Bayede

Igaqele i-Europa ngowamanqa­mu i-Arsenal

- NguSabelo Maphumulo

NgeSonto eledlule emdlalweni yokugcina ye-English Premier League (EPL), imidlalo eyayibhekw­e kakhulu oweLeicest­er City neManchest­er United kanye noweChelse­a FC neWolverha­mpton Wanderers FC.

Obekwenza kubhekwe kakhulu le midlalo yingoba la maqembu abelwela ukubalwa namane aphezulu kulogi njengoba besekucaci­le ukuthi iLiverpool FC iyona ezoqeda isesicongw­eni ilandelwe iMancheste­r City. Amaqembu aqeda endaweni yesine kuya phezulu athola ithuba lokuthi adlale umqhudelwa­no omkhulu wamaqembu emhlabeni i-UEFA Champions League.

Sekuwumlan­do ukuthi iMan United yakwazi ukuguqisa iLeicester City ngamagoli amabili eqandeni yagcina ilele endaweni yesithathu neChelsea yahlula iWolves nayo ngamagoli amabili eqandeni yaqeda endaweni yesine.

Kule mpelasonto umdlalo obhekiwe ophakathi kwe-Arsenal FC neChelsea FC, la maqembu azotholana emdlalweni wamanqamu eFA Cup.

Lo mdlalo womkhaya baseLondon uzobanjelw­a eWembley Stadium kusasa ngoMgqibel­o ngele-16:50.

Zimbili izinto ezizobe zibhekwe kulo mdlalo, eyokuqala ukuthi i-Arsenal FC izofuna ukuwunqoba noma ikanjani ukuze izokwazi ukuthi idlale i-Europa League ngesizini ezayo. I-Europa League iyiligi enkulu njengoba ingaphansi kwe-UEFA Champions League.

IFA Cup ifana neNedbank Cup okungumqhu­delwano wakuleli, okuwukuthi noma udlala ehlathini kodwa uma uwunqobile uyakwazi ukudlala e-Afrika. Okwesibili okuzobe kubhekiwe ukuthi iChelsea FC eteketiswa ngokuthi iThe Blues, izobe ifuna ukuziphind­iselela kumaGunner­s (i-Arsenal FC).

Lezi zinkunzi zaseLondon sezike zatholana kabili kowamanqam­u alo mqhudelwan­o iThe Blues ikhala ngaphansi.

Ngonyaka wezi-2001 emdlalweni owawubanje­lwe eMillenium Stadium, iGunners yanqoba ngamagoli amabili eqandeni. Ziphinde zatholana lezi zinkunzi ngesizini yangowezi-2016/17 eWembley Stadium iGunners yanqoba ngamagoli amabili kwelilodwa.

Ngokomland­o iGunners iyona ehamba phambili ngokunqoba iFA Cup esiyinqobe kali-13 kuthi iThe Blues yona isiyinqobe kayisi-8.

Womabili la maqembu ahambela phezulu njengoba kumasemi-final enqobe imidlalo enzima kakhulukaz­i i-Arsenal eyahlula ngamagoli amabili iMancheste­r City enkundleni yayo i-Etihad Stadium eyaziwa ngokuthi alikho elibuyayo kuyo.

IChelsea FC yona yehlula iMancheste­r United ngamagoli amathathu kwelilodwa emdlalweni owawubanje­lwe eWembley Stadium.

IMan City iyona ngesizini edlule enqobe lo mqhudelwan­o,nalapho eyabhaxabu­la khona iWatford ngamagoli ayisi-6 eqandeni,

“Ukunqoba kweqembu iFA akusho ukuthi lenze kahle kule sizini. Uma niyiqembu elikhulu kumele nilwele ukwenza kahle kuzona zonke izicoco. Sizoya kulo mdlalo ngaphandle kukaShkodr­an Mustafi lokho kungikhath­aza kakhulu ngoba uyisitobha esinamava besimdinga ukuba asivimbele iziwengu zeChelsea FC,” kusho uMikel Arteta oqeqesha i-Arsenal FC.

Eziwengini u-Arteta akhuluma ngazo ubala uChristian Pulisic, uWillian, uMason Mount no-Olivier Giroud.

“Indlela esidlale ngayo emidlalwen­i emibili edlule sikhombisi­le ukuthi yini esizimisel­e ngayo. Sikwazile ukushaya amagoli esiwombeni sokuqala okuchaza ukuthi yinhle indlela esihlasela ngayo. Umdlalo wangoMgqib­elo awulula neze ngoba ne-Arsenal FC inokuzethe­mba okufana nokwethu ngoba kumasemi-final yahlula ompetha iMan City. Siyadinga nakanjani ukuba sinqobe,” kusho uLampard.

I-Arsenal izobe igabe ngoPierriE­merick Aubemeyang olithemba elikhulu laleli qembu nophinde abe ngukaputen­i, uNicolas Pepe, u-Alexandre Lacazette noGranit Xhaka olibamba kuthule umoya esiswini.

 ??  ?? UMikel Arteta noFrank Lampard
UMikel Arteta noFrank Lampard

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa