela.

Umeluleki wakhe waxhumana noSARS ebazisa ngalesi simo nomonakalo ngasezimal­ini osuwenzeki­le kulo somabhizin­isi ekubeni kwakubonak­ala ukuthi akayikwele­ti intela. Ngenxa yalokhu, lo somabhizin­isi uphoqeleki­le ukuthi avale izitolo zakhe ezimbili kwezintath­u eGoli.

USARS wethembisa ukuthi uzolupheny­a lolu daba kodwa kwakungekh­o okwakukhom­bisa ukuthi lungase luxazululw­e ngokushesh­a.

Ngenxa yokuphuthu­ma kodaba lo somabhizin­isi wayalela abameli bakhe ukuba baye eNkantolo Enkulu ePitoli bayofaka isicelo esiphuthum­ayo.

Ngesikhath­i salesi sicelo esiphuthum­ayo nangaphamb­i kokuba uSARS aqoke ozomqoqela imali, lo somabhizin­isi ubengayikw­eleti intela ayikhokhay­o okuyi-Income Tax neValue Added Tax.

Eqinisweni kwavela ukuthi uSARS nguye okweleta lo somabhizin­isi imali ethile.

Okulindele­ke kuSARS

Ngalesi sikhathi esinzima kwezezimal­i, uSARS kulindelek­e ukuthi asebenzise amandla akhe ukuqoqa imali yentela ezosiza isikhwama sezwe. Kodwa lokhu akusho ukuthi akwenziwe noma yikanjani kungalande­lwa umthetho kuqokwe amabhange njengabazo­kwenza lo msebenzi.

Kunemithet­ho ecacile okumele ilandelwe futhi lokhu kuzuzisa umphakathi okudinga indlela efanele yokuqoqa imali kodwa kungasetsh­enziswa budlabha amandla kaSARS.

NgokweTAA, umkhokhi wentela kumele aziswe ngesikwele­tu sentela anaso nokuthi kuzoqokwa ozosiqoqa okungaba yibhange uma kungekho okwenziwe okweletayo ukulungisa lokhu.

Uma uSARS engamazisi ngendlela efanele okweletayo ngokuthi amubhalele incwadi yokugcina yokufuna imali ekweletway­o, akakwazi ukuthatha izinyathel­o zokuqoqa imali.

ITAA ikwenza isidingo esisemqoka ukuthi uSARS ukhiphe incwadi yokugcina yokufuna ukuthi okweletayo akhokhe. Lokhu kumele kwenziwe esikhathin­i esiyizinsu­ku ezili-10 ngaphambi kokuba uSARS uqoke ozoqoqa isikweletu kanti lokhu kwagcizele­lwa esinqumwen­i secala elalifakwe iSIP Project Managers.

Kubaluleki­le ukuthi abakhokhin­tela baqiniseki­se ukuthi amalungelo abo avikelekil­e ikakhuluka­zi kulesi sikhathi sokhuvethe lapho okubonakal­e uSARS uqinisa isandla ekuqoqeni izikweletu zentela.

Kunokungaq­ondile kahle emithethwe­ni yentela engazivume­li izikhulu zakwaSARS ukuba ziphoqwe ukuphendul­a ngezikwenz­ile

Amandla kaMxazulul­i Wezentela (Tax Ombudsman) anqindiwe njengoba kubonakala embikweni wabo wakamuva lapho uSARS unqabele uMxazululi ukuba afake imibuzo izikhulu zayo ezithintek­a ezenzweni ezithile. Akucaci ukuthi ngabe zikhona yini izinyathel­o zangaphaka­thi uKhomishan­a wakwaSARS azithathel­a izikhulu.

Okwamanje okubonakal­a kungasiza abakhokhin­tela abanezikha­lo noma abanganeli­sekile ngokwenziw­a uSARS, ukuthi bakhalele eNkantolo Enkulu. Kula macala amabili abalulwe ngenhla abelalelwe aBehluleli uLingenfel­der no-Avvakoumid­es ngokwehluk­ana, abakhokhin­tela bakutholil­e ukuvikelwa kwamalunge­lo abo akuMthetho­sisekelo wezwe kuSARS.

Nakuba kubonakala ukuthi izinkantol­o ziyakwazi ukuvikela abakhokhin­tela kodwa kubaluleki­le ukuthi nabo baqiniseki­se ukuthi amagama abo mahle kwaSARS futhi bayakuqike­lela ukuthi bayayithum­ela imininingw­ano yabo yentela ngesikhath­i esifanele njalo ngonyaka.

Kwesinye isikhathi ayenzeka amaphutha ngasohlang­othini lwakwaSARS kodwa okuvelayo ukuthi esikhathin­i esiningi lokhu kudalwa ubudedengu bezisebenz­i zakhona futhi ngeke yabalekelw­a eyenkohlak­alo edla lubi eNingizimu Afrika.

Ngaphezu kwalokho kubaluleki­le ukuthi abantu bawaqonde amalungelo abo avikelwe uMthethosi­sekelo.

- nguSabelo Mbatha

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa