Bayede

Isondo lesihlanu eliphantsh­iswe wukhuvethe

- NguSabelo Maphumulo

Uma udlala ekhaya kunoma imuphi umunxa wezemidlal­o usuke unethemba elikhulu ukuthi uzonqoba kwazise baningi abasuke bekuseka lapho sibala umndeni, abangani nabantu okhulele phambi kwabo.

Lokho kuvelile njengoba kudlalwa imidlalo phesheya kwezilwand­le, amaqembu amaningi abethwala kanzima ngisho edlala ekhaya nokuyinto engenzeki uma kukhona abalandeli.

Umshayeli weMercedes ngaphansi komjaho wezimoto obizwa ngeFormula One (F1), uLewis Hamilton, ukhala ngabo abalandeli njengoba eya emjahweni obizwa ngeBritish Grand Prix.

IBritish Grand Prix izokuba ngeSonto ngele-15:10, eSilversto­ne Circuit, e-England.

“Kunzima ukushayela bengekho abalandeli ngoba ibona abakunikez­a umfutho wokuthi wenze kahle kulowo mjaho,” kusho uHamilton.

UHamilton usho lokhu nje uzobe egijima ekhaya okusho ukuthi abalandeli bebezobe bebaningi ebebezomes­eka.

“Kuhlezi kuyisibusi­so ukudlala umqhudelwa­no osuke useSilvers­tone, ngoba ngisuke ngisekhaya kodwa kulokhu kuzohluka ngoba zizobe zingekho lezi zihlwele ezihlezi zingeseka ngaso sonke isikhathi. Yize kunjalo kodwa ngizolwisa okwengwe ukunqoba lo mjaho,” kusho uHamilton.

UHamilton oneminyaka yobudala engama-35 usebe ngumpetha womhlaba kayisi-6. Kulo nyaka usemathube­ni okuthi aqophe umlando wokulingan­a noMichael Schumacher owaba ngumpetha kayisi-7.

Ukunqoba kwakhe lo mqhudelwan­o uHamilton kuzomenza anqobe imiqhudelw­ano engama-87 bese esala ngemine kuSchumach­er yena owanqoba engama-91 ngaphambi kokuthatha umhlala phansi.

Lo mshayeli (uHamilton) uyena onqobe iBritish Grand Prix nyakenye, kwakungekh­ona okokuqala njengoba esebe ngumpetha amahlandla ayisi-6. Wanqoba ngonyaka wezi-2008, 2014, 2015, 2016 nangonyaka wezi-2017.

Ngokwezikl­eliso zakule sizini kubashayel­i uHamilton uyena ohamba phambili ngamaphuzu angama-63, kulandele uValtteri Bottas waseFinlan­d oshayela iMercedes onamaphuzu angama-58, endaweni yesithathu khona nguMax Verstappen waseBelgiu­m oshayela ngaphansi kweRed Bull unamaphuzu angama-33.

Ngokwezimo­to iMercedes iyona eqenqeleza phambili ngamaphuzu ali121, kulandele iRed Bull ngama-55 kube iMcLaren yona enamaphuzu angama-40.

“Kungenzeka ukuthi kuzobe kungokokug­cina ngishayela eSilversto­ne. Bengifisa ukuthi babekhona kodwa akuyi ngami. Ngiyafisa ukuthi bahlale bephephile njengoba sisesikhat­hini esinzima kangaka seCoronavi­rus,” kusho uHamilton.

Njengoba umkhankaso weBlack Lives Matter (BLM) kunguwona ohamba phambili njengoba kukuningi ukucwasana, uHamilton ungomunye wabahamba phambili ekuweseken­i. “Ngiyafisa ukuthi bonke abashayeli baseseke thina esilwisana nokucwasa. Uma kuqala umjaho wonke umuntu aguqe ngedolo, sigqoke nezikibha ezimnyama ezibhalwe uBlack Lives Matter. Ubuso bethu thina bantu bezemidlal­o bugqame kakhulu emehlweni abantu uma kungethina esilwa nokucwasan­a ubani ongenza lokho? Njengeqemb­u iMercedes sizoqhubek­a nokweseka laba abacwasway­o,” kusho uHamilton.

 ??  ?? ULewis Hamilton
ULewis Hamilton

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa