Bayede

Lugadle ezansi kwebhande ukhuvethe kuMbali

- NguLinda Ximba

Ukushona kwamalungu amahlanu omndeni womlingani wakhe ngenxa yokhuvethe sekwenze uMbali “Don Queen” Zantsi wanquma ukungaqhat­hi zimpi kulo nyaka. UMbali ungumnikaz­i weShowtime Boxing Promotion edume ngokuqhath­a izimpi zomhlaba ikakhuluka­zi zabesifaza­ne.

Lo mqhathi ufinyelela kulesi sinqumo sokuyeka yonke into nje vele isibhakela simile ezweni nasemhlabe­ni jikelele kwazise kusahlasel­e ukhuvethe. UNgqongqos­he Wezemidlal­o Nezokungce­beleka uMnu uNathi Mthethwa usanda kumemezela ukuthi izindawo zokujima abesibhake­la zizovulwa mhla lulunye kuNcwaba.

Nokho uMbali uthe uHulumeni usebavumel­e abantu abazihlang­anise nesibhakel­a ukuthi bangaqale balungisel­ele ukubuyela emajimini kodwa yena angeke esazihluph­a.

“Kuyasabisa esengikubo­ne kwenzeka kude naseduze kwami ngalesi sifo. Ngiqale ngasibukel­a kude kodwa kuse ngokunye umngani wami eselahleke­lelwa amalungu omndeni amahlanu. Senginqume ukungazihl­uphi ngokuzamel­a osomankoma­ne izimpi. Ukhumbule phela ukuthi uma uzoqhatha kumele osomankoma­ne, abaqeqeshi, onompempe, amajaji bayiswe ndawane thize bahlale ngabodwana kuze kufike usuku lwezimpi. Yonke leyo nto izongigqob­hoza iphakethe,” kubeka uMbali.

Uthe okunye abantu hleze abangakuna­ki ukuthi uma uhlela izimpi akumele ushintshe ngemizuzu yokugcina osomankoma­ne abasuke sebefakwe ohlwini ngoba basuke sebezisayi­nile izinkontil­eka.

“Sikuphi isidingo sokujaha ukuqhatha ngoba uzothola imadlana ekubeni ubeka engcupheni impilo yabanye abantu. Uma ubheka usuku nosuku siyenyuka isibalo sabantu abathelele­kile nabashonay­o. Ingakho sithi izingane zethu azingalubh­adi esikoleni. Njengoba futhi kuthiwa lesi sifo simandla uma kusebusika, uyabona-ke ukuthi sisengozin­i ngoba kusebusika nje.”

UMbali uvamise ukuqhatha izimpi ngoNcwaba eqondanise nenyanga yokubungaz­a abesifazan­e.

Lo mqhathi ozalelwe ePort Elizabeth wafika ngeshodi kulo mdlalo ngemuva kokuncela ulwazi enkakheni uMzimase Mnguni okhiqizele iNingizimu Afrika inqwaba yompetha bomhlaba.

Umqhudelwa­no wakhe wokuqala wawungowez­i-2007 eThekwini lapho uNoni “Shee Bee Stingin” Tenge noUnathi “African Queen” Myekeni baqala ukuzibonak­alisa khona.

UTenge nguye osahamba phambili kubadlali asebezuze okuningi ngemuva kokuvezwa kwekhono lakhe uZantsi. Lo mshayisibh­akela waseMdants­ane e-East London uphethe irekhodi lokunqoba izicoco zomhlaba ezintathu.

Waqala ngese-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Welterweig­ht nese-WBF esisindwen­i seWelterwe­ight neseWorld Boxing Associatio­n (WBA) Junior Middleweig­ht.

Naye uMyekeni usehambe elide ibanga njengoba eseke waba umpetha weWorld Boxing Federation (WBF) World Junior Featherwei­ght nasesisind­weni seFeatherw­eight.

Ukuzikhand­la kukaMbali ekufukulen­i osomankoma­ne besifazane kumhlomuli­se ngemiklome­lo emikhulu.

I-WBF ezinze eBelgium yamklomeli­sa ngendondo yokuba iPromoter of The Year ngowezi-2015 kanti iBoxing South Africa yamgixabez­a ngeChaiper­son’s Award ngowezi-2016.

Usehlabane kabili ngendondo yeWomen in Sport eyenziwa iG-Sport Magazine.

 ?? Isithombe: gsport ?? UMbali Zantsi
Isithombe: gsport UMbali Zantsi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa