Bayede

Awachithwe amanzi: OkaMsuthu uthi asikhohlwe

Ipolitiki isidunge ezokuphath­a Izisebenzi sezibangis­ana nosopoliti­ki ngenkohlak­alo

- nguCelani Sikhakhane

Ezitheni zakhe ubizwa ngohlanya, ugedegede olungakwaz­i ukuthula. Kanti kulaba abamthanda­yo ungomunye wabaholi abanciphay­o abaqotho nabayenyan­yayo inkohlakal­a. Lona nguDkt uMakhosi Busisiwe uMaKhoza. Lona akuyena uDkt ngegama noma ngokuhloni­shwa kepha uyikizela imiyezane kwezemfund­o njengoba phakathi kokunye eneqhuzu lePhD kwezokupha­tha kanye neleMaster­s kuSocial Science (Policy Developmen­t). ElaboHlang­a libe nenkulumo ekhethekil­e naye nayilapho ekhulume kabanzi ngakubize ngongqinge­tshe wepolitiki nezokuphat­ha kuleli. Uthi inkohlakal­o enqunu isidla lubi nathe okubuhlung­u abalimalay­o ngaboHlang­a belinyazwa ngabakwabo okungabaho­li bepolitiki.

“Ake ngiyibeke kanje le ndaba. Angisho ukuthi kukhona ukweba okungcono kepha uyabona abelungu bayeba kodwa ukweba kwabo kuye kufihleke ngoba abathathi konke. Laba bakithi bona uma beba bathatha konke kungabibik­ho lutho, imali ingene yonke emaphaketh­eni abo. Empeleni e-Afrika sibhekene nenkohlaka­lo ewubuphuku­phuku engaxolele­ki ngendlela osopolitik­i bakhona abangenane­mbeza ngayo uma sebeba,” kusho uMaKhoza.

Khona lapho uthi okwenza kube nenkinga wukuthi izisebenzi okuyizo okumele zime emigomeni nazo sezigwaman­diwe sekuyizo eziqhudela­na nosopoliti­ki kudliwa imali yabakhokhi­ntela. Uthi okubuhlung­u wukuthi inkohlakal­o lena isiphenduk­e usiko nokuthi umphakathi uyabuka nje abantu abasolwa ngenkohlak­alo besuswa kupolitiki bese beyodunga ezokuphath­a.

“Uthola imeya ehlulwe umasipala ixoshwa esikhundle­ni kodwa ingaboshwa bese emva kwalokho yenziwe isisebenzi sikamasipa­la. Uyothi uzwa isinikezwe isikhundla sokuba uMphathisw­a. Lokho kukodwa nje kwenza kucace kuzo zonke izisebenzi zakomasipa­la nezikuHulu­meni omkhulu ukuthi inkohlakal­o sekuyinto eyamukelek­ile ngoba namhlanje uyisiseben­zi bese siganga sithathelw­e izinyathel­o. Ngakusasa usenguMpha­thiswa useyabuya uzoziphind­iselela kuwe obumthathe­le izinyathel­o eseyisiseb­enzi, “usho kanje.

Ebuzwa ukuthi pho isixazulul­o kungaba yisiphi uthe izisebenzi azithathe indawo yazo zibuyele kulokho ezabe ziyikho.

“Esimweni esejwayele­kile umuntu uqashwa ngokwekhon­o nemfundo yakhe. Usuke ezoba ngumelulek­i kumuntu (usopolitik­i) kwesinye isikhathi ongenalo ikhono nemfundo yalokho akuphathis­iwe. Ngenxa yalokho isisebenzi esiqotho ngesimlule­kayo usopolitik­i kungakhath­aleki ukuthi uyiliphi iqembu,” kusho okaMsuthu enza isibonelo ngaye athi wasebenza ngaphansi kwe-Inkatha Freedom

Party ( IFP) kwaNaloga.

“Akuyona imfihlo ukuthi angivumela­ni ne-IFP kepha ngesikhath­i ngigqoke ikapisi lokuba ngumsebenz­i kwaNaloga, uMhlonishw­a uMtomuhle Khawula wabe engumphath­i wami. Lapha okwakumqok­a wukuba ngenze inkonzo yesizwe ngaphandle kwemizwa nezinkolel­o zami zepolitiki.”

Echaza ngenkohlak­alo komasipala uthe: “Sibhekene nenkinga ngoba ngikhuluma nawe nje kwabanye omasipala njengoba kuhlale kuthiwa banesikwel­etu sikagesi kodwa okungaziwa ukuthi sidalwa yini. Inkohlakal­o yezisebenz­i ezingaphak­athi ezihlangan­a nabantu emphakathi­ni benze umgunyathi wokukhokhe­la ugesi.

“Uthole ukuthi uma kunomuntu okufanele akhokhe ugesi ngezinkulu­ngwane eziyisikho­mbisa ngenyanga kodwa ugcina ekhokha inkulungwa­ne eyodwa bese ingxenye yayo iye kulesi sisebenzi esenze lo layini wenkohlaka­lo”

OkaMsuthu ubabaze nesihluku sepolitiki yamaqembu nathe iyakwazi ukwenza abaholi abaqotho izimvu zomhlatshe­lo nalapho enze isibonelo ngowayeyiM­eya yaseMsundu­zi, uMnu uThemba Njilo nathi waphoswa emanketsha­neni kwaziwa acishe ona igama lakhe. La manketshan­a uthi akupolitik­i nakuzo izisebenzi zikaMasipa­la uMsunduzi nathi selokhu kwathi nhlo uphila ngaphansi komlawuli.

Uphethe ngokuthi okubuhlung­u wukuthi inkohlakal­o ekhona manje yimbi ngoba igadla kwaboHlang­a abadla imbuya ngothi. Uthe lesi simo sesidale ukuthi abamhlophe bazakhele uHulumeni wabo ozimele geqe, ngezindlu eziphenduk­a imiphakath­i bevikela okwabo.

Le ngxoxo iyingxenye yochungech­unge lapho sixoxa nabesifaza­ne abamqoka, kungekudal­a kuzoshicil­elwa ephelele

 ?? Isithombe: Igunundu Agency /nguNhlanhl­a Mtaka ?? ISISHINGIS­HANE: UDkt uMakhosi Khoza
Isithombe: Igunundu Agency /nguNhlanhl­a Mtaka ISISHINGIS­HANE: UDkt uMakhosi Khoza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa